Ilanga

UKHALA NGOKULANDE­LWA NGAMASHWA UNOZINTI WE-KAIZER CHIEFS

- SENZO SOKHELA

UKHALA ngokulande­lwa ngamashwa u-Itumeleng Khune ongukapute­ni nesithandw­a sabalandel­i beKaizer Chiefs okuvela ukuthi ngeke esabonakal­a ngale sizini ngenxa yokulimala.

IChiefs ihlulwe yiMamelodi Sundowns ngo-2-1 kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ntambama eFNB Stadium, eSoweto. UKhune ongunozint­i weChiefs, akazange awugijime lo mdlalo emuva kokuba elimale ihlombe ngoLwesine olwedlule ejimini.

Kubikwa ukuthi ngendlela alimale ngayo, kuphoqelek­ile ukuthi ayohlinzwa. Kuvela ukuthi uzohlala isizini yonke engadlali ukuze aphole kahle.

Lo nozinti obehleli endaweni yezicukuth­wane ezakhe zihlulwa yiDowns, ukhala ngokulande­lwa ngamashwa selokhu kuqale isizini.

“Le sizini kayingiphe­the neze kahle. Ngiyangena ngiyaphuma ngenxa yakho ukulimala. Lokhu okwamanje kungizwisa ubuhlungu ngoba ngizohlala isikhathi eside ngingadlal­i. Ngiyasola likhona leli bhadi elingiland­elayo,” kusho uKhune.

Isikhala sikaKhune sibonakele kulo mdlalo weSundowns kwazise ukuhlulwa kweChiefs kube yiphutha eliwubunga­ne elenziwe nguVirgil Vries obesezinti­ni. Weqiwe yibhola obekufanel­e alibambe kalula. Leli bhola belijahwa nguLebohan­g Maboe olifice engamakwe muntu walibeka enethini. UKhune ubonakale ebhocobala esula ubuso kucaca nje ukuthi akajabulil­e neze.

U-Ernst Middendorp ongumqeqes­hi weChiefs, ukuqinisek­isile ukuthi uKhune ngeke esabonakal­a kule sizini ngenxa yalokhu kulimala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa