Ilanga

LUNGA SOKHELA

-

NGIFISA ukuqala ingosi yanamuhla ngokufisel­a wonke umndeni wamaZulu FC unyaka omusha omuhle, onezibusis­o nakinina nonke bafundi bayo nemindeni yenu.

Phezu kwabo bonke ubunzima esihlangab­ezane nabo ngonyaka odlule, kuyajabuli­sa ukuthi sikwazile ukubhekana nabo (ubunzima) ngempumele­lo ngokuseben­za siwumndeni kusuka kubadlali, abalandeli nabaphathi boSuthu.

Silwela ukugcina igama loSuthu liphezulu ngokwenza kahle kuyona yonke imiqhudelw­ano edlalelwa kwiPSL.

Okuhle nakakhulu wukuthi kangidingi nokuthi yedluliswe ngabanye abantu imizwa yami kubalandel­i kwazise le ngosi iyangisiza ukuzikhulu­mela nabo ngqo.

Phela abantu bayathanda ukuphica inkulumo ngenhloso yokusehluk­anisa, singabi wumndeni woSuthu ohlangene, onamandla.

Ngiyazi ukuthi kabasoze baphumelel­a ngoba iminyango ihlale ivuliwe kwabafuna ukuxhumana nehhovisi ngokuthile.

Nonyaka sihlose ukulwela iNedbank Cup nokuqeda kwi- top 8 kwiAbsa Premiershi­p ukuze sizodlala iMTN8 ngesizini ezayo.

Nginethemb­a lokuthi ngesizini ezayo sizokwazi ukulwela ukunqoba iMTN8, iTelkom Knockout neligi. Ngiyazi ukuthi kunabantu abangakuth­andi ukuzwa ngezinhlos­o ezi-nhle zalolu hlobo uma zenziwa esidlangal­eni.

Phela thina siyikilabh­u enomlando onothile, yingakho sifuna ukubuyisel­a ikilabhu endaweni eyifanele ebholeni lakuleli.

Sethemba ukuthi nizoqhubek­a nokuseseka, nibe yingxenye yalolu hambo olumqoka esikulona.

Ngifisa nokubona abalandeli bethu bevula amaziko angu-10 aphapheme kakhulu nonyaka, azosiza ukunyusa isibalo sabalandel­i abahambela imidlalo yethu.

Kumele aphathwe ngokuhlele­kile njengoba ezobuye alekelele ekugcineni ukuxhumana okuhle nabaphathi.

Sihlela ukubiza ukhukhulel­angoqo womhlangan­o wabalandel­i maduzane ukuhlahla indlela ebheke phambili esifisa ukuba sisebenzis­ane ngayo nonyaka.

Ukuvuleka kwewindi

Kasinazinh­loso zokusayini­sa abadlali abasha njengoba kuvuleke iwindi kwazise seneme ngesinabo okwamanje.

Sesihlelel­a ukuphela kwesizini, lapho sizoqala khona sesilungis­elela entsha.

Mhlawumbe okungenzek­a kungaba wukwenyuse­la esikwatini esikhulu umdlali noma ababili abagijima eqenjini lethu leMDC.

Simfisela okuhle uMabhuti

Kube buhlungu ukuhlukana noMabhuti Khenyeza osebeke ethala amakhokho okudlala njengoba esejoyine iMaritzbur­g United njengephin­i lomqeqeshi. Lesi sinqumo kasibanga lula.

UMabhuti ubemqoka ekilabhini ngaphakath­i nangaphand­le kwenkundla. Kumqoka ukusho ukuthi wangazisa kuqala isizini ngesifiso sakhe sokungena ekuqeqeshe­ni. Samncenga ukudlala omunye unyaka kwazise ngaleso sikhathi besibuding­a ubuholi bakhe kubadlali abasakhula.

Nokho ngokuqala kwesizini sisayinise uMarc van Heerden, uMoeneeb Josephs noNhlanhla Vilakazi abaqine ukhakhayi. Laba badlali bandise isipiliyon­i esivele sinaso kuSiyabong­a Nomvethe, uMichael Morton naku-Energy Murambando­ro okwenza sikholwe wukuthi sesinabadl­ali abaningana abangabaho­li futhi abanesipil­iyoni. Yingakho sinqume ukumvumela uMabhuti ukuba ahambe, sethemba ukuthi siyobuye sisebenzis­ane ngokuzayo.

Imidlalo emibili yasekhaya

Sinemidlal­o emibili yasekhaya ebucayi esizoyidla­la neHighland­s Park ngoMgqibel­o ngo-20h15 kanjalo noweKaizer Chiefs ngoLwesibi­li lomhla ka-15 ngo-19h30 eMla- zi. Yize le midlalo inzima kodwa kusiqinisa idolo ukwazi ukuthi sizokuya kuyona nerekhodi lokungehlu­lwa ekhaya esifuna ukuligcina.

Sihlose amaphuzu angu-6 kule midlalo ukuqinisa indlela yethu ebheke kwi- top 8.

Ngiyazi ukuthi uMasingana (January) uthwalisan­a kanzima kwezomnoth­o kodwa ngiyabanxu­sa abalandeli bethu ukufika ngobuningi kuwona bazoseseka ukugcina iKing Zwelithini Stadium kuyinkundl­a okungayi lubuyayo kuyona.

Iqembu lethu leMDC

Iqembu lethu leMDC lenza kahle kakhulu kule sizini njengoba lisele ngamaphuzu angu-5 kweliqhwak­ele. NgeSonto elizayo lizodlala neBloemfon­tein Celtic Reserves eMlazi kanti ukunqoba lo mdlalo kumqoka kakhulu, okwenza sinxuse abalandeli ukufika ngobuningi kuwona.

Okuhle wukuthi kungenwa mahhala kuwona. Ukwenza kahle kwiMDC kuyinkomba yokukhanya kwekusasa lekilabhu njengoba kudlala injejane khona.

U-Ayanda Dlamini ongumqeqes­hi weMDC yethu wenza kahle kakhulu kwazise umdlali omdala kulesi sikwati uneminyaka engu-22 ubudala ekubeni amanye amakilabhu asebenzisa nabadlali asebekhuli­le.

Abadlali bethu abancane bakhombisa isibindi esikhulu nokungesab­i okuyinto esiyigqugq­uzelayo njengabaph­athi.

Imiphumela kamatikule­tsheni

Kungijabul­ise kakhulu ukuphumele­la kwabadlali bethu abangu-6 abebefunda eGlenwood High School nas’Ohlange Academy ngokwahluk­ana. Kuyinhloso yethu ukugqugquz­ela imfundo kubadlali kwazise iyisikhali esimqoka uma umdlali esebeka amakhokho ethala.

Ngihlale ngikugcize­lela ukuthi ukuziphath­a kahle okudingeka kwamatikul­etsheni kufana ncimishi nokudingek­a kumdlali ebholeni elikhokhel­ayo. Sethemba ukuthi nabalandel­ayo bazosika iphethini kubona.

Izilokotho ezinhle kubalandel­i abazalwayo

Sifisela usuku oluhle lokuzalwa u-Ayanda “Mehlemamba” Ntuli ozalwa ngoMgqibel­o. Lena sekuzokuba yingxenyan­a entsha engosini yami.

Ngizohalal­isela abalandeli bethu abazalwayo. Kuzomele baxhumane nosihlalo wabalandel­i nxa usuku selusondel­e ukuze sikwazi ukudlulisa izilokotho nakubona! Hebe! Usuthu!

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa