Ithungatha umgadli ovuthayo iChiefs

Kuvela igama likaFileccia nelikaMabena

Ilanga - - Ezemidlalo - SENZO SOKHELA

USEPHUME umkhankaso wokuthungatha umgadli ozoxazulula inkinga ebhekene nezakhe u-Ernst Middendorp ongumqeqeshi weKaizer Chiefs ewuvule kabi unyaka.

IChiefs iwuqale kabi unyaka iguqiswa ngezinye zezimbangi zayo ezinkulu iMamelodi Sundowns ngo-2-1 kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ntambama eFNB Stadium, eSoweto. Amagoli okunqobe ngawo iDowns abekwe enethini ngu-Anthony Laffor ngomzuzu ka-3 noLebohang Maboe ngoka-81, kwathi eleChiefs lashaywa nguWillard Katsande ngoka14.

IChiefs bekufanele iwunqobe lo mdlalo kwazise yiyona ebibukeka ingcono futhi ifika emapalini ihlulwa wukuqedela iminyakazo yayo. Ize ihlulwa nje, kungenxa yephutha likanozinti wayo, uVirgil Vries, oweqiwe yibhola obekufanele alibambe kalula, elijahwe laficwa nguMaboe olibeke enethini engasamakwe muntu.

Nakuba simcasulile isenzo salo nozinti uMiddendorp kodwa ukhalile ngokuba buthuntu kwabagadli bakhe.

ILANGA lihabule ngemithombo yalo engaphakathi kwiChiefs uku- thi uMiddendorp usephume umkhankaso wokuthungatha umgadli ozoqedela la mathuba abawatholayo bawamoshe.

Kuthiwa uyalele abaphathi bale kilabhu ukuba bazame ukumlandela oyedwa phakathi kukaAndrea Fileccia okuthiwa iyaphela inkontileka yakhe neMaritzburg United uma kusongwa isizini noma uNdumiso Mabena okuthiwa naye ufuna ukuhamba kwiBloemfontein Celtic ngenxa yokuthi ihaqwe yizinkinga.

“Into eyenzeke kulo mdlalo weSundowns ingenze ngabona ukuthi kufanele singene emakethe sibheke umgadli. Bakhona enginabo emqondweni kodwa konke kuzoncika ekutheni amakilabhu abo ayavuma yini ukubadedela ngoba basenezinkontileka nawo.

"Nakuba ingizwise ubuhlungu indlela esihlulwe ngayo, unozinti wethu enza iphutha kodwa nathi siwayekile amathuba. Besiwuthwele lo mdlalo saziyekela thina,” kusho uMiddendorp.

IChiefs kuzokuthi ngoLwesithathu ngo-19h30 ibhekane nomdlalo onzima lapho izotholana khona phezulu neBidvest Wits koweAbsa Premiership eBidvest Stadium, eGoli.

IWits yiyona eqhwakele esicongweni se- log kanti injalo nje ivutha ingabaselwe njengoba ihlule iFree State Stars ngo-2-1 koweligi ngoMgqibelo ebusuku eGoble Park, eBethlehem.

“Sibhekene nomdlalo onzima, iWits isefomini kodwa singayehlula, yikhona nje ukuthi sinezinkinga eziningi ekilabhini. Silinyalelwe ngunozinti wethu omqoka u-Itumeleng Khune, kwaphinde kwazolimala uKatsande engingazi noma uzoba khona yini kulo mdlalo.

“Kodwa-ke kangifuni kube sengathi sengiqala ukubeka izaba ngoba wonke umdlali olapha kwiChiefs ukhona ngoba kumfanele.

"Kufanele noma ngubani onikwa ithuba asiphakamise isandla,” kusho uMiddendorp.

Isiyonke imidlalo ye-Absa Premiership ehlelelwe ukugijinywa phakathi nesonto iqhathwe kanje:KUSASA NGOLWESIBILI E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Chippa United 19h30 (SS4). NGOLWESITHATHU EBidvest Stadium: Bidvest Wits vs Kaizer Chiefs 19h30 (SS4).

EHarry Gwala Stadium: Maritzburg United vs Free State Stars 19h30 (SS7).

OweMamelodi Sundowns nePolokwane City uhlehlisiwe ngenxa yeCaf.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

ABAQEQESHI beKaizer Chiefs, u-Ernst Middendorp nesekela lakhe uShaun Bartlett.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.