KUDUKE UMGADLI WE-PMB UTD EBULAWE YI-ARROWS NGENDUKU

Ilanga - - Ezemidlalo - SENZO SOKHELA

ILAMONTVILLE Golden Arrows ihlikihle usawoti esilondeni esibhibhayo seMaritzburg United iyitaxa ngo-2-0 kowe-Absa Premiership izolo ngeSonto ntambama eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont ngaphandle kancane kwasePinetown.

ITeam of Choice ithole le nduku nje, iphithene amakhanda njengoba kunyamalele umgadli wayo uYannick Zakri ongaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo.

Lokhu kucasule umqeqeshi weMaritzburg, uMuhsin Ertugral olibeke ngesihloko elokuthi lomgadli makasho nxa engafuni ukuqhubeka nokudlala kule kilabhu, bazomkhulula, baningi abafu- na lo msebenzi.

I-Arrows inqobe lo mdlalo ngamagoli kaKnox Mutizwa alibeke enethini ngomzuzu ka-10 nelikaJoao Moreira alishaye ngoka-47.

I-Arrows iqede lo mdlalo ingasaphelele kukhishwa ngekhadi elibomvu uWayde Jooste ngomzuzu ka-65 ngokudlalisa kabi uKeletso Makgalwa.

IMaritzburg iye kulo mdlalo idinga amaphuzu agcwele kwazise yiyona ebambe ibhuleki emsileni we- log. Lokhu kubonakale ngokuthi umnikazi wayo, uFarook “Ntshebe” Kadodia, aqashe amadoda amane abegade ezindlini zokushintshela zale kilabhu ukuthi akekho osondela kubadlali bakhe.

Kuvela ukuthi ubesola okuthile ukuthi kungase kwenziwe kubadlali bakhe. Phezu kwalokho i-Arrows kayizange ibe nazwelo yawuhlikihla usawoti esilondeni somkhaya.

U-Ertugral ushiye angalazi kubadlali bakhe emuva komdlalo.

“Kuningi okusafanele ngikulungise kule kilabhu, kunabadlali abazenzela ukuthanda kwabo, ngibatshela into bona bazenzele eyabo.

"Lo mdlalo besingeke siwunqobe, kasizange sakhe amathuba kanti sibanike intuba yokudlala. Kodwa-ke ngizozilungisa izinto, lokho kangikungabazi.

Yihlazo into ebiyenzeka kule kilabhu emidlalweni engu-15 isashaye amagoli angu-5, yizinto okufanele zilungiswe zonke lezi,” kusho u-Ertugral.

USteve Komphela ololonga i-Arrows, uncome iMaritzburg ngokubanika umdlalo omnandi.

“Sidlale nabo singazi ukuthi bazoqhamuka naluphi uhlu kodwa sakwazi ukumelana nabo. Kube ngumdlalo omnandi kodwa kwanzima sesishoda. Into engijabulisayo wukuthi siqale kahle sathola namaphuzu amqoka,” kusho uKomphela.

Isiyonke imiphumela yemidlalo ye-Absa Premiership imi kanje: Baroka FC 1, Leopards 2; Arrows 2, Maritzburg 0; Highlands 2, Pirates 2; SuperSport 0, Cape Town City FC 1; Free State Stars 1, Wits 2; Polokwane 3, AmaZulu FC 2; Chiefs 1, Sundowns 2; Chippa 0, Celtic 1.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.