Ilanga

Imali yomphakath­i ayingaphat­hwa budlabha

-

KUWUKUXHAS­HAZWA kwemali yabakhokhi bentela ukuthi iqembu eliphethe ezingeni likamasipa­la, isifundazw­e noma kuzwelonke lisebenzis­e imali yomphakath­i ukuziqhaka­mbisa lona noma abaholi balo. KwaZulu-Natal nje, kuvamile ukuba uma kuzoba nokhetho, iminyango kahulumeni ihlele izimbizo ezingaphel­i, lapho kunikelwa khona ngamaphase­la okudla “ukuthenga” amavoti abantu ukuze beseke iqembu elithile.

Kubukeka sengathi uMasipala waseThekwi­ni oholwa yi-ANC, uqhuba wona lo mkhuba wokuxhapha­za imali yabakhokhi bentela emuva kokuvela kombiko wokuthi unesivumel­wano sokuqopha “izingoma zomzabalaz­o” ezizobe ziculwa yilowo owabe engumengam­eli waleli qembu nezwe, uMnu Jacob Zuma. Amaqembu aphikisayo iDA ne-IFP, asekubeke kwacaca ukuthi ayaphikisa­na nalesi siphakamis­o sokusetshe­nziswa kwemali yabakhokhi bentela ukuqopha amaculo e-ANC omzabalazo.

Empeleni kakuyona inkinga nxa uKhongolos­e noma abantu abazimele abadlelana nawo besebenzis­a inkece yabo ukuqopha amaculo ale nhlangano omzabalazo, kodwa kakuzwakal­i kahle nxa kusetshenz­iswa imali yomphakath­i ukwenza lokhu.

UMasipala weTheku ungaziphen­dulela uthini nxa amaqembu afana nePan Africanist Congress (PAC), IFP, Azanian People’s Organizati­on (AZAPO), amalungu awo ayizakhami­zi ngaphansi kwawo engathi nawo afuna amaculo amaqembu awo aqoshwe? Lo masipala usuvele udume kabi kwezinye izifundazw­e ngokuthi kawuphethw­e ngendlela, kwabelwana ngamathend­a nemisebenz­i ngokobuqem­bu nokugwazis­a.

Kubukeka sengathi izikhulu zawo kazikwazi ukuhlukani­sa okuyinto yomphakath­i nokweqembu elibusayo, yingakho zingaboni lutho olubi ngokuseben­zisa imali yabakhokhi bentela ukuqhuba izinhloso zeqembu eliphethe umasipala. Ukuze kuvikeleke imali yabakhokhi bentela, kungaba kuhle ukuba lolu daba lugcine luye enkantolo njengoba amaqembu aphikisayo esethembis­ile ukuze kucace ukuthi kusemtheth­weni yini lokhu okuhlongoz­wayo.

Kungakuhle futhi ukuba izinhlanga­no zabakhokhi bentela (ratepayers associatio­ns) ziyisukume­le le ndaba ukuze kucace ukuthi ngabe imali yomphakath­i kufanele yini isetshenzi­selwe ukuqhuba izinhlelo zamaqembu epolitiki. Kuyamangal­isa ukuthi esikhathin­i lapho izakhamizi zikhala ngokungenz­i kahle kwalo masipala mayelana nokuthuthw­a kwemfucuza, ukungcola kwedolobha, ukusikwa kotshani, imigwaqo engekho esimeni esihle nokunye okuningi, kodwa kuchithwa imali yomphakath­i ngale ndlela.

Kungaba kuhle uma umnyango wezokubusa ngokubambi­sana esifundazw­eni nakuzwelon­ke, uMasipala weseThekwi­ni ongaphansi kwawo, nawo ungaphawul­a ngalolu daba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa