Imali yomphakathi ayingaphathwa budlabha
KUWUKUXHASHAZWA kwemali yabakhokhi bentela ukuthi iqembu eliphethe ezingeni likamasipala, isifundazwe noma kuzwelonke lisebenzise imali yomphakathi ukuziqhakambisa lona noma abaholi balo. KwaZulu-Natal nje, kuvamile ukuba uma kuzoba nokhetho, iminyango kahulumeni ihlele izimbizo ezingapheli, lapho kunikelwa khona ngamaphasela okudla “ukuthenga” amavoti abantu ukuze beseke iqembu elithile.
Kubukeka sengathi uMasipala waseThekwini oholwa yi-ANC, uqhuba wona lo mkhuba wokuxhaphaza imali yabakhokhi bentela emuva kokuvela kombiko wokuthi unesivumelwano sokuqopha “izingoma zomzabalazo” ezizobe ziculwa yilowo owabe engumengameli waleli qembu nezwe, uMnu Jacob Zuma. Amaqembu aphikisayo iDA ne-IFP, asekubeke kwacaca ukuthi ayaphikisana nalesi siphakamiso sokusetshenziswa kwemali yabakhokhi bentela ukuqopha amaculo e-ANC omzabalazo.
Empeleni kakuyona inkinga nxa uKhongolose noma abantu abazimele abadlelana nawo besebenzisa inkece yabo ukuqopha amaculo ale nhlangano omzabalazo, kodwa kakuzwakali kahle nxa kusetshenziswa imali yomphakathi ukwenza lokhu.
UMasipala weTheku ungaziphendulela uthini nxa amaqembu afana nePan Africanist Congress (PAC), IFP, Azanian People’s Organization (AZAPO), amalungu awo ayizakhamizi ngaphansi kwawo engathi nawo afuna amaculo amaqembu awo aqoshwe? Lo masipala usuvele udume kabi kwezinye izifundazwe ngokuthi kawuphethwe ngendlela, kwabelwana ngamathenda nemisebenzi ngokobuqembu nokugwazisa.
Kubukeka sengathi izikhulu zawo kazikwazi ukuhlukanisa okuyinto yomphakathi nokweqembu elibusayo, yingakho zingaboni lutho olubi ngokusebenzisa imali yabakhokhi bentela ukuqhuba izinhloso zeqembu eliphethe umasipala. Ukuze kuvikeleke imali yabakhokhi bentela, kungaba kuhle ukuba lolu daba lugcine luye enkantolo njengoba amaqembu aphikisayo esethembisile ukuze kucace ukuthi kusemthethweni yini lokhu okuhlongozwayo.
Kungakuhle futhi ukuba izinhlangano zabakhokhi bentela (ratepayers associations) ziyisukumele le ndaba ukuze kucace ukuthi ngabe imali yomphakathi kufanele yini isetshenziselwe ukuqhuba izinhlelo zamaqembu epolitiki. Kuyamangalisa ukuthi esikhathini lapho izakhamizi zikhala ngokungenzi kahle kwalo masipala mayelana nokuthuthwa kwemfucuza, ukungcola kwedolobha, ukusikwa kotshani, imigwaqo engekho esimeni esihle nokunye okuningi, kodwa kuchithwa imali yomphakathi ngale ndlela.
Kungaba kuhle uma umnyango wezokubusa ngokubambisana esifundazweni nakuzwelonke, uMasipala weseThekwini ongaphansi kwawo, nawo ungaphawula ngalolu daba.