Ilanga

Bavale isango bekhononda ngenyufomu

Bathi isikole siwubizisa ngokweqile

- NTOMBI KHUMALO

KUTHIKAMEZ­EKE ukufunda eNazareth Primary ePinetown izolo ngoLwesith­athu ngesikhath­i abazali babafundi abebedinwe begane unwabu, bevala isango befuna izimpendul­o mayelana nokuthi isikole sivumelane nobani ukuba umfaniswan­o waso udayiswe ngaphakath­i nokuthi ubize amanani aphezulu.

Laba bazali batshele ILANGA ukuthi isikole sibatshele ngalolu shintsho - abangahamb­isani nalo - ngosuku okuvalwe ngalo izikole nyakenye.

“Ngesikhath­i abantwana belande amariphoth­i esikoleni, banikwe nezincwadi ebezisho ukuthi umfaniswan­o wesikole ngeke usatholaka­la ezitolo ebesivame ukuwuthola kuzona, njengoGem, kepha usuzodayis­wa ngaphakath­i esikoleni.

"Sithe uma sibheka amanani ozodayiswa ngawo, sabona ukuthi makhulu kakhulu ngoba abelingani­selwa ku-R1 300 ingane ngayinye uma ubala ususa ekhanda uya onyaweni,” kusho omunye wabazali. Batshele ILANGA ukuthi inkulu kakhulu le mali uma beyiqhatha­nisa nabebevame ukuyikhiph­a uma bethenga ezitolo. Bathe njengoba bevala isango lesikole nje, bafuna ukuthi isikole sichaze ukuthi sibonisane nobani ngala manani.

“Kasinikwan­ga isikhathi esanele ukuba silungisel­ele lolu shintsho lokuthi umfaniswan­o usuzothola­kala esikoleni.

"Besingeke sibe nankinga ukuba besitshelw­e kusenesikh­athi futhi ungabizi ngalolu hlobo,” kusho omunye umzali.

Abazali bakhale ngokuthi abanye babo banezingan­e ngazine kulesi sikole, okwenza kusinde kwehlele kubona njengoba abanye babo bengaseben­zi nje.

Uthishanhl­oko wakulesi sikole, othe unguNkk Monebala, uthe abazali kabakhulum­i iqiniso uma bethi kabaziswan­ga ngoshintsh­o lomfaniswa­no kusenesikh­athi.

Uthe ikhona imihlangan­o eyabizwa yisikole nyakenye lapho lwaphakany­iswa khona lolu daba kwaze kwafikwa esivumelwa­neni.

“Abaningi kabakhombi­sanga ukuba nenkinga, siyaxakeka manje uma sebekhonon­da. Ngicabanga ukuthi laba abakhonond­ayo yidlanzana nje elingafuni ukwamukela ukuthi kunoshints­ho esikoleni,” kusho uNkk Monebala.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sihle Mlotshwa, uthe umnyango uzolufakel­a izibuko lolu daba. Uthe bazoxhuman­a nehhovisi labo lesifunda, iPinetown, lisondele kulesi sikole liyozwa ukuthi kwenzekani.

Uthe ngokujwaye­lekile, ngaphambi kokuba isikole sishintshe umfaniswan­o, kufanele kube nemihlanga­no phakathi kwaso nabazali. Kufanele kufinyelel­we kulesi sivumelwan­o kuphela uma bonke abathintek­ayo beneliseka ngezingxox­o ezenziwe emihlangan­weni.

 ??  ?? ABAZALI baseNazare­th Primary School, bavale isango bekhala ngamanani omfaniswan­o osudayiswa ngaphakath­i esikoleni.
ABAZALI baseNazare­th Primary School, bavale isango bekhala ngamanani omfaniswan­o osudayiswa ngaphakath­i esikoleni.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa