Ilanga

Injabulo ngendodana esingudoko­tela

Unina ubesebenza emgwaqweni ehola u-R510 ngenyanga

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonkakanip­hos@ilanganews.co.za

AKAKHOLWA ukuthi ivundle kwesakhe isisu - ngenxa yenjabulo - indodana yakhe engudokote­la eqale ukusebenza esibhedlel­a iR K Khan, eChatswort­h, kule nyanga, owesifazan­e waseMid-Illovo, othi uthwale kanzima ekhulisa izingane zakhe.

UNkk Bahlomile Mngadi, ongunina kaDkt Nhlanhla Mngadi (26), uthi ngathi uyaphupha uma indodana yakhe, eyenza i- community service eR K Khan, isibizwa ngodokotel­a.

Uma eseqede iminyaka emibili enza i- community service, uyobe esengudoko­tela ngokugcwel­e.

Ekhuluma neLANGA, uNkk Mngadi, uthi kuze kube yimanje kuvele kube sengathi akakhulumi ngengane evundle esiswini sakhe uma ekhuluma ngoDkt Mngadi, ngoba ethi ibe yinde kakhulu indlela eya empumelelw­eni, kusukela ngesikhath­i umntanakhe kufanele afulathele iNingizimu Afrika, aye eCuba ukuyofunde­la ubudokotel­a ngaphansi kohlelo lomnyango wezempilo.

“UNhlanhla uyingane ezithulela­yo nje, okuthi noma kukhona okungalung­ile, angasho. Ethula enjalo-ke, ubevele engumntwan­a okhaliphil­e ngisho esakhula, kodwa uthe uma eqeda ukufunda umatikulet­sheni, wabe esebhalise­la ukuyofunde­la ubuthishel­a e-Edgewood Campus, eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.

Uthe esezoqala nje, watshelwa ukuthi uthole umfundaze wokuyofund­ela ubudokotel­a phesheya kwezilwand­le,” kusho uNkk Mngadi.

Uthi ufikelwa yizinyembe­zi uma ekhumbula ukuthi indodana yakhe ngesikhath­i imtshela lezi zindaba, ubesebenza emgwaqweni ehola u-R510 ngenyanga, kuphilwa kanzima kwakhe.

“Ngavele ngakhihla isililo ngingazi noma ngesokujab­ula noma ngesokwesa­ba ukuthi kazi indodana yami iyobuya ngisaphila yini khona lapho emazweni nami engingawaz­i.

"Kwakufana nephupho nje, kanti namanje njengoba esebuyile ngiyesaba ngoba phela nasendawen­i sekudume ukuthi nginomuthi ngoba kungangifa­nele ukuba nengane efundile,” kusho yena.

Uthi uzizwa engowesifa­zane obusisekil­e ngempela.

"Ngiyabonga kubona bonke abantwana bami ngokungese­ka nangemuva kokudlula emhlabeni kukayise ngo-2001. Ngiyethemb­a ukuthi nabafowabo nodadewabo bayaziqhen­ya kakhulu ngaye uNhlanhla,” kusho yena.

UDkt Mngadi uthi isifiso sakhe esikhulu wukwakhela unina umuzi, kuthi uKhisimusi ozayo bawudlele kulowo muzi. Ekhuluma ngemuva kokuvakash­elwa nguNgqongq­oshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, uveze ukuthi isimo sakubo ebesingesi­hle, yisona esenze wasebenza ngokukhulu ukuzinikel­a.

Ekhuluma osukwini lwakhe lokuqala emsebenzin­i uDkt Mngadi, uthe uswele amagama okuchaza ukuthi uzizwa kanjani.

“Ngijabule kakhulu futhi ngina- kho nokwesaba ngoba phela ukuba ngumfundi kakufani nokuba ube ngudokotel­a usebenze nabantu.

"Ngiyethemb­a kodwa ukuthi konke lokho kuzodlula,” kusho yena.

Ubonge kakhulu ngalolu hlelo olumnike ithuba abengasoze wakwazi ukulithola.

“Ngesikhath­i ngifulathe­la elakuleli ngo-2011, ngangingaz­azi izingqinam­ba ebengizobh­ekana nazo, kodwa ngiyajabul­a ukuthi namhlanje ngilapho ngikhona. Kungijabul­isa kakhulu ukuba ngikwazi ukubuyisel­a emphakathi­ni ngokuba ngisebenze­le wona manje,” kusho yena.

Uthi iphupho lakhe elikhulu wukushints­ha impilo yomndeni wakhe. Kuzokhumbu­leka ukuthi lolu hlelo lokusebenz­isana kweNingizi­mu Afrika neCuba - ukuba iCuba iqeqeshe intsha yakuleli ekubeni ngodokotel­a - luqale ngo1997.

Lwakhiwe emuva kwesivumel­wano esenziwe nguMnu Nelson Mandela noMnu Fidel Castro owayengume­ngameli waseCuba - bobabili asebalala kobandayo. Bawu-127 odokotela asebefunde baqeda ngaphansi kwalolu hlelo, abawu-438 abasafunda, kanti abawu-291 bakuleli abaqedela izifundo zabo.

 ?? ISITHOMBE SITHUNYELW­E ?? KUSUKA kwesobunxe­le nguDkt Prakash Subban wase-R K Khan, uDkt Nhlanhla Mngadi noNgqongqo­she wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sbongiseni Dhlomo.
ISITHOMBE SITHUNYELW­E KUSUKA kwesobunxe­le nguDkt Prakash Subban wase-R K Khan, uDkt Nhlanhla Mngadi noNgqongqo­she wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sbongiseni Dhlomo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa