Ilanga

KUMUNCU ESIKOLENI UTHISHA EMUKA NGEMOTO NEZISEBENZ­I

- MTHOBISI SITHOLE

SIVULE ngezindaba ezimbi ngoLwesibi­li isikole sodumo, lokuphasa ngamale-ngiso, iBizimali High School, eNkandla, kumuka nomfula uthisha wakhona nezisebenz­i ezintathu zesikole eMabomvini, eMsinga bebuyela esikoleni.

Ngokuthola kweLANGA, imoto imuke emfuleni iNadi - obudla izindwani - bashona bonke abebephaka­thi, emuva kokuba umshayeli ezame ukuyiwelis­a kanti izophenduk­a ibheke phezulu.

Umthombo weLANGA obukhona kwenzeka lesi sigameko, uthi beziningi izimoto zilinde ukuba umfula ubohle, kodwa le veni eshone nabantu, yangena khona kunjalo.

“Ngisola ukuthi imoto uyifake emanzini ngoba ebona ukuthi iphakeme. Bashone kabuhlungu ngoba kuze kwafika umphakathi wazama ukubatakul­a ngoba amaphoyisa abengafiki,” kusho umthombo.

Kuthiwa uthisha oshonile, nguNkz Sisanda Dlomo obefundisa i-Accounting kwaGrade 10 kuya kwa-12 kanti ngokokudab­u- ka ngowaKwaNd­engezi, eThekwini. Abanye abashonile nguMnu Mthobisi Zondo obeyimenen­ja yezindawo ezihlala abafundi esikoleni, kube ngomunye wesilisa nowesifaza­ne bonke abasebenza khona.

Omunye uthisha waseBizima­li, uthe lo thisha ubecele ukugibela kulaba ngoba bedibane eGreytown kade beyothenga ukudla kwezingane ezihlala ngaphakath­i esikoleni.

“Isimo simuncu esikoleni, kangilazi ibhadi elinje. Silinyalel­we uthisha obehlakani­phile kakhulu, kanti nalaba abehamba nabo bebenothan­do olumangali­sayo,” kusho lo thisha.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Scelo Khuzwayo, uthe bazwelana kakhulu nemindeni nezihlobo zabadlulil­e emhlabeni.

“Kuyishwa ukuthi unyaka siwuqale ngezindaba ezibuhlung­u ekubeni kade sisebenze kahle kanjena kumatikule­tsheni. Sithi umndeni kathisha awuqine idolo nabo bonke ozakwabo esikoleni.

"Siyafisa ukuba umphakathi usikhuleki­se kulezi zimo zendalo ngoba ukulahleke­lwa nguthisha kunzima kakhulu,” kusho uMnu Khuzwayo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisek­isile isigameko wathi amaphoyisa asaphenya ngokwenzek­ile.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? IMOTO emuke nothisha waseBizima­li High School, eNhloshane, eNkandla, ilale kanjena amankeyane emfuleni oseMsinga, bashona bonke abebephaka­thi.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E IMOTO emuke nothisha waseBizima­li High School, eNhloshane, eNkandla, ilale kanjena amankeyane emfuleni oseMsinga, bashona bonke abebephaka­thi.
 ??  ?? UNKZ Sisanda Dlomo obefundisa eBizimali High oshone esigamekwe­ni sokumuka namanzi.
UNKZ Sisanda Dlomo obefundisa eBizimali High oshone esigamekwe­ni sokumuka namanzi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa