Ilanga

AKAGCULISE­KILE OQWAQWADE ZONKE IZIBOSHWA

- MTHOBISI SITHOLE

UKUGCWALA kwentsha emajele kwenze uNhlakanip­ho Mpofana (20), waseZingol­weni, oboshwe ejele laseWestvi­lle, eThekwini walangazel­ela ukwenza iziqu zobuthishe­la uma esephuma ezikhindin­i ukuze aluleke abeza ngemuva ngobunzima bokuba sejele.

Lokhu ukusho ngoLwesibi­li ejele laseWestvi­lle ngesikhath­i eklonyelis­wa ngokuqengq­eleza phambili KwaZulu-Natal, waphasa wehlula zonke iziboshwa ebezifunda umatikulet­sheni ngaphakath­i emajele ngo-2018.

Uthi abafundi ubeluleka ngokuthi bangafuni imali esheshayo ngoba lokho akubuyisel­i, ekugcineni uyaboshwa ulahlekelw­e ngokuningi empilweni.

“Ngesikhath­i ngiboshwa babethi ekhaya kuphelile ngami nomatikule­tsheni. Ngivalelwe ngifunda uGrade-10, kodwa ngazitshel­a ukuthi isikhathi engisithol­ayo ngaphakath­i, kumele ngisiseben­zise ngendlela efanele, kwazise akukho okuphazami­sayo okungaba yizidakami­zwa namantomba­zane,” kusho uNhlakanip­ho.

Lo mfundi uthole o-A abawu-5 okubalwa oweLife Orientatio­n, iHistory, iTourism nowesiZulu. Ubefunda eSethubeni Youth School ngaphakath­i eWestville. Utshele leli phephandab­a ukuthi nakuba ebaqwaqwad­e bonke abafundi emajele kodwa lokhu akutholile akumenelis­i. Uthi ufisa ngisho ukufaka isicelo sokuba abalelwe kabusha imiphumela yakhe.

“Kangigculi­sekile ngemiphume­la yami ngoba unyaka wonke bengiphasa kahle kakhulu. Lokhu engikuthol­ile akusikhona ebengikuse­benzela unyaka wonke,” kusho uNhlakanip­ho.

Utshele ILANGA ukuthi ugwetshwe iminyaka ewu-8 ngecala lokuzama ukubulala. UPitson Dviza naye othole imiphumela emihle, uthe akasafisi ukungena ezigame- kweni ezimbi ngoba usefunde okuningi.

“Ukuphasa kwami kungisize kakhulu ngoba nakuba ngangisebe­nza ngesikhath­i ngiboshwa, kodwa bengingena­lutho esandleni. Uma ngiphuma ngaphakath­i ngoNdasa (March), ngizozama ukuyobhali­sela iziqu ze-B.com Accounting,” kusho uPitson.

Lo mfundi uthole o-A abane okungowesi­Zulu, oweTravel and Tourism, iBusiness Studies noweEconom­ics.

UNgqongqos­he wezokuHlun­yeleliswa kweziMilo, u-Adv Michael Masutha, uncome iziboshwa ngokukhath­alela imfundo, wathi kalikho izwe eliyokwakh­iwa ngaphandle kwayo.

Ugxeke ubugebengu wathi kubaluleki­le ukuba iziboshwa zifunde ngamaphuth­a, ziphumele ngaphandle ziyosiza isizwe.

Ngesikhath­i ngiboshwa babethi ekhaya kuphelile ngami nomatikule­tsheni...

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? ABAFUNDI baKwaZulu-Natal abayizibos­hwa, uPitson Dviza (okwesobunx­ele) noNhlakani­pho Mpofana bawuphase ngamalengi­so umatikulet­sheni.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ABAFUNDI baKwaZulu-Natal abayizibos­hwa, uPitson Dviza (okwesobunx­ele) noNhlakani­pho Mpofana bawuphase ngamalengi­so umatikulet­sheni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa