Ugxeke abazali ngokunganaki uthisha

Ilanga - - Izindaba - MTHOBISI SITHOLE [email protected]

USHIYE angalazi kubazali uthisha waseKasturba Gandhi Primary School eNanda, izolo ngoLwesithathu, obebasola ngokungazinakekeli izingane zabo.

Ubekusho lokhu ebasola mayelana nesigameko athi sihlasele kulesi sikole sokunukubezwa kwabafundi bakwaGrade-R ngamanye amalungu omphakathi.

“Sibize umhlangano sathi ngeke iqale ukufunda ingane engekho umzali wayo. Lokhu sikwenza ngoba kunezingane eziningi ezidlwengulwayo kodwa abazali bazo bengakwazi lokho kuze kubonwe yithina.

“Abazali kabasazigezi izingane ekuseni uma ziya esikoleni ngoba uma ingane yakho uyigeza njalo ekuseni, ngeke ungawuboni umonakalo. Lezi zinkinga siyazibika kubazali abanye babo kungenzeki lutho bakhokhelane emaceleni, kuphelele kanjalo,” kusho lo thisha ongathandanga negama lakhe.

Udonse abazali ngendlebe wathi mabayeke ukuba budedengu ngoba lezi zigameko ziyenzeka kule ndawo, kumele baxoxe nezingane zabo uma zibuya esikoleni. Uthi abanye abazali kabayi ngisho emhlanganweni uma bebizwa ukuze baxoxelwe ngezinkinga zabantwana.

“Sisenkingeni ngenxa yabazali abangenalo uthando. Baletha izingane ngosuku lokuqala isazongena esikoleni, emuva kwalokho ngeke uphinde ubabone. Izingane zigcina zitshela thina ngisho zidlwenguliwe.

“Enye yazo ebifunda uGrade-1 nyakenye yaze yasitshela nokuthi uyise uyilala ngemuva ngoba useyilale kaningi ngaphambili,” kusho uthisha.

ILANGA livakashele izikole eziningi ezakhele iTheku njengoba eMqhawe Secondary School eNanda bekufundwa kodwa abafundi abaningi bebejikiswa kuthiwa mabayogunda izinwele.

EMbaliyamazulu Primary School, eNanda Newtown C, bakhale kakhulu othisha ngabazali abangazibhalisanga izingane nyakenye, abesebefuna izikhala izolo. Kwezinye izingxenye zeTheku beliyidliva, nokho abafundi bazidelile bagcwala imigwaqo nezambulela.

UNkz Zinhle Bukhosini ubeyibelethile ingane yakhe, uSenzeka Mabika, iyoqala uGrade-R eMbaliyamazulu Primary. Uthe akabulalanga ubuthongo ingane ijabulela ukuyofunda.

KUQALILE izolo ukufunda eMqhawe High School.

UMFUNDI odabuka e-Eastern Cape ojikiswe eyofuna isikhala ngoba engabhalisanga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.