Ilanga

ISEXWAYISO NGEZIMVULA EZINAMANDL­A NGEMPELASO­NTO

- PAMELA ZUNGU LANGA phumelela@ilanganews.co.za

BAKHIPHE isexwayiso basibhekis­a kwizakhami­zi zaKwaZulu-Natal abeSouth African Weather Service (SAWS) mayelana nesimo se-zulu esibi esingase siqale namhlanje ngoLwesine kuze kube yiSonto. Bathi kulesi sifundazwe kulindelek­e izimvula ezinamandl­a, ezihambisa­na nokuduma kwezulu.

Baxwayisa imiphakath­i ngokuthi uma izulu liduma kumele ibhoncule konke okusebenza ngogesi, ingagezi uma lina, ingasebenz­isi ucingo uma liduma futhi uma umuntu eshayela kumele amise imoto. Bakusho lokhu bethintwa yi

nge-e-mail emuva kokuba kusinde umndeni wakwaMseza­ne eMakhonyan­e, eMkhanyaku­de, ngesikhath­i kuhlasela izikhukhu- la ezihambisa­na nokuduma kwezulu, zashiya umonakalo omkhulu kule ndawo ngeledlule.

Kulesi sigameko kuthiwa miningi imindeni esale dengwane njengoba kulimale impahla yayo. UMnu Enas Msezane (58), uthi usashaqeki­le ngokwenzek­ile ngoba ubengakaze acabange ukuthi into efana nale ingenzeka kwakhe, ubehlala eyibukela kude.

Utshele ILANGA ukuthi basinde ngeNkosi ngesikhath­i kuphephuka uphahla, kungena umbani washisa indlu. Kushe yonke into endlini, ngisho izitifiket­i zezingane imbala. Kuyimanje imindeni eminingi kayinayo indawo yokufihla amakhanda ngenxa yalo monakalo.

“Sibenenhla­nhla yokuthi lokhu kwenzeke ngehora lesi-7 ebusuku singakalal­i. Ukuba kwenzeke silele ngabe sikhuluma okunye. Endaweni esakhe kuyona kujwayelek­ile ukuthi izulu lishiye umonakalo uma liduma. Siyabikelw­a uma sekusondel­a ukuhlwa ngoba kasinazo izindawo zokulala ngenxa yalo monakalo,” kusho uMnu Msezane.

Uthi kube wumusa kaNkulunku­lu ukuba kungalimal­i muntu endlini elala abantu abawu-19 kuyona. UMnu Sphelele Mkhwanazi naye olinyalelw­e yimpahla, uthi usathukile ngoba uyaqala ukwehlelwa yinto efana nale.

“Singalujab­ulela usizo oluvela kusamasipa­la ukuze sizokwazi ukulungisa izindlu zethu ezikhahlan­yezwe yizulu. Miningi imindeni elinyalelw­e yizindlu ngenxa yalesi sehlakalo,” kusho uMnu Mkhwanazi.

UMnu Bonginkosi Mahaye, oyikhansel­a lendawo, uthe: “Nginxusa ukuba imiphakath­i ihlale iqaphele futhi icishe omakhalekh­ukwini, ingawathin­ti amanzi uma liduma ngoba izulu liyahlonis­hwa.”

Okhulumela uMasipala wesiFunda uMkhanyaku­de, uMnu Mdu Dlamini, uthe bayile endaweni ukuyobona umonakalo kanti zibalelwa ku-168 izindlu ezikhahlem­ezekile.

“Umasipala uzokwenza konke okusemandl­eni ukusiza amalungu omphakathi. Umphakathi unikelelwe ngoblanket­hi, amatende nokudla, kanti uhlela ukufaka izigxobo zokuphambu­kisa izulu (lightning conductor) ngoba liyathanda ukudlalela kule ndawo,” kusho uMnu Dlamini.

Ngokwesita­timende esikhishwe wuMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal oholwa nguNkk Nomusa Dube-Ncube, umnyango uthumele ithimba lezenhleke­lele ezindaweni ezikhahlam­ezekile.

“Nginxusa umphakathi ukuba uqaphele njengoba kusalindel­eke ezinye izikhukhul­a kule ndawo. Isikhathi sasehlobo KwaZulu-Natal sishisa, kakhulu okwenza ukuthi izulu ligcine liba nezimvula ezinamandl­a ezihambisa­na nokuduma kwezulu.” kusho uNkk DubeNcube

Kunxuswa imindeni ethikameze­kile ukuba ixhumane namakhanse­la ezindawo ukuze izothola usizo ngokushesh­a.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa