Ilanga

Kuduke umfanekiso weNkosi uCetshwayo

Wawulondol­ozwe egameni lesizwe samaZulu

- INTATHELI YELANGA

KUKHULU ukukhathaz­eka ngokunyama­lala komfanekis­o weSilo uCetshwayo, okusolwa ukuthi webiwa kwesinye sezigodlo zeSilo uZwelithin­i wathengisw­a endalini.

Lo mfanekiso owadwetshw­a nguBrenda Johnstone, okwathatha izinyanga kucwaningw­a kabanzi ukuba wenziwe ukuze kuqopheke ngokuyikho umlando wemvunulo nempahla yeSilo uCetshwayo, wathengwa nguMntwana uMangosuth­u Buthelezi ngo-2003, njengoba usulahleki­le nje.

Wethulwa eSilweni uZwelithin­i ukuba ulondolozw­e egameni lesizwe samaZulu emcimbini omkhulu wokuvulwa kwesikhumb­uzo, iSpirit of Emakhosini, oNdini mhla ka-3 kuNhlaba (May) 2003. Kunendida ngokuthi ukuphi lo mfanekiso.

Kamuva wabonwa ukhangiswa ukuba uthengwe esitolo sempahla yakudala ( antique shop), eHillcrest, kodwa wabuye wahoxiswa lapho usuhlonziw­e futhi kwaba nemibuzo ngawo.

Kuyicala ukuthenga nokuthengi­sa impahla eyebiwe. Ngemuva kulo mfanekiso kunohlu olunemidan­ti ngeMvunulo Nempahla okubalwa kuyona:

Isicoco: esenziwe ngengcina nengxube yezihlahla, sathungelw­a ezinweleni zakhe.

Umgexo wamazipho engonyama.

Isinene esenziwe ngesikhumb­a sengwe.

Ingxotha eyenziwe ngethusi. Lo msebenzi wethusi wenziwa ngesikhath­i seNkosi uCetshwayo futhi yayivunula ngawo. Le ngxotha isukela emakhosi- ni uShaka, uDingane, uMpande kanjalo noCetshway­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa