UVULELWE ICALA U-R KELLY

Ilanga - - Izindaba - AYANDA BUTHELEZI

SEKUVELE imibiko ethi uvulelwe icala umculi wase-USA weR&B, uRobert Kelly, odume ngelikaR Kelly ( osesithombeni), osematheni ngamanyala okuhlukumeza ngokocansi abesifazane ngemuva kokusabalala kwe- docuseries ehluba udlubu ekhasini ngemikhuba yaleli ciko, ethi "Surviving R Kelly".

Lolu hlelo, luzokhonjiswa eNingizimu Afrika ngomhla ka-27 kuNhlo-lanja (February), ngo-8 ebusuku kuchannel 170 kuDStv. Luzobe luyiziqephu eziwu-6. Lumayelana nabesifazane abagonyuluka ngokuhlukunyezwa kwabo yilo mculi, ezinye izigameko zakhona okuthiwa zenzeke eminyakeni engaphezu kwewu-20 edlule.

Ngemuva kokusakazwa kwalo, sekuvele imibiko ethi amaphoyisa aseGeorgia asevulele uR Kelly icala lokuhlukumeza nokunukubeza ngokocansi. Ngokwe- website yeTMZ. com, kumanje amaphoyisa amatasa aqoqa ubufakazi kulaba besifazane ababandakanyeka kulolu hlelo, okubalwa kubona nobeyinkosikazi yalesi sihlabani, u-Andrea Kelly.

Kuke kwavela ukuthi iphunzile imizamo yalo mculi yokunqanda ukusatshalaliswa kwale docuseries, osekuholele ekubeni esabise ngokuthathela izinyathelo zomthetho abayingxenye yayo.

Le docuseries ihlanganiswe nguphrojusa wamafilimu ohlonishwayo e-USA, uDream Hampton. Igqugquzelwe wumsebenzi wentatheli yaseChicago, uJim DeRogatis, ebinokubika ngezinsolo zokunukubeza ezibizwa nge- sex cult (ukwenza ucansi luyamaniswa nezinkolelo) ezithinta igama lika-R Kelly, kusukela eminyakeni ewu-18 eyedlule.

Lo mculi uyaziphika zonke lezi zinsolo.

YILESI sithombe esingaziwa ukuthi sikuziphi izinkalo emuva kokuba simile izinyawo kwesinye sezigodlo zeSilo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.