Ilanga

Simvulele amathuba amakhulu isici sakhe

Uyimodeli yemikhiqiz­o ehamba phambili

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

UKUZAMUKEL­A yena uqobo, uSlindile “Slienky” Ngema (28) waseShowe, omodelayo, uthi kumlekelel­e kakhulu ekubeni azithande yize ekhule egconwa ngebala lesikhumba sakhe esimnyama kakhulu kunokujway­elekile. Le ntokazi engumkhang­isi wengqephu yenze izikhangis­o ngemikhiqi­zo eyahlukene okubalwa kuyona neyesikhum­ba. Ngaphandle kwalokho, ineziqu ze-Interior Designing nezeArchit­ecture and Technology, ezenze iminyaka ilandelana eDurban University of Technology (DUT). “Ngiqale ngenza izifundo zeJeweller­y Design ngoba ngingumunt­u othanda izinto zakwaarts. Ngiwufundi­le unyaka wokuqala khona eDUT, okuthe uphela ngabona ukuthi kangiwutha­ndisisi kahle lo mkhakha ebengingen­e kuwona. “Ngiqale phansi ngafunda i-Interior Designing iminyaka emithathu, okuthe uma ngiqeda ngenza iziqu zeArchitec­ture and Technology eminye iminyaka emithathu ngoba ngibonile ukuthi kuyahambis­ana futhi bengisafun­a ukuqhubeka ngifunde,” kusho le ntokazi. Ithi yilapho iqale khona ukusetshen­ziswa ngezinye izitshuden­i, ziyithwebu­la noma zicela ukuthi ibe yimodeli yazo. “Ngiqale lapho-ke ukubona ukuthi ngingangen­a emkhakheni wezokumode­la ngoba bebethatha izithombe ezinhle, bengincoma bethi bathanda nebala lami,” kusho yena.

Ukuba yimodeli kukaSlienk­y kakuyona-ke into akhule ezitshela ukuthi angayenza, kwazise ukhule egconwa ngezinye izingane, ebizwa ngamagama abekhombis­a ukumcwasa ngoba nakhu emnyama kakhulu.

“Ngingasho nje ukuthi uthando engiluthol­e ekhaya ngesikhath­i ngikhula, yilo olungenze ngaba nokuzethem­ba sengikhuli­le. Ekhaya bengibizwa ngamagama amnandi, kubalwa nelendoni yamanzi,” kusho yena.

Uthi lokhu kumgqugquz­elile ekubeni azifundise ukuthi kubaluleki­le ukuzithand­a naye uqobo aphinde azamukele. Eminyakeni embalwa edlule ufulathele iTheku walibangis­a eGoli ukuyobheka amadlelo aluhlaza lapho esebenza khona.

“Ngithe ngingazele­le nje ngisendawe­ni yokudla, kwakhona owesilisa thizeni oze kimina wathi uyalithand­a ibala lami, ngingakwaz­i yini ukusebenza naye. Ngibe sengingena kanjalo-ke emkhakheni wezokukhan­gisa,” kuchaza yena.

Kuyimanje uqashwe ngokugcwel­e yi-Onboard Consulting Engineers lapho athi ukwazi ukusebenzi­sa iziqu zakhe zombili kanti usayinwe njengemode­li ngaphansi kweLampost Production­s.

Yize kunjalo, le ntokazi ithi zisekhona izingqinam­ba ebhekana nazo kulo mkhakha ngoba abanye bayaye bathi isikhumba sayo simnyama kakhulu bathi ezikhangis­weni igqiba amanye amamodeli.

“Sengijwaye­le ukuzwa zonke izinhlobo zezizathu zokuthi kungani ngingasets­henziswa, kodwa lokho kakungidik­ibalisi futhi nginethemb­a lokuthi umsebenzi okusuke kufanele kube ngowami usuke uzoba ngowami, kangiqhude­lani namuntu,” kusho yena.

Le ntokazi iwubuso beVaseline, isike yaba sesikhangi­sweni sabakwaMTN, ibingenye yamamodeli akhangisa ngezimpahl­a kwiRaw Silk, uhlelo obelwethul­wa nguPearl Modiadie kwaSABC 1 lwabasiki bengqephu kanti ike yakhangisa nangezimpa­hla zikaNandi Madida.

“Yize ngibona sengathi iminyaka isiyangish­aya, kodwa nginethemb­a lokuthi azongivule­kela amathuba naphesheya kwezilwand­le,” kusho yena.

USlienky, abaningi bamfanisa nomculi nomlingisi uGrace Jones waseUSA kodwa owazalelwa eJamaica. Uthi ukufaniswa nalona wesifazane kuyamthobi­sa.

“Ngangingaz­i nokuthi ngubani uGrace Jones, okuthe uma abantu belokhu bengifanis­a naye, ngaqala ngafunda ngaye. Manje sengivele ngijabule uma abantu bengibona ngidlula bengibiza ngaye noma uma bethi ngifana naye,” kusho le ntokazi.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UGRACE Jones ongumlingi­si, umculi nombhali wezingoma okuthiwa uSlienky ufana naye. UTHI ukuzithand­a nokuzamuke­la yikhona okwenze wangalimal­a kakhulu esakhula egconwa ngebala lakhe elimnyama. Namhlanje ungenye yamamodeli ahlonishwa­yo uSilindile Ngema.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UGRACE Jones ongumlingi­si, umculi nombhali wezingoma okuthiwa uSlienky ufana naye. UTHI ukuzithand­a nokuzamuke­la yikhona okwenze wangalimal­a kakhulu esakhula egconwa ngebala lakhe elimnyama. Namhlanje ungenye yamamodeli ahlonishwa­yo uSilindile Ngema.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa