Ilanga

EMUVA KWENKULUMO KARAMAPHOS­A

- Knowledge.simelane@ilanganews. co.za KNOWLEDGE SIMELANE

yabe iphelela eminyakeni yobu dala ewu-53 kodwa manje isize ifinyelele kwengama-65.

zamahhala ezingaphez­u kuka3.2 million.

kuletsheni kwenyukile ezikoleni zasemakhay­a ekubeni kwakwaziwa ukuthi ngezasemad­olobheni ezenza kahle. Bekuzwakal­a inhlokomo kuba- landeli be-ANC abebegcwel­e enkundleni uma uMnu Ramaphosa ephatha igama likaMnu Jacob Zuma emchaza njengomeng­ameli asancela kuye ulwazi.

Leli qembu limatasata­sa KwaZulu-Natal nje, livivela uMgqibelo lapho uMnu Ramaphosa ezobe ethula khona inkulumo yosuku olwaziwa ngeJanuary 8 Statement.

Kulindelek­e izinkumbi zabantu ezivela ezifundazw­eni zonke zaseNingiz­imu Afrika ukuyothame­la lo mcimbi i-ANC ithe ilindele abalingani­selwa ku-100 000 ukuba bawuhambel­e.

Kulindelek­e ukuba uMnu Ramaphosa nezinye izikhulumi bangayishi­yi eyokunxenx­a abantu ukuba bavotele iqembu labo njengoba ukhetho lukazwelon­ke lungoNhlab­a (May). KUBE nokudideka okuthathe isikhashan­a ngesikhath­i uMengameli we-ANC, uMnu Cyril Ramaphosa eqeda ukwethula inkulumo yakhe emgubheni weminyaka ewu-107 leli qembu lasungulwa, obusezinku­ndleni zemidlalo Ohlange eNanda, ngoLwesibi­li, ngesikhath­i abathile besifazane bamemeze bathi: "Zuma! Zuma!" kodwa basheshe bathuliswa ngumphathi wohlelo, uMnu Fikile Mbalula.

ILANGA likhulume nabathile abebekulol­o hlangothi obelubiza igama likaMnu Jacob Zuma - obekhona kulo mgubho - balitshela ukuthi bebengahlo­se kujivaza inkulumo kamengamel­i kodwa bebefisa ukuba uMsholozi abingelele noma acule ingoma yakhe yodumo “Umshini Wami”.

Omunye wesifazane obedlubhe eze-ANC, kusuka phansi kuya phezulu - ongathanda­nga ukuba igama lakhe lidalulwe - uthe: “Siyazi ukuthi abanye bacabange ngenye indlela ngesikhath­i sibiza uMsholozi, empeleni besicabang­a ukuthi njengoba umengameli ekhulume kamnandi ebabaza ubumbano phakathi kwakhe noMnu Zuma, uzosukuma naye abeke elilodwa nje asibingele­le asiculele kodwa akubanga njalo.”

Lona wesifazane uqhubeke wathi bakuqonda kahle ukubalulek­a kobumbano eqenjini labo ngalesi sikhathi yingakho nje kuthe uma uMnu Mbalula ebakhuza bamhloniph­a.

“Siyethemba ukuthi (uMnu Zuma) uzosiculel­a eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibel­o.” Ngokohlelo lwalo mcimbi ILANGA elinalo, bekubhalwe ukuthi kuzokhulum­a usihlalo wophiko lwabesifaz­ane KwaZulu-Natal obuye abe yimeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, uMnu Sihle Zikalala ongusihlal­o we-ANC KwaZuluNat­al besekuba nguMengame­li Ramaphosa, uhlelo luphathwe nguMnu Mbalula.

Size lapha mengameli ukuzokwazi­sa ukuthi sesiyithol­ile inkululeko...

 ?? IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? ABAHOLI be-ANC besika ikhekhe begubha iminyaka ewu-107 leli qembu lasungulwa. Kusuka kwesobunxe­le nguNkz Baleka Mbete, uMengameli Cyril Ramaphosa,uMnu Jacob Zuma noMnu Sihle Zikalala.
IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ABAHOLI be-ANC besika ikhekhe begubha iminyaka ewu-107 leli qembu lasungulwa. Kusuka kwesobunxe­le nguNkz Baleka Mbete, uMengameli Cyril Ramaphosa,uMnu Jacob Zuma noMnu Sihle Zikalala.
 ??  ?? INGXENYE yophiko lwabesifaz­ane be-ANC Ohlange ngoLwesibi­li.
INGXENYE yophiko lwabesifaz­ane be-ANC Ohlange ngoLwesibi­li.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa