Banqakisana ngebhuloho "eliyingozi"
Bobabili labo masipala bayazihlangula bathi kalikho ngaphansi kwabo
SELIPHENDUKE ilahle elishisayo ezandleni zezikhulu zomasipala ababili ibhuloho eliseMandaba, eNkandla, osekuphonselwana ngalo njengoba kuthiwa libeke imiphefumulo yabantu engcupheni, kwazise izimoto ziyakhalakathela kulona.
Leli bhuloho liwunombolo D1594 ku- ward 6 kuMasipala waseNkandla, ophethwe yi-IFP, ongaphansi kowesifunda iKing Cetshwayo, oholwa yi-ANC. Kuvela ukuthi balinganiselwa ku-60 000 abantu abasengcupheni ngenxa yokungabi sesimeni esihle kwaleli bhuloho, kanti kuthiwa nezingozi zivamile.
Laba bantu ngabafundi bezikole ezine ezingaphesheya kwaleli bhuloho, abaya emtholampilo wendawo nasehholo lomphakathi elisanda kunikezelwa emphakathini wubuholi bendabuko.
Kuthiwa uma kuna imvula, amanzi emaningi, akuweleki, okwenza kuphazamiseke nokufunda kulezi zikole ezine, nokuphuthunyiswa kwabantu abagulayo ezibhedlela kuyaphazamiseka.
Okhulumela uMasipala iKing Cetshwayo, uNkk uRekha Naidoo, uwuhlangulile umasipala wakhe ekhuluma neLANGA, wathi leli bhuloho kalikho ngaphansi kwawo, kungenzeka lingaphansi kowaseNkandla noma uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal.
“Isifunda kasihlangene nokwakha noma ukulungisa imigwaqo namabhuloho. Ngisazobheka ukuthi ngabe uMasipala waseNkandla noma wumnyango wezokuthutha okumele ulubheke lolu daba,” kusho uNkk Naidoo.
IMeya yaseNkandla, uMnu uThami Ntuli, itshele ILANGA ukuthi lo mgwaqo okukhulunywa ngawo, ungaphansi koMnyango Wezokuthutha KwaZulu-Natal, wathi njengoba inombolo yawo iqala ngoD, kuchaza ukuthi ngowesifunda.
Iziphikile izingozi okuthiwa sezike zadaleka kulo mgwaqo, kodwa yavuma ukuthi kawukho esimeni esihle, sekunesikhathi esiningi bebika ngalokhu kumasipala wesifunda nasemnyangweni.
“Sengike ngabhalela emnyangweni wezokuthutha esifundazweni ngicela ukuba ungenelele esimeni semigwaqo yaseNkandla esingesihle, kasikho isabelomali sokulungiswa kwemigwaqo, abake basazisa ngaso.
"Ngeke sihlale sigoqe izandla, sisazoba yiphela endlebeni emnyangweni kuze kulungiswe le migwaqo yaseNkandla,” kusho uMnu uNtuli.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnu uKwanele Ncalane, uthe udaba lwebhuloho bazoluphenya futhi bayaziqonda izinselelo ezibhekene nomphakathi.
“Kulo nyaka wemali sihlele ukwakha amabhuloho ezimoto ayisikhombisa nawabahamba ngezinyawo awu-14. Wonke lo msebenzi siwenza ukuze kube lula ukuxhumanisa imiphakathi futhi siphephise nempilo yabantu, ikakhulukazi imiphakathi yasemakhaya.
"Miningi imisebenzi esiyenzayo emphakathini waseNkandla. Siyaqonda ukuthi umphakathi ubunganakiwe isikhathi eside, ziningi izinselelo osabhekene nazo. Siyanxusa ukuba kuqhubeke ukubekezelelana nokubambisana size sikwazi ukuqeda zonke izinkinga zentuthuko ezisabhekene nomphakathi,” kusho uMnu Ncalane.