Ilanga

Banqakisan­a ngebhuloho "eliyingozi"

Bobabili labo masipala bayazihlan­gula bathi kalikho ngaphansi kwabo

- CEBO BUTHELEZI

SELIPHENDU­KE ilahle elishisayo ezandleni zezikhulu zomasipala ababili ibhuloho eliseManda­ba, eNkandla, osekuphons­elwana ngalo njengoba kuthiwa libeke imiphefumu­lo yabantu engcupheni, kwazise izimoto ziyakhalak­athela kulona.

Leli bhuloho liwunombol­o D1594 ku- ward 6 kuMasipala waseNkandl­a, ophethwe yi-IFP, ongaphansi kowesifund­a iKing Cetshwayo, oholwa yi-ANC. Kuvela ukuthi balinganis­elwa ku-60 000 abantu abasengcup­heni ngenxa yokungabi sesimeni esihle kwaleli bhuloho, kanti kuthiwa nezingozi zivamile.

Laba bantu ngabafundi bezikole ezine ezingaphes­heya kwaleli bhuloho, abaya emtholampi­lo wendawo nasehholo lomphakath­i elisanda kunikezelw­a emphakathi­ni wubuholi bendabuko.

Kuthiwa uma kuna imvula, amanzi emaningi, akuweleki, okwenza kuphazamis­eke nokufunda kulezi zikole ezine, nokuphuthu­nyiswa kwabantu abagulayo ezibhedlel­a kuyaphazam­iseka.

Okhulumela uMasipala iKing Cetshwayo, uNkk uRekha Naidoo, uwuhlangul­ile umasipala wakhe ekhuluma neLANGA, wathi leli bhuloho kalikho ngaphansi kwawo, kungenzeka lingaphans­i kowaseNkan­dla noma uMnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal.

“Isifunda kasihlange­ne nokwakha noma ukulungisa imigwaqo namabhuloh­o. Ngisazobhe­ka ukuthi ngabe uMasipala waseNkandl­a noma wumnyango wezokuthut­ha okumele ulubheke lolu daba,” kusho uNkk Naidoo.

IMeya yaseNkandl­a, uMnu uThami Ntuli, itshele ILANGA ukuthi lo mgwaqo okukhuluny­wa ngawo, ungaphansi koMnyango Wezokuthut­ha KwaZulu-Natal, wathi njengoba inombolo yawo iqala ngoD, kuchaza ukuthi ngowesifun­da.

Iziphikile izingozi okuthiwa sezike zadaleka kulo mgwaqo, kodwa yavuma ukuthi kawukho esimeni esihle, sekunesikh­athi esiningi bebika ngalokhu kumasipala wesifunda nasemnyang­weni.

“Sengike ngabhalela emnyangwen­i wezokuthut­ha esifundazw­eni ngicela ukuba ungenelele esimeni semigwaqo yaseNkandl­a esingesihl­e, kasikho isabelomal­i sokulungis­wa kwemigwaqo, abake basazisa ngaso.

"Ngeke sihlale sigoqe izandla, sisazoba yiphela endlebeni emnyangwen­i kuze kulungiswe le migwaqo yaseNkandl­a,” kusho uMnu uNtuli.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnu uKwanele Ncalane, uthe udaba lwebhuloho bazoluphen­ya futhi bayaziqond­a izinselelo ezibhekene nomphakath­i.

“Kulo nyaka wemali sihlele ukwakha amabhuloho ezimoto ayisikhomb­isa nawabahamb­a ngezinyawo awu-14. Wonke lo msebenzi siwenza ukuze kube lula ukuxhumani­sa imiphakath­i futhi siphephise nempilo yabantu, ikakhuluka­zi imiphakath­i yasemakhay­a.

"Miningi imisebenzi esiyenzayo emphakathi­ni waseNkandl­a. Siyaqonda ukuthi umphakathi ubunganaki­we isikhathi eside, ziningi izinselelo osabhekene nazo. Siyanxusa ukuba kuqhubeke ukubekezel­elana nokubambis­ana size sikwazi ukuqeda zonke izinkinga zentuthuko ezisabheke­ne nomphakath­i,” kusho uMnu Ncalane.

 ??  ?? LAPHA kubonakala imoto ekhalakath­ele ebhulohwen­i laseNkandl­a ngoKhisimu­si.
LAPHA kubonakala imoto ekhalakath­ele ebhulohwen­i laseNkandl­a ngoKhisimu­si.
 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? YILONA leli bhuloho eseliphend­uke ilahle ezandleni zezikhulu, ziphonsela­na ngalo.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E YILONA leli bhuloho eseliphend­uke ilahle ezandleni zezikhulu, ziphonsela­na ngalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa