Ilanga

Masithathe izinqumo esingeke sizisole ngazo

-

MA-AFRIKA, ake sibonge oMdala wezinsuku namanxusa emindeni yethu, ithongo phela ngokusigci­na enyakeni osanda kwedlula nokusingen­isa ku-2019 siphephile futhi siphilile.

Ngifisa ukuthi njengoba siwuqala lo nyaka, sike sizibophez­ele ekubeni sizithande futhi sizinakeke­le ngakho konke okusemandl­eni ethu. Masingabek­i impilo yethu engcupheni ngamabomu futhi sizifundis­e nokuthatha izinqumo ezicubungu­liwe ukuze singazisol­i ngazo.

Ngaphezu kwakho konke, ngifisa singakhohl­wa yimvelaphi yethu nobuthina njengabant­u base-Afrika, abanamasik­o nesintu. Singalibal­i ukubonga abantwana esibaphiwe ngabadala nemisebenz­i esinikwe yona konke namathalen­te neziphiwo ngoba esiyikho nesinakho, sikuphiwa ngabadala besinxusel­a nakuSimaka­de.

Uma sesikuthol­ile ebesikucel­a kuSimakade, kasibongi kanti ngesikhath­i kusenmyama, sisaswele, senza zonke izethembis­o zokuthi siyothi singathola sibakhumbu­le nabo ngokubonga kodwa.

Singakhohl­wa ukuthi nabo abangasekh­o bafana nathi njengoba sinengwa uma umuntu noma ingane ingabongi uma kukhona oyenzele khona noma ithatha nge- sandla esisodwa - okuwuphawu lokungabi nandaba nesipho.

Nakubona abadala kuba kanjalo bagcine sebengasak­uphi lutho, kube sengathi kunobuthak­athi kanti umuntu uzithakath­e yena ngokwehlul­eka wukukhutha­za abamgadile nabamengam­ele empilweni ngokuba nje abonge.

Abelaphi bendabuko abaningi nginesiqin­iseko sokuthi bangangifa­kazela ukuthi abantu abaningi abafika bexakekile bejikelwe yimpilo, kusuke esikhathin­i esiningi kukhalelek­a udaba lokubonga nje hhayi okuningi.

Sengathi ezinqumeni eziningi esizozitha­tha kulo nyaka nasezinhle­lweni zezinto esizozenza, singakukho­hlwa ukubonga ithongo nedlozi ukuze sinciphise ukuhlaselw­a yizinkinga ezingagwem­eka kalula. Abantu abaningi balinda ukuba kuze kube nenkinga ngaphambi kokuba bayohlola kwababonay­o.

Kuyaxaka lokhu kunganaki ngoba kodokotela besilungu kuyayiwa nje umuntu engaguli, eyobheka nje ukuthi usaphile kahle yini kube khona nokuhlolwa okujulile kwegazi nezinye izinto.

Uma sekuziwa kokwesintu, cha kuyathalal­iswa kulindwe amathonsi abanzi bese kuba sengathi abadala banolaka kanti qha nabo badinwa wukunganak­wa, kwenziwe sengathi kabekho. Kuye kuthike uma inkinga isihlule izithandwa zethu zesilungu, kugijinywe kuthiwe makuyobhek­wa nasesintwi­ni, nakhona kuyiwa ngokuzihud­ula, ithemba lingekho.

Abantu ukugula kwesilungu baze bakuhlinze­ke ngisho nangohlelo lwama- medical aid ngoba bayazi ukuthi impilo kayibekelw­a nani futhi ingashints­ha noma inini.

Okwesintu akucatshan­gwa noma sekushiwo ukuthi makulungis­we, kuqale kuyiwe le na le kufunwa isiqinisek­o sokuthi kumele ngempela yini kwenziwe lokho okudingeka­yo.

Kangilwi nokwelapha kwesilungu, kodwa bengibeka nje ukuthi sengathi umdlandla esenza ngawo okwesilung­u ungenciphe uma sekufanele senze okwethu okuthinta imvelaphi nesintu sethu nemvelo nje ngobubanzi bayo.

Uma siqikelela ukwenza okungokwet­hu ngendlela eyiyo, siyovuna lukhulu ngoba bayojabula abasengame­le besinxusel­a njalo.

Makhosi Ndleleni uMaZulu wakwaZondo Insika (isigodlo),UThishanhl­oko waseMatata­ne Secondary School mthiyanesg­s@yahoo.com Utholakala ku: 082 752 7342

 ??  ?? KUTHIWA asingalind­i amathonsi abanzi ukunaka izinto ezithinta abadala namathongo noma kuze konakale izinto kuyima sisukuma.
KUTHIWA asingalind­i amathonsi abanzi ukunaka izinto ezithinta abadala namathongo noma kuze konakale izinto kuyima sisukuma.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa