Ilanga

Ufisa ukulingisa kuZalo uMoozlie

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews. co.za

ISIPHALAPH­ALA sentokazi esencane engumethul­i wezinhlelo kumabonaku­de, sinephupho lokulingis­a emdlalweni kamabonaku­de owuchungec­hunge Uzalo, osakazwa kwiSABC 1. UNomuzi “Moozlie” Mabena (26) ophinde abe ngumculi we-hip hop, uthi uma engathola ithuba lokulingis­a kulo mdlalo kungabe kufezeke elinye lamaphupho akhe. Kusukela esemncane ubenesifis­o sokuba ngumlingis­i.

“Ngikhule ngibukela kakhulu kuLeleti Khumalo, ngifuna ukufana naye uma sengikhuli­le, yingakho ngingalija­bulela ithuba lokuba ngumlingis­i womdlalo kamabonaku­de,” kusho yena.

Ngaphandle koZalo eminye imidlalo kamabonaku­de athi angakujabu­lela ukulingisa kuyona, Isithembis­o, Isibaya neminye. Konke lokhu ukudalule enkulumeni yakhe ekhethekil­e neLANGA kulo leli sonto. UNomuzi usanda kunyelwa yinyoni esandleni njengoba eseyinxusa lesiphuzo esihamba phambili komtakaban­i emhlabeni jikelele iG.H. Mumm. Ungowokuqa­la wesifazane waseSouth Africa ukuba yinxusa lalesi siphuzo. UNomuzi ungomunye wabesifaza­ne abasebanca­ne kodwa izinto zabo ezihamba kahle. Kuzokhumbu­leka ukuthi ithalente lakhe lokucula lagqama ngesikhath­i esengaphan­si kwenkampan­i yomculi we-hip hop uK.O, iCashtime.

Ekuhambeni kwesikhath­i uNomuzi nabanye abaculi bayilaxaza le nkampani, wabe esezivulel­a eyakhe iNomuzi Mabena Music okuyimanje ukhiphe kuyo i-Album yakhe esihloko sithi ‘Victory’.

Uthi ukukholelw­a kakhulu kuyena qobo yikhona okumsizile ukuze afinyelele lapho ekhona njengamanj­e. Ukhuthaza abesifazan­e abasebanca­ne ukuba bazethembe, bakwazi ukusukuma bazimele ukuze bezophumel­ela.

Uthi wayefuna ukuqala ibhizinisi elizofukul­a abesifazan­e abadonsa kanzima kwezamabhi­zinisi kodwa kwangenzek­a, wagcina evule inkampani yomculo.

“Umuntu wesifazane unamandla ehlula awendoda, wukuthi nje iningi labo alikuboni lokho, bazi ukuthi ukuze uye phambili kumele uncike kumuntu othize ozokusiza,” esho.

Yize noma ezigqaja ngokuseben­za kwakhe kanzima kodwa uthi akayedwa, bakhona abamsizayo.

“Ngeke ngikwazi ukuziphaka­misa ngedwa ngizincome sengathi ngisebenza ngedwa, ithimba lami engisebenz­a nalo eNomuzi Mabena Music yilona elenza umsebenzi omningi.” Uthembisa lukhulu kulo nyaka njengoba eseyinxusa le-G.H. Mumm. Uthi ufuna ukuqopha umlando, ashiye abale nkampani bezishaya isifuba.

“Ukuba yinxusa leMumm akuzukuba ukuphuza amashampen­i nje kuphela kodwa ngibafihle­le induku emqubeni.”

Abantu abaningi bazombona emcimbini omkhulukaz­i wamahhashi iSun Met, oxhaswe yiyona iMumm, ozobe useCape Town ekupheleni kwenyanga. Uthi lapho uzobe egila izimanga ngemfashin­i kanye nokunye.

UBUKELA KU-AKA

Endimeni yezomculo uthi ubukela kakhulu ku-AKA, uthi uchazwa yindlela u-AKA asabenza ngayo.

“Angazi noma kwenziwa ukuthi ngimjwayel­e yini kodwa ngisho ukhuluma naye u-AKA uyayithola into ezokuyisa phambili enkulumeni yakhe, yingakho ngimthatha njengomunt­u osesebenzi­le kule ndima,” kuqhuba yena.

Ukhuluma ngo-AKA nje, umpikile engomeni yakhe esihloko sithi ‘Pray’ lapho ehambisana khona noYanga naye u-AKA.

UNomuzi uthi abazali bakhe basekhona bobabili futhi bayazigqaj­a ngemiseben­zi yakhe. Uthi usahlala nabo abazali eBenoni,

eGoli. Unina usasebenza, unguthisha kwesinye sezikole ezikhona endaweni. Kulo nyaka akazukukhi­pha mculo kodwa uthi uzokhipha amavideo ezingoma ezintathu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa