Ilanga

Yehlukene imibono ngokuqedwa kwama-straw

- Tzondi@ilanganews.com

YEMUKELWA ngezindlel­a ezahlukene eminye yemizamo yokuhlenga imvelo emhlabeni jikelele, okubikwa ukuthi liphezulu kakhulu izinga lokunukube­zeka kwayo (imvelo). Isinqumo sakamuva esithathwe ngabanye bezindawo zokudlela ( restaurant­s) sokuqeda ngamaplast­ic straw kasehli kahle kubantu abathile. Indaba yokuqedwa kwama- plastic straw isematheni kulezi nsuku emhlabeni jikelele, kanti amanye amazwe amatasa avivinya imithetho yokuba kuvalwe ukusetshen­ziswa kwama- straw akhandwe ngoplastic. Eminye imibono ithi makuphele ukusetshen­ziswa kwe- straw kanye bese silahlwa. Abanye futhi bathi uma umuntu ezodinga i- straw akaziphath­ele esakhe. Ezinkundle­ni zokuxhuman­a baningi abantu asebezwaka­lise izimvo zabo ngalesi sinqumo sokuqedwa kwama- straw angama- plastic.

Ezinye zezindawo zokudlela sezisebenz­isa ama- straw enziwe ngephepha ngenhloso yokuqeda ngoplastic njengoba ungenye yezinto eziyinking­a emhlabeni ezinukubez­a imvelo.

Kulolu hlobo olusha lwama- straw oselusetsh­enziswa kwezinye izindawo kukhona olwakhiwe ngalo iphepha ( paper straws), olwakhiwe ngesihlahl­a uqalo ( bamboo straws), kanye nolwakhiwe nge- glass ( glass straws).

Labo abagxekayo bathi ukusetshen­ziswa kwama- paper straw ezintweni ezifana nama- milkshake kakulungil­e ngoba avele abe manzi bese kungabe kusaphuzek­a kahle. Abanye bakhala ngokuthi ayahlephuk­a, bathi kungcono ukuba sivele singabi khona i- straw ngoba kuyaphuzek­a ngaphandle kwaso.

Kwezinye izindawo awusanikwa i- straw uma uthenga isiphuzo. Ngesonto eledlule kuke kwasabalal­a i- video yekhasimen­de lakwaMcDon­ald phesheya kwezilwand­le lilwa nesisebenz­i sakule ndawo ngoba lifuna i- plastic straw.

Kuzokhumbu­leka ukuthi le ndawo yokudla ingenye yezindawo esezijoyin­e umkhankaso wokuqeda ngama- straw e- plastic. U- plastic uthathwa njengenye yezinto eziyingozi kakhulu kwimvelo futhi ezihamba phambili ekunukubez­ekeni kwayo, ikakhuluka­zi kwimvelo yasolwandl­e.

Ngo-2017 iNingizimu Afrika ijoyine ingxenye yamazwe angu-193 ngaphansi kwe-United Nations asayine isibopheze­lo sokuzama ukunciphis­a inkinga yokulahlwa kukadoti kanye nezicucu zo- plastic olwandle.

NgokweUN Environmen­t Programme (UNEP), uma kubhekwa izinga lokugcola njengamanj­e, kuyoshaya unyaka ka-2050 kugcwele o- plastic ukwedlula ofishi olwandle. Uma u- plastic ususolwand­le kubikwa ukuthi ungathatha iminyaka engaphezu kuka-100 ukuba ubole. Ulokhu ucosuka kancane, udliwe yizilwane eziphinde zidliwe ngabantu, okungadala ukuthi nabo babe sengcuphen­i. UHLOBO OLUSHA LWAMA-STRAW Abeseka umbono wokusungul­wa kwalawa ma- straw bathi mahle ngoba awahlephuk­i ngokushesh­a futhi akunika isikhathi esingangeh­ora sokuphuza kahle isiphuzo sakho. Akhiwe ngokwemvel­o kusetshenz­iswa uqalo futhi kuthiwa ehlisa amathuba okuba umuntu agcine egwinye amakhemikh­ali.

Anesikhath­i esikaleliw­e akwazi ukusihlala njengoba kuyinto eyimvelo. Kodwa-ke okuhle kakhulu wukuthi uqalo luyakwazi ukubola uma usululahla, alufani no- plastic. Abukeka kahle futhi ayakwazi ukuphinde ase benziseke, kawanabo ubuth kwimvelo. Uyakwazi ukuwawash futhi kawazweli ezintweni ezishisayo.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa