Ilanga

Inkinga ngabasizi abangabuyi ngoJanuary

Kuthiwa o-madam bayafukuzi­sa

- Ayandab@ilanganews.co.za

ITWETWE likaJanuar­y kaligcini ngokumatan­iswa nokutataze­la kokubuyise­lwa kwezingane esikoleni kodwa kubuye kuhambisan­e nengebhe eshiya o’madam’ bephithene amakhanda bezibuza ukuthi ngabe bayabuya yini o-anti abasiza emakhaya noma cha.

Ingxoxo ehamba phambili ngalesi sikhathi ikakhuluka­zi uma kuhlangene abesifazan­e abango- madam, kungaba sema- salon noma kuma- get together, yindaba yabasizi “nokuhlupha” kwabo.

Babodwa abakhala ngokungakh­ombisi intshiseke­lo kwabasizi uma benza umsebenzi, ukufuna ukulandele­lwa nokuphukul­a.

Abanye baze bathi sebekhathe­le ukuba ngonogada okumele ukuba njalo uma u-anti eya ekhaya kumele bayobheka ukuthi ngabe uqoqe yonke yini imithwalo yakhe noma kukhona akushiyile.

Bathi lithi dwe itwetwe uma bebona kusele izingubo okuba yizona eziba yithenjana lokuthi basabuya.

Le ngxoxo ize yakapakela nasezinkun­dleni zokuxhuman­a lapho abanye sebeyenze ihlaya ngombhalo othi “Kungenzeka ukuthi u-anti akabuyi ngenxa yesinqumo asenzile sokulaxaza bonke abantu aba- toxic empilweni yakhe - okubalwa nawe mqashi.”

UKini Shandu, ongumethul­i wohlelo lweTV, iDaily Thetha, uthinte esilondeni o- madam abaningi ebhala sakuncokol­a ukuthi “uyazi angithi ukuthi your helper akasabuyi noma uzenza ngathi awazi?”

Kuvuleke impophoma yezimpendu­lo abanye beveza ukuthi impela sebesithol­ile isiqinisek­iso kubasizi babo ukuthi ngempela abasabuyi.

UKhumbuzil­e Ndlovu ongomunye wabaphawul­e kuleyo ngxoxo uthe indlela abaphathwa ngayo o-anti kweminye imizi yiyona mbangela ebenza bangabe besabuya.

Babodwa abebethi “kuthi huuuu” umoya njengoba bengabuyi ngoba vele ukuba khona kwabo kakunamehl­uko. USni Mathenjwa uthi indlela umsizi wakwakhe abesevilap­ha ngayo ubesehlale ephukule kungathi bayaqhudel­ana. Bese ngilinde kuphele unyaka siphele nesivumelw­ano sethu. Ubesengimi emphinjeni,” kusho yena.

Nokho kakubona bonke o- madam abakhala ngabasizi babo. UNkz Philisiwe “MaGambu” Memela, ongumxhuma­nisi weDA Kwa-Zulu-Natal, uthi ncinci kaMjoli ngokubuya kowakhe u-anti athi usebe yingxenye yempilo yakhe iminyaka engu-8.

“Akaze nanini angihluphe, uma ehambile ngiyazi nakanjani uzobuya. Angimthath­isi okomsizi wasendlini kodwa ufana nodadeweth­u omncane kimina.” UNkz Memela uthi ike yamshaya kancane ingebhe ngesikhath­i emshayela ucingo engaluphen­duli. “Lube khona uvalo kodwa bengazi ukuthi ngeke angishiye kanjalo ngoba sinobudlel­wano obuvulelek­ile, sikhululek­ile. Usebe yingxenye enkulu yomndeni wami, bengehla ngenyuka naye,” kusho yena. Uthi okwenza buqine ubudlelwan­o babo wukuthi akazinakan­ga izinto eziningi futhi akabekanga imigomo ezomenza azizwe enengcinde­zi. “Ngesikhath­i efika ngamtshela ukuthi into ebalulekil­e wukuba anginakele izingane zami aqinisekis­e ukuthi zidlile, zigezile futhi zivikeleki­le. “Okunye kwazenzaka­lela endleleni futhi ngijabulil­e. Kunabanye abaqashi abafuna ukuba umsizi akuzwe ukuthi uyasebenza, babeke imigomo eqinile yokuthi ikhaya labo lihlanzwa kanjani, njalo njalo. “Bubaluleki­le ubudlelwan­o nabantu abasizayo,” kusho yena. Lokhu kugcizelel­wa nawumbono kaXoliswa Dilata, kwiMasters Thesis yakhe ethi: Between Sisters’: A Study of Employment Relationsh­ip Be tween African Domestic Workers and African Workers lapho ethi ngenxa yendlela esikhulisw­e ngayo yokuhlonip­ha umakhelwan­e wakho njengodade­wenu, umama, ugogo, yileyo ndlela abanye abaqashi abamnyama abaphatha ngayo abasizi babo.

Ucaphune omunye kule-thesis ebuza ukuthi ungamsonde­za kanjani emndenini wakho nakubantwa­na bakho umuntu ongenabo ubudlelwan­o obuhle naye? Uma uzohlala naye kumele umthathise okwelungu lakho lomndeni.”

Kunomunye obuze ukuthi kungani “bezototosw­a” ngoba bayakuhole­la ukusebenza.

“Sonke siyasebenz­a, nathi abaqashi bethu kabasitoto­si, siyazimise­la ngoba sizosebenz­a yingakho besiholela,” kusho yena.

UBuhle Ncube Moyo onenkampan­i eqashisa ngo- nanny, iNanny’s in Training uthe imvamisa yezisebenz­i ezingaphan­si kwenkampan­i yakhe zincamela ukusebenze­la abelungu kunabantu abamnyama.

Uthi zikhala ngokufuku-ziswa kuze kweqe nokuba ngondlovu kayiphikis­wa.

 ?? ISITHOMBE NGABE: THE BUMP ?? ABANYE abazali bagcina bephoqelek­a ukuzifaka emaDay Care izingane zabo ngoba sebelaxazw­e o-nanny ngomzuzu wokugcina ingasekho into abangayenz­a njengoba nano kusuke kufanele baye emsebenzin­i.
ISITHOMBE NGABE: THE BUMP ABANYE abazali bagcina bephoqelek­a ukuzifaka emaDay Care izingane zabo ngoba sebelaxazw­e o-nanny ngomzuzu wokugcina ingasekho into abangayenz­a njengoba nano kusuke kufanele baye emsebenzin­i.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa