LUCKY CAIN

Ilanga - - Ezikamabonakude - [email protected]

UZOLA Nene kumvulele elinye ithuba ukuba yingxenye yamajaji ohlelo lomshado olubizwa ngeWedding Bashers olukhonjiswa kwiMnet Channel 101. Le ntokazi ezakhele udumo ezinkundleni zokuxhumana nakumaphephabhuku ngokushaya izitshulu eziconsisa amathe kulezi nsuku imatasa nohlelo lwayo olusha lokupheka olubizwa ngeCeleb Feast With Zola. Lolu hlelo luqale ukukhonjiswa ngoLwesibili esiteshini uMzansi Magic. Kulolu hlelo uZola umema osaziwayo abehlukene azopheka nabo isidlo sakusihlwa. Kulindeleke ukuba kuphekwe izinhlobo ezahlukene zokudla okuthokozelwa ngosaziwayo abayizintandokazi kuleli. Kuzophinde kuqhakanjiswe nezinhlobo ezahlukene zokudla okukhonzwe ngabantu baseNingizimu Afrika. Ngaphandle kwalokho osaziwayo bazophinde babe nengxoxo ngezinto ezithinta impilo yabo nemisebenzi abamatasa ngayo. Kuzokhumbuleka ukuthi uZola ungene ohlelweni iWedding Bashers ngemuva kokuphuma kukaSiba Mtongana naye ongumpheki wodumo kumabonakude futhi onohlelo lwakhe. Uhlelo lukaZola luzoba neziqephu ezingu-13 kanti ludidiyelwe inkampani i-Okuhle Media.

ISITHOMBE: SITHUNYELWE

UZOLA Nene uzopheka nosaziwayo ohlelweni lwakhe iCeleb Feast with Zola.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.