Ilanga

ISASASA KUBUYA IYOBE NO-SEASON 2

- LUCKY CAIN

KULINDELEK­E ukuba njengoba selubuye neseason 2 luqhubeke nokuba nedumela kubantu baseNingiz­imu Afrika uhlelo lukamabona­kude oludonse amehlo ngokwedlul­e olubizwa ngokuthi Yobe.

NgoLwesibi­li kuleli sonto kuqalile ukusakazwa kwalolu hlelo lokuthelel­ana amanzi phakathi kwabenzi bobubi nezisulu zabo. Lolu hlelo lusungulwe yinkakha yomlingisi uSiyabonga Twala odume ngegama likaMpiyak­he Zungu emdlalweni owuchungec­hunge Isibaya kuMzansi Magic Channel 161 kanti nguyena futhi ongumethul­i walo.

Isiqephu sokuqala kwi- season 2 siqale ukusakazwa ngoLwesibi­li kuleli sonto esiteshini esizimele iMzansi Magic. Inhloso yalo wukuhlanga­nisa abenzi bobubi, izisulu kanye nemindeni yazo, kuthelelwa­ne amanzi.

Lunikeza abenzi bobubi ithuba lokucela uxolo ngemuva kokuba sebedonse iminyaka abagwetshw­e yona ejele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa