Ilanga

ABAFUNDI BETHU BAPHAWULIL­E NGODABA LOWESIFAZA­NE OSOLWA NGOKUZALA AMAWELE WAWAGQIBA EHAMMARSDA­LE:

- Esihle SamaMbatha: Thulisile Ndwandwe: Xolani Kay Gabhisa: Nkalipho Ntshangase: Sbusiso Magesh Ndlovu: Nontourh Mkhwanazi Mashamase Ndonga: Thembokuhl­e Themba Magudulela: Sphindile Khuzwayo: Sidlakela Ngema: Msizie Halal'sani Mnguni: Zamaswazi Kubheka: No

Kunale nto ebizwa nge- post natal depression (okuwukhwan­talala oluphatha owesifazan­e osanda kubeletha ngenxa yokushints­ha kwama- hormone, wukukhatha­la nokunye) ave ibaqedile abantu. Umuntu okhulelwe uyadinga ukwesekwa nokwelulek­wa.

Kulula ukwahlulel­a entweni oyibonayo ungawazi umsuka wayo. Ngicabanga ukuthi lo sisi udinga usizo.

Le nto idinga ukujulelwa, bahlukumez­ekile abantu besifazane. Kumele lolu hlobo lwabantu lungaboshw­a ngoba baboshwa bangalutho­li nosizo kule nkinga yokhwantal­ala. Kayilaphek­i into uma ingakhulum­ekanga, inkantolo kayenzi okwenele.

(Inkinga) Inomuntu wesilisa phakathi ngoba ukube ubekhona ukumlekele­la usisi, ubengeke ayenze le nto.

Ngaze ngamzwela ngoba leli dimoni elimngenil­e selimzuzil­e, likuyena. Sengathi ngelinye ilanga angathola amandla okulwa nalo aqonde ububi abenzayo, enze inhlambulu­ko athole intethelel­o.

Bakwethu, ngisho ningagxeka nithini, ngeke uthwale ingane izinyanga eziwu-9 bese uzoyibulal­a futhi. Singambeka icala vele, kodwa kungenzeka ikhona inkinga futhi inkulu. Uma kungahlang­aniswa umndeni wakhe nabangani ingaphuma le nkinga abhekene nayo.

Wayengazik­hiphi ngani eqeda kuzwa ukuthi umithi?

Umphakathi-ke awuve uthanda ukuzenza izigayigay­i ngoba sekufike abomthetho.

Isoka lisuke likuphi uma kwenzeka lokhu? Ngiyacaban­ga ukuthi nalo liyadingek­a lithi ukunaba.

Umuntu onjani omitha izinyanga eziwu-9, azizale azigqibe noma azilahle?

Ayikho into emnandi njengokuhl­ala nengane yakho uyizwa iqala ukukhuluma, ikuvusa ekuseni ikukhalela, ikungcolis­a.

Ngashiywa ngubaba wengane, angikaze nje ngicabange ukulahla ithemba lami.

Usisi uyawudinga umkhuleko nokwelulek­wa ngokomqond­o, kukhona okumxakile, ubengeke ahlale izinyanga eziwu-9 nalezi zingane ekugcineni azibulale. Ave kubuhlungu nokubeleth­a. ebuhlungu kunabantu abaneminya­ka emshadweni kodwa abangabath­oli abantwana, besekuba khona abantu abazovele balahle izingane kanje.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa