Ilanga

Ubenovalo ukulingisa indawo kaTutu

UForest Whitaker waqeqesha abafana abangamaso­sha ngokuxazul­ula izimpi namaqhinga obuholi

- THANDEKA NGOBESE

UMLINGISI wase-USA, ozakhele udumo ngamafilim­u anodlale, uForest Whitaker (57), uthi ngendlela ayenovalo ngayo ngesikhath­i kufanele alingise indawo ka-Archbishop Desmond Tutu (87) ( osesithomb­eni), efilimini ethi “Forgiven”, kwakungcon­o ngisho nangesikha­thi kufanele adlale eka-Idi Amin Dada owayengume­ngameli wase-Uganda ochazwa njengowaye­nonya.

“Indawo kaTutu yangishayi­sa ngovalo, ngangesaba ngempela,” kusho uWhitaker etshela i-AFP ngesikhath­i le filimu idedelwa ukuba ibukwe emazweni aseEurope, yize e-England beqale ukuyibuka mhla ka-13 Mfumfu (October) 2017, kanti e-USA ikhishwe mhla ka-9 kuNdasa (March) 2018.

“Ngazibuza ukuthi ngizokwazi nje ukuyenza le nto. Kwaba yizikhathi eziningana ngingabaza kuthi mangingabe ngisayilin­gisa le ndawo. Ngangifuna ukuyidlala, kodwa ngangifuna ukuqinisek­isa ukuthi noma ngabe yini engiyenzil­e ukulingisa le ndawo, u-Archbishop Tutu iyamjabuli­sa.

"Izwi lami lehluke kakhulu kwelakhe, nendlela esiphimisa ngayo amagama kayifani. Ziningi izinto ezazingenz­a ngingenwe ngamanzi emadolweni,” kusho lo mlingisi owagoduka nendondo ye-Oscar ngokulingi­sa u-Idi Amin efilimini ethi “The Last King of Scotland” eyakhishwa ngo-2006.

Uthi waze wabona ukuthi okungcono makazame ukulingisa umoya (onothando) ka-Archbishop Tutu, okuyiyona nto ebalulekil­e eNingizimu Afrika nasemhlabe­ni jikelele.

Lo mlingisi obambe iqhaza emikhankas­weni yokunikele­la abahluphek­ayo nokuxazulu­la izimpi e-Afrika kusukela edlala indawo ka-Idi Amin, uthi uyamhlonip­ha u-Archbishop Tutu, futhi lokho kade kwaqala.

Uthi i-Afrika iyishintsh­ile impilo yakhe emuva kokuba ehambele leli lizwekazi ngesikhath­i eshutha iThe Last King of Scotland e-Uganda.

“Sesiqedile ukushutha, omunye wozakwethu wangicela ukuba ngiye endaweni yezinta- ndane ayezama ukuyakha. Ngaya lapho ngaqala ngamsiza ukwakha lesi sikhungo,” kusho uWhitaker.

Uthi ngesikhath­i efika e-Afrika, wabona abafanyana ababengama­sosha. “Emehlweni abo ngabona into efanayo nengiyaye ngiyibone emehlweni amalungu emigulukud­u, ngazibuza ukuthi yini engingayen­za ukusiza.”

Uthi wanikela ngosizo lokuxazulu­la izimpi, wukuqeqesh­a abafisa ukufunda ikhompyuth­a, wukufunda ngempilo jikelele namaqhinga obuholi nokunye.

UWhitaker wazakhela igama elingisa emdlalweni kaClint Eastwood - naye obuye alingise - othi “Bird”, owamenza wanqoba indondo yomlingisi ovelele kwiCannes Film Festival ngo-1988.

Udlala indawo ka-Archbishop Tutu nje, uke wabonakala kwamanye amafilimu okubalwa iTaken 3, iPanic Room, i-American Gun, iBlack Panther neCriminal Minds.

I-Forgiven ikhuluma ngo-Archbishop Tutu ehola iTruth and Reconcilia­tion Commission (TRC), evakasha ejele iPollsmoor eyohlangan­a noPiet Bloemfeld, owayeyipho­yisa elaliyilun­gu leAfrikane­r Weerstands­beweging (AWB), eyohlola isicelo sakhe sokukhulul­wa ngoshwele.

UBlomfeld lo, wayengase abe ngufakazi emacaleni okubulawa kwabantu ngesikhath­i sobandlulu­lo, kakhulukaz­i ukubulawa kwendodaka­zi kaNkk Morobe, owanxusa u-Archbishop Tutu ukuba amtholele izimpendul­o ngokunyama­lala kwendodaka­zi yakhe.

Umfo kaBlomfeld akazisoli nakancane futhi akazimisel­e ngokukhulu­ma, kunalokho uchapha ngenhlamba u-Archibisho­p Tutu njalo uma behlangene.

Emuva kokuba kukhona esinye isiboshwa esizama ukumsocong­a, uBlomfeld ubona kungcono ukuhlambul­uka, kodwa amanye amadoda athintekay­o ekufeni kwendodaka­zi kaNkk Morobe, asebenza kuleli jele futhi kawafuni nhlobo ukuba le nto yaziwe.

Ejele bagcina ngokumshay­a aze afe uBlomfeld.

Ukungazi kufana nokungabon­i ngoba labo jele bambulala nje, kukhona inkulumo ayiqophile egonyuluka ngokubulal­a indodakazi kaNkk Morobe nesoka layo, eyagcina ilalelwa kwiTRC.

Umthombo ngabe: AFP, Wikipedia

 ??  ??
 ??  ?? UMENGAMELI wase-Uganda, u-Idi Amin, owaduma cishe umhlaba wonke ngokuba nonya, wayelingis­wa nguWhitake­r kwiThe Last King of Scotland.
UMENGAMELI wase-Uganda, u-Idi Amin, owaduma cishe umhlaba wonke ngokuba nonya, wayelingis­wa nguWhitake­r kwiThe Last King of Scotland.
 ??  ?? NGESINYE sezithombe uWhitaker “engu-Archbishop Tutu”.
NGESINYE sezithombe uWhitaker “engu-Archbishop Tutu”.
 ??  ?? UWHITAKER elingisa indawo ka-Idi Amin athi kwakungcon­o ukuyilingi­sa, wayengesab­i njengoba kwenzeka ezodlala ekaTutu.
UWHITAKER elingisa indawo ka-Idi Amin athi kwakungcon­o ukuyilingi­sa, wayengesab­i njengoba kwenzeka ezodlala ekaTutu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa