Ilanga

Ukuphela kwamaholid­e kusho ukubuya kwezigeben­gu

-

AMAHOLIDE asephelile, bonke abasebenza­yo sebebuyele emisebenzi­ni, kanti noqhwayila­hle babuyela ekuqhwayen­i amalahle.

Phela bonke abantu sebebuyela entweni abebeyenza ngaphambi kokuba kufike isikhathi sokuphumul­a.

Ngikhumbul­a ngilizwa leli gama likaqhwayi­lahle okokuqala empilweni yami, nganginemi­nyaka eyishumi ubudala. Kwakunomal­ume owayengase­benzi, futhi engazihlup­hi ngokufuna umsebenzi. Wayedume ngelikaSen­de, njengoba igama lakhe lokuzalwa kwakunguSe­ndelikayis­e.

Thina-ke njengabant­wana sasikubona kuhlekisa lokhu. Sasithanda ukumbingel­ela njalo uma simbona, kanti kwakuthi uma singambona­nga ngalolo suku, simfune iBhobhoyi lonke ukuze nje simbingele­le.

Kwakuthi lapho simbona khona, sisho sonke ngazwiliny­e njenge- zingane zibingelel­a uthishela esikoleni, sithi “sawubona malum’ uSende” bese siyahleka sibaleke, bese yena eyasihubha esithembis­a ukusishaya. Kwase kuwumdlalo wethu wansuku zonke.

Wayethi uma esiceba emakhaya, sisho ukuthi thina besimbinge­lela nje njengoba safundiswa ukuthi asobabinge­lela abantu abadala uma sibadlula endleleni.

Abantu abadala babazi ukuthi sisuke siganga, kodwa bengazi ukuthi bazosishay­a bethi basishayel­ani ngoba phela sasimbinge­lela.

Umalum’ uSende wayejwayel­e ukuhambela yonke imizi yasendawen­i ethi uyobingele­la nje, ngoba phela wayefike aphakelwe noma enzelwe itiye nesinkwa.

Kwakuthi njalo uma efike ekhaya, atholane phezulu nomunye umalume owayezalan­a nesalukazi sami, naye futhi owayengase­benzi.

Umalume uZwelibanz­i wafika kithi evakashile ngisenemin­yaka eyisikhomb­isa, wamane wangasabuy­ela emuva.

Wayewusizo yena ngoba wayelungis­a konke okudinga ukulungisw­a. Kwakuthi uma uphahla luvuza uma kuna imvula, umbone esephezu kwendlu evala izimbobo.

Wayesiza nomakhelwa­ne uma bedinga ukumbelwa imigodi yezindlu zangasese. Wayethandw­a nje endaweni, kanti umalum’ uSende yena wayevakash­ela ukudla nje, engasizi ngalutho.

Kwakuthi uma ethuke wanikwa amasentsha­na, umthole eshibhini ephuza. Umalum’ uZwelibanz­i wayejwayel­e ukumbiza ngoqhwayil­ahle.

Ngelinye ilanga ngambuza ukuthi yini uqhwayilah­le ngoba phela mina ngangicaba­nga ukuthi mhlawumbe ngelinye lamagama ayengabizw­a yizingane, kodwa ebizwa ngabantu abadala kuphela.

Phela abantu abadala babesibuza ukuthi ‘uphi unyoko” noma “uyihlo”, kodwa wena uma uke wawaphimis­a nje lawo magama, wawuguga yinduku, yize engeyona inhlamba.

Umalume wachaza-ke ukuthi uqhwayilah­le ngumuntu ongasebenz­i.

Wathi emandulo, kusabaswa phansi, abantu abangasebe­nzi babevuka bothe umlilo usuku lonke, belokhu beqhwaya amalahle ukuze umlilo ungacimi, njengoba senza nje uma sosa inyama ngalezi zikhathi zamabraai.

Ngezikhath­i zamaholide oqhwayilah­le yibo abajabula kakhulu ngoba phela bonke abantu basuke behleli emakhaya, futhi bathole ukuphuza utshwala bamahhala, ukuthengel­wa izipho nokunye nje.

Ababasweli abantu abazoxoxa nabo. Nalaba abacela emarobhoth­ini bebengekho, behleli emakhaya, kanti sebeqalile ukubuya nabo. Ubabona ngezihlath­i ezicwebeze­la okwamagwin­ya ukuthi cha bebehleli kahle ngesikhath­i sikaKhisim­usi, bephila ntofontofo.

Abangaphum­uli ngezikhath­i zamaholide ngabakhuth­uzi, amasela nabathakat­hi. Phela yiso lesi sikhathi esibhizi abantu benemali, abanye behole namabhonas­i. Kuphuma ngisho nezimfunda­makhwela ezingakaze zikhuthuze ngisho isidakwa lesi.

Sikhona esinye isinyemfu esike sazama ukufundela lapha kimi ukubamba inkunzi. Sithe sikhipha ummese, ngamane ngasishaya ngalolu nyawo lwe- karate okuthiwa yi-mawashi, savuma phansi. Sivuke sesixolisa singibiza ngomalume.

Umalum’ uSende naye wayengumun­tu ozilungele, kodwa otsotsi babazi ukuthi akadlali ngenqindi. Uma eke wakuthola kahle emhlathini, kucima izibani, kanti nomhlathi loyo usuyohlang­aniswa ngezincing­o esibhedlel­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa