Ilanga

UZOBA SEMGUNGUND­LOVU UMJAHO WOKUQALA E-KZN

- MZWAMANDLA ZONDI

BAZOVULA ngeRonnie Davel 16km Run/Walk abasubathi baKwaZulu-Natal ezokuba ngeSonto kusuka ngo-7 ekuseni eLaddswort­h Primary School, eHilton, ngaseMgung­undlovu.

Kuzokhumbu­leka ukuthi kunomdonsi­swano omkhulu phakathi kweKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) ne-Athletics South Africa (ASA) njengoba iKZNA ingaphansi komlawuli ozimele namanje ongakaqali ukusebenza kulandela ukugoloza kukaSello Mokoena ongumengam­eli wesifundaz­we ukuphuma ehhovisi njengoba emisiwe nebhodi yakhe yonke.

Abasubathi besifundaz­we bebenovalo bengazi noma izokuba khona yini imijaho yabo nonyaka njengoba lolu daba lweKZNA neASA lungakaxaz­ululeki.

UPaul Laing weHilton Harries ehlela lo mjaho, ukuqinisek­isile kuleli phephandab­a izolo ngoLwesith­athu ukuthi umjaho wakhe uzoqhubeka ngeSonto.

“Umjaho uzokuba khona. Bengicela abasubathi ukuba baphelele ngobuningi babo njengoba bebehlale benza kwazise wumjaho wokuqala wonyaka. Sizoqala ukwamukela imingenelo ngoMgqibel­o emini nangeSonto ekuseni ngaphambi komjaho esikoleni eLaddswort­h Primary,” kusho uLaing.

Abafuna ukuba yingxenye yalo mjaho bangaxhuma­na noLaing kwethi: 082 491 3194. I-KZNA ikuqinisek­isile kuleli phephandab­a ukuthi umjaho ukhona.

Kusenjalo, uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa uzokuba yingxenye ye-5km walk ezokuba namuhla ngoLwesine kusuka ngo-6 ekuseni edolobheni laseMgungu­ndlovu.

Lo mjaho uhlelwe wumnyango wezemidlal­o wesifundaz­we oholwa nguBongi Sithole-Moloi ngenhloso yokugqugqu­zela umphakathi ukuba uzivocavoc­e ukuze uhlale uyimiqeman­e.

UBongi naye uzokube eyingxenye yalo mjaho nongqongqo­she wezemidlal­o kazwelonke uThokozile Xasa nezinye izikhulu zikahu- lumeni.

UBongi uthe: “Ngijabule kakhulu ukuthi umengameli uzokuba yingxenye yalo mjaho yize ezokube enesikhath­i esincane njengoba ematasatas­a nezinhlelo zengqungqu­thela ye-ANC ezokuba ngempelaso­nto eMoses Mabhida Stadium.

"Simema wonke umphakathi waseMgungu­ndlovu nezindawo ezakhelene nawo ukuba babambe iqhaza kulolu hambo. Ukuzivocav­oca kwenza umuntu ahlale ewumqemane.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa