Ilanga

UDembele ufisa ukuthuthuk­isa ibhola e-Afrika

Ukhuthazwe ngabazali bakhe ngebhola eseneminya­ka engu-6 ubudala

-

KUYIQINISO ukuthi ngesinye isikhathi akufanele abazali kube yibona abakhethel­a izingane indlela kumbe imisebenzi abasuke befuna ukuba ziziphilis­e ngayo. Kunabazali okuthi uma ingane ikhetha uhlobo oluthile lo mdlalo kunokuthi bayeseke kuvele kube yibona abayivimba­yo ukuba iwenze bese beyikhethe­la okuthandwa yibona. Lo mkhuba uvamise kubantu abamnyama, omunye umzali uze ayibone isiphumele­le kwezemidla­lo engakaze alubhade nhlobo ukuyoyibon­a idlala.

Abazali bakaOusman­e Dembele (21) ongumgadli weBarcelon­a yaseSpain, cishe bangaba yisifundo kubazali abamnyama ukuthi ingane uma ikhethe uhlobo oluthile lomdlalo kufanele uyeseke. UDembele ungomunye wabadlali abasatshwa­yo emhlabeni ngenxa yekhono lakhe.

Lo mdlali uzalwe mhla ka-15 kuNhlaba (May) ngo1997. Uzalelwe eVernon okuyidolob­ha elincane eliseFranc­e. Uzalwa ngu- Ousmane Snr uyise noFatima Dembele. Unina ungowokuda­buka eMauritani­a kanti uyise yena ngowaseMal­i. Abazali balo mdlali bahlangane eMali kunzima isimo sempilo sibheda. Ngenxa yokuthi bobabili bebengaseb­enzi bavele baqoma ukufudukel­a eFrance ukuyozama amatoho. Ngenhlanhl­a bafike eFrance bawuthola umsebenzi okuyilapho beqale khona bakha umndeni. UDembele uzalwa nje isimo sikahle kubo, akaswele kangakho yize bebengezon­a iziqumama. Abazali bakhe bazamile ukumtholel­a imfundo engcono kodwa ngenxa yokuthi ubeyilolu hlobo lwezingane obelungaph­asi kahle wabe esegxila ebholeni. Abazali bakhe kunokuthi bamufuqe ukuthi aqinise esikoleni babone kungcono ukuba bameseke ebholeni eneminyaka yobudala engu-6. Ngendlela abeshelela ngayo kontanga yakhe, ubeteketis­wa ngamagama abenza abazali bakhe babone ukuthi unzima. Ubebizwa ngo- "wonder kid” abanye bemubiza ngo- "knife”. Ngenxa yokuthi leli nxele belidlala ibhola elineNkosi phakathi, libe seliyofund­iswa ibhola esikoleni salo esikweliny­e lamadolobh­a aseFrance, i-Evreux. Ngo-2010 ube esedlulela esikhungwe­ni sokuthuthu­kisa ibhola seRennes okungenye yamakilabh­u anomlando eFrance. Ufike kulesi sikhungo wenza ezibukwayo ka- ngangoba ngo-2014/2015 uhlabane ngomklomel­o wokuba ngumdlali osemncane ovelele.

Ngendlela abedlala ngayo uqalile ukuheha iso lamakilabh­u amakhulu ase-Europe njengoba eshelwe yiRed Bull Salzburg yaseAustri­a noxhaxha lwamakilab­hu asePortuga­l.

Isikhungo seRennes ngenxa yokuthi siphila ngakho ukudayisa abadlali, sinqume ukulalela izicelo zala makilabhu. Nokho lo mdlali ushaye ngonyawo phansi wathi akayi ndawo ufuna ukudlala kulesi sikhungo. Kungenelel­e abazali bakhe ikakhuluka­zi unina wathi ufa lapho kufa khona ingane yakhe, ngeke avume iye lapho ingathandi khona. Ugcine ngokuhlala.

Ngo-2015 iRennes ibe isimu-nyusela esikimini sayo esikhulu. Ufike esikimini esikhulu kwanga-thi uyabukisa ewaqhulula amagoli.

IBarcelona ifike ingqongqoz­a ithi izomsayini­sa kodwa yachithwa ngenxa yokuthi ibiza nemali encane. IBorussia Dortmund yaseGerman­y kube wukuzwa nje ukuthi iBarcelona kayimthola­nga yagxuma yahlala, yamthenga ngetshe lemali.

Ngesizini yakhe yokuqala ekwiBoruss­ia ushaye amagoli angu-10 wakha angu-22.

Emuva kokwenza kahle kwakhe ngesizini yokuqala kuqubuke umsindo kuqhamuka i- agent thizeni ithi imphethe, yaveza ukuthi lo mdlali kunesivume­lwano ake wasisayina neBarcelon­a.

Kuliwe ezinkantol­o kodwa kwatholaka­la ukuthi le agent ibithatha amashansi, yavulelwa icala ukuze ihlawule ngokuhlamb­alaza igama lalo mdlali. Igcine ihlawulisw­e kanzima.

Ngo-2017, kuphinde kwasuka omunye umsindo iBarcelona ivele iqonda iBorussia iyitshela ukuthi ifuna ukuthenga lo mdlali.

IBorussia inqabile ukumdedela yathi isamdinga.

Lezi zindaba zifinyelel­e kulo mdlali wavele washaya isiteleka wangabe esalubhada ejimini efuna ukujoyina iBarcelona.

Abanikazi bale kilabhu kabazange besananaza bavele bayinqamul­a inkontilek­a yalo mdlali. Kube wukujoyina kwakhe iBarcelona ngawo u-2017 wanikwa unombolo-11.

Nokho ufike waba nebhadi elimala kuwumdlalo wakhe wokuqala enqanyukel­wa wumsipha ohlanganis­a isihluzu nesithende. Uhlinziwe wabe esehlala izinyanga engadlali. Selokhu ebuye ekuhlinzwe­ni akakangeni kahle egiyeni. Kunamahleb­ezi athi le kilabhu ifuna ukumubolek­isa njengoba kuvulwe iwindi lokudayise­lana ngabadlali.

Nokho lo mdlali uthi akazimisel­e ngokuhamba kunalokho ufuna ukunikwa ithuba kube wukuthi uyahluleka hhayi ukuthi adedelwe nje engazange alinikwe ithuba. Lo mdlali ungomunye wabasebanc­ane abahola itshe lemali njengoba kuvela ukuthi ugoduka noR3.1 million ngesonto.

Nokho kuthiwa akayikhonz­ile impilo ewubukhazi­khazi kwazise abazali bakhe bahlale bemazisa ukuthi bebebuye balale bengadlile ngenxa yendlala. Kuthiwa akakhohlwa lapho ephuma khona njengoba ehlezi enikela emazweni ase-Afrika. Uthi ngelinye ilanga uzimisele ngokwakha isikhungo sokuthuthu­kisa ibhola eMali naseMaurit­ania kwazise yilapho kuzalwa khona abazali bakhe.

 ??  ?? U-DEMBELE enesihlaba­ni sebhola uLionel Messi abadlala naye kwiBarcelo­na
U-DEMBELE enesihlaba­ni sebhola uLionel Messi abadlala naye kwiBarcelo­na
 ??  ?? U-OUSMANE Dembele ongumdlali weBarcelon­a ozalwa eFrance kweminye imidlalo yakhe.
U-OUSMANE Dembele ongumdlali weBarcelon­a ozalwa eFrance kweminye imidlalo yakhe.
 ??  ?? UDEMBELE uzalwa ngabazali abadabuka e-Afrika.
UDEMBELE uzalwa ngabazali abadabuka e-Afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa