I-DOWNS IGABE NGESIPILIYONI KWI-CAF

Ilanga - - Ezemidlalo - SENZO SOKHELA

UGABE ngesipiliyoni akholwa wukuthi yisona esizobasiza banqobe kuleli qoqo elibukeka linzima uPitso “Jingles” Mosimane ( osesithombeni) ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns.

IDowns izobhekana neLobi Stars yaseNigeria kowokuvula isigaba samaqoqo kwiCaf Champions League ngoMgqibelo ngo-18h00 kulo leliya lizwe.

IDowns ifulathele elakuleli ngoMsombuluko yenzela ukusheshe yejwayele isimo sezulu saseNigeria. Nokho ibukeka ibhekene nobunzima njengoba u- group A ekuwona ubophele amakilabhu anzima.

Kukhona iLobi Stars, i-Asec Mimosa yase-Ivory Coast neWydad Casablanca yaseMorocco okuyiyona ekhiphe iDowns kulo mqhudelwano ngesizini edlule.

UMosimane uthi isipiliyoni yisona esizobawelisa.

“Sesidlale iminyaka eminingi ilandelana kulo mqhudelwano, kuningi esesikwazi.

Ngaphandle kwalokho sinabadlali abanokhakhayi oluqinile, abakwaziyo ukubhekana nobunzima bakula mazwe ase-Afrika. Sengiyabhekisisa manje uma ngisayinisa umdlali ukuthi unesipiliyoni esingakanani sokudlala e-Afrika.

“Lo mdlalo esiya kuwona siyazi ukuthi sizomisa kanjani ngawo, asinavalo. Sinqume ukusheshe sihambe ngoba siyazi ukuthi isimo sezulu saseNigeria siyinkinga ngakho-ke bekumqoka ukuba sizame ukusheshe sisejwayele.

"Lo mdlalo ngeke ube lula kodwa sizozama ngawo wonke amandla ukuwunqoba,” kusho uMosimane.

KoweCaf Confederation Cup, iKaizer Chiefs izobhekana neZESCO United yaseZambia ngeSonto ngo-15h00 kulo leliya lizwe.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UTHEMBI Kgatlana wakuleli emukela indondo yokuba ngumdlali ovelele e-Afrika kuNobhala-Jikelele weFifa uFatma Samoura emcimbini wezindondo obuseDakar, eSenegal ngoLwesibili ebusuku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.