Ilanga

OXOSHWE YI-ARROWS USEKHONJWA KWI-CHIPPA

-

UCLINTON Larsen angase aqokwe njengomqeq­eshi omusha weChippa United okuthiwa ixoshe uJoel Masutha emuva kokuba le kilabhu italajwe yi-Orlando Pirates ngo-4-2 kowe-Absa Premiershi­p ngoLwesibi­li ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto.

Kulindelek­e ukuba uLarsen athathe lesi sikhundla esesihlale abaqeqeshi abathathu kule sizini njengoba iChippa iqale isizini icijwa nguDan “Dance” Malesela oxoshiwe kwangena u-Eric Tinkler ofakwe umgxala kwathatha uMasutha ophikayo ukuthi usengumla- ndo kule kilabhu, uthe akakaziswa lutho.

Le kilabhu isanda kubuyisa uWanda Mbenguzana owashiya ngoba engezwani noPeter Koutroulis osanda kushiya kule kilabhu esiqashe noMorgan Mammila njesikhulu sayo esisha esiphezulu.

URodney Ramagalela ongumgadli wePolokwan­e City, umisiwe ukuzihlang­anisa nale kilabhu ngenxa yokugoloza ukuvuselel­a inkontilek­a yakhe. Lo mgadli kuthiwa ugaqelwe yiSuperSpo­rt United neBucs.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa