Kubuye asebeqine ukhakhayi kwi-Eagles

U-DVD Mathebula ulaxaze owokuqeqesha

Ilanga - - Ezemidlalo - MFANAFUTHI NDLOVU

IBUYISE abadlali abanesipiliyoni iRoyal Eagles ngaphambi komdlalo omqoka neTS Sporting weNational First Division (NFD) ngoMgqibelo ngo-15h30 eChatsworth Stadium.

ILANGA lithole ukuthi i-Eagles seyiqinise isikwati sayo ngokubuyisa u-Uhuru Suleiman waseTanzania ongumgadli.

Usayine inkontileka yezinyanga ezingu-6. I-Eagles ibuye yalanda noSonke Ntuli oyisiphekepheke ophuma kwiRichards Bay FC.

Lezi zindaba ziqinisekiswe nguJames “Matatazela” Dlamini oyiMenenja-jikelele kule kilabhu yeziqumama zakwaMpisane elele endaweni yesithathu kwi- log yeNFD. UDlamini uthe inhloso yokubuyisa uSuleiman wukuqinisa kubagadli kwazise sekuqala ukushuba kulesi sigaba. Uthi omunye abamusayinisile nguS’bonelo Boycie abamnyuse esikwatini sabo esincane.

UPhilani Cele ongukaputeni we-Eagles, uzwakalise ukuthi kakubathenanga amandla ukushaywa yiStellenbosch FC ngeledlule okwenze behlela endaweni yesithathu besuka kweyesibili.

Uthi bazimisele ngokuqhubeka nokulwela ukushubisa umbango wokunqoba lesi sigaba esiyisango lokungena kwi-Absa Premiership.

“Umehluko wamaphuzu angu-7 kwiStellenbosch esesicongweni kawumukhulu neze. Sizokwenza konke okusemandleni ukuthatha wonke amaphuzu koweSporting. Nakuba silindele umdlalo onzima kakhulu kodwa kasizimisele ngokuphoxa ekhaya.

"Okuhle wukuthi kuvunguza umoya wobunye kubadlali,” kusho uCele.

Ngokuthola kwaleli phephandaba, uSiphesihle “Magwegwe” Msomi useqalile ukujima ne-Eagles kanti angase aqale ukubonakala noma nini.

IReal Kings idedele izembe kuPhilani “Philoh” Zikalala obecija onozinti. Kuthiwa onozinti bale kilabhu sebecijwa nguSbongiseni “Lisakhanya” Zondi obevele ekhona kule kilabhu. Kuthiwa uZikalala akahambanga yedwa kodwa kubuye kwafakwa umgxala uMlungisi Mazibuko obevimba kule kilabhu.

Ugcine esayine kwiTshakuma Tsha Madzivhandila uPhumelele “Ace” Bhengu oke wagijima kwi-Kings nakwiMoroka Swallows phambilini. Abanye abasayine kule kilabhu nguLucky Khumalo noSipho Jembula. Kuthiwa uBhengu angase abe yingxenye yesikwati esizodlala neKings koweligi ngoMgqibelo eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont. UDavid “DVD” Mathebula ushiyile kule kilabhu abeyisekela lomqeqeshi uSello Chokoe, onikwe imidlalo emibili ukuguqula imiphumela.

Isiyonke imidlalo yeNFD engempelasonto imi kanje:KUSASA NGOLWESIHLANU E-Athlone: Ajax Cape Town vs Jomo Cosmos 15h30.

E-Idas Valley Sports: Stellenbosch FC vs Richards Bay 15h30. NGOMGQIBELO EBoland: UBuntu Cape Town vs TS Galaxy 15h30.

ESugar Ray Xulu: Real Kings vs Tshakhuma Tsha Madzivhandila FC 15h30.

EChatsworth: Royal Eagles vs TS Sporting 15h30.

EVolkswagen Dobsonville: Maccabi FC vs Witbank Spurs 15h30. NGESONTO Kanyamazane: Mbombela United vs Cape Umoya United 15h30.

ESugar Ray Xulu: UThongathi FC vs Pretoria University FC 15h30.

DAVID "DVD" Mathebula

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.