ABODUMO KWI-PSL BAZAMA KUMVOTI FC

Ilanga - - Ezemidlalo - MFANAFUTHI NDLOVU

ABADLALI bodumo kwiPremier Soccer League (PSL) bazama inhlanhla kuMvoti FC ozobhekana neDabeka Sporting koweSouth African Football Association (Safa) KwaZuluNatal ABC Motsepe League ngoMgqibelo ngo-15h00 eKing Edward, eGreytown.

Kubadlali okuvele ukuthi sebeqalile ukujima noMvoti kukhona uPule Nonyane oyisitobha, obegijima kwiPlatinum Stars ngesizini edlule, noLonwabo Balfour ongumgadli obedlala eqenjini leChippa United eligijima kwiMultiChoice Diski Challenge (MDC).

UKabelo “KB” Sibiya ocija uMvoti FC, utshele ILANGA ukuthi bafuna ukuhlikihla usawoti esilondeni esibhibhayo seSporting abasixebule ngo-1-0 emlenzeni wokuqala. Uthi nasejimini abadlali ubelokhu ebakhumbuza ubumqoka bokusebenzisa amathuba okushaya amagoli. Uthi kuvunguza umoya wobunye ejimini. Uveze nokuthi sekukhona nabadlali abasha abazobasayinisa uma kuvulwa iwindi lokudayiselana ngabadlali ngomhla ka-15 kwephezulu.

“Ngithokoze kakhulu ngesimo ejimini. Nginelikhulu iqholo lokuthi isipiliyoni sami sizowusiza kakhulu uMvoti. Kunabadlali abasha engingase ngibasayinise uma kuvulwa iwindi. Kubadlali asebeqalile ukujima nekilabhu kukhona uNonyane obegijima kwiPlatinum noBalfour ongumgadli engimthathe kwiMDC yeChi- ppa.

“Ngikholwa wukuthi ngalaba badlali ngizokwazi ukubhubhisa ngabo uma konke sekuqondile ngamaphepha abo. Ngibatshelile abadlali ukuthi kumele bakholelwe ethalenteni abanalo. Okuhle wukuthi sibambisene nethimba lami labaqeqeshi nezikhulu zekilabhu.

“Ngikholwa wukuthi sizohamba ibanga elide embangweni walesi sigaba. Kungangijabulisa kakhulu ukubona ikilabhu iyodlala imidlalo yokuhlunga eCape Town. Nokho kumele sikulwela lokhu ngoba ngeke kuzifikele ngethileyi,” kusho uSibiya owaziwayo ngokukhiqiza abadlali abahle.

USheldon Roux ocija iSporting, uthe nakuba ewubona unzima lo mdlalo kodwa uyabethemba abadlali bakhe.

Isiyonke imidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League ihlelwe kanje:NGOMGQIBELO E-Eastbury: Rainham Sporting vs X1 Experience 15h00.

EKing Edward Park: UMvoti FC vs Dabeka Sporting 15h00.

EMhlathuze: Milford FC vs Durban FC 15h00.

EMpumalanga: Maritzburg City vs Edendale Juventus 15h00.

ESettlers Park: Ladysmith United vs GWP Friends 15h00.

EStanger High: KwaDukuza United vs Happy Wanderers 15h00. NGESONTO EChatsworth: Summerfield Dynamos vs Ashley United 15h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.