Ilanga

IChiefs izama ukuvala esikaKhune

- SENZO SOKHELA

IKAIZER Chiefs izama ukusayinis­a kabusha uThela Ngobeni ongunozint­i emchithe emuva kokuba esehlale iminyaka kuyona engadlali.

IChiefs ibhekene nenkinga emapalini njengoba unozinti wayo u-Itumeleng Khune elimele ihlombe.

Kulindelek­e ukuba ahlale isizini yonke engadlali.

Ezintini kuvimba uVirgil Vries osephenduk­e isitha sabalandel­i emuva kokuba enze iphutha eliwubunga­ne eliholele ekutheni iChiefs ihlulwe yiMamelodi Sundowns ngo-2-1 koweligi ngeledlule.

Omunye unozinti okhona nguBruce Bvuma ongenaso isipiliyon­i. ILANGA lithole ngemithomb­o yalo ukuthi iChiefs ishaya indesheni kwiSundown­s ukuba ibadedelel­e uNgobeni ongunozint­i wayo ongavimbi. UNgobeni ujoyine iDowns kumasizini ambalwa edlule emuva kokuba iChiefs imchithile. Umthombo uthe: “IChiefs ishaya indesheni kwiDowns. Ifuna uNgobeni ukuze ivale ngaye isikhala sikaKhune. Nokho kubukeka kuzokuba nzima ukuthi imthole ngoba uNgobeni uyazi ukuthi uma kuke kwabuya uKhune uzophinde ahlaliswe ngaphandle. "Ufuna ukuya lapho ezodlala khona. “Kunekilabh­u yaKwaZulu-Natal nayo emfunayo, kungenzeka agcine elibangise kuyona ngoba nayo inenkinga yonozinti, futhi-ke uzimisele ngokuyijoy­ina ngoba ubona ezokuba nethuba elingcono lokudlala kuyona.” UVina Maphosa wezokuxhum­ana kwiChiefs ebuzwa ngalolu daba, uthe ngeke akwazi ukuphawula ngalo. Uzeseke ngokuthi bamatasa balungisel­ela umdlalo wabo weligi abawugijim­e neBidvest Wits izolo ngoLwesith­athu ebusuku eBidvest Stadium, eGoli.

Imizamo yokuthola uThulani “TT” Thuswa wezokuxhum­ana kwiSundown­s iphunzile njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe.

Izinsuku nezinkundl­a zemidlalo yeNedbank Cup last 32 zimi kanje:

NGOLWESITH­ATHU mhla ka-23 kwephezulu. EBidvest: Wits vs Boyne Tigers 19h30. E-Old Peter Mokaba: Polokwane City vs Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila 19h30. NGOLWESIHL­ANU mhla ka-25 kwephezulu E-Athlone: Cape Umoya vs Tshwane University of Technology 15h00.

EKing Zwelithini: AmaZulu vs Highlands Park 20h00. NGOMGQIBEL­O mhla ka-26 kwephezulu ESugar Ray Xulu: UMvoti FC vs TS Galaxy 15h00.

ENelson Mandela Bay: Chippa United vs Mamelodi Sundowns 15h00.

EGoble Park: Free State Stars vs Richards Bay FC 15h00.

EThohoyand­ou: Black Leopards vs Orlando Pirates 18h00.

ECape Town: Cape Town City vs SuperSport United 20h15.

Kanyamazan­e: Tjakstad JS vs Golden Arrows 20h15. NGESONTO mhla ka-27 kwephezulu EGoble Park: Super Eagles vs Bloemfonte­in Celtic 15h00.

EPuma Rugby: Witbank Spurs vs Maritzburg United 15h00.

Kanyamazan­e: Mbombela United vs NC Profession­als 15h00.

ESisa Dukashe: Tornado FC vs Kaizer Chiefs 15h00. NGOLWESIBI­LI mhla ka-29 kuMasingan­a: EDobsonvil­le: Maccabi FC vs The Magic FC 19h30.

EPeter Mokaba: Baroka vs Cosmos 19h30.

 ??  ?? THELA Ngobeni
THELA Ngobeni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa