Ilanga

USUTHU NENKINGA YOKULIMALA KWABADLALI

- SENZO SOKHELA

UGQEMEKE ingozi uCavin Johnson ( osesithomb­eni) ongumqeqes­hi wamaZulu FC njengoba ezoya emdlalweni omqoka ngaphandle kwabadlali bakhe abawumgogo­dla.

USuthu luzobhekan­a neHighland­s Park koweAbsa Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-20h15 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi. USuthu luwuvule kabi unyaka luhlulwa yiPolokwan­e City ngo-3-2 koweligi ngeledlule ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

UJohnson ukhala uyazithuli­sa njengoba ethi uzoya kulo mdlalo weHighland­s ngaphandle kwabadlali abamqoka, uPhumlani Gumede odlala emuva odonsa isigwebo samakhadi amane aphuzi noButholez­we Ncube odlala esiswini olimale emdlalweni wePolokwan­e.

U-Emiliano Tade ongumgadli akazange ajime izolo ngoLwesith­athu ekuseni ngenxa yokuthi kwayena ubuya ekulimalen­i. Nokho kuthiwa abaqeqeshi bebemonga.

“Unyaka siwuvule kabi kodwa ngikholwa wukuthi sizenze thina ngoba sivuzise amagoli alula. Lona ngumdlalo wethu wokuqala ekhaya kulo nyaka, noma kanjani kufanele siwunqobe. Siyazi ukuthi bazoza ngamandla ngoba sibehlulil­e ekuhambeni. Okusifaka umfutho wukuthi kasikaze sehlulwe eKing Zwelithini.

“Ngibuhlung­u njengoba bengekho laba badlali, uma sesibheke entanjeni usuke usudinga bonke abadlali bakho bephelele. Kodwa-ke bakhona abanye, kuzofanele balisebenz­ise ithuba engizobani­ka lona. UTade akajimanga ngoba sizama ukumonga njengoba ebuya ekulimalen­i. Ngethemba ukuthi kuzosisebe­nzela lokho,” kusho uJohnson.

U-Owen da Gama ololonga iHighlands, uthi AmaZulu kuzofanele asebenze uma kuwukuthi afuna ukubehlula.

“Lo mdlalo uzoba mnandi lokho kangikunga­bazi ngoba womabili amakilabhu anabadlali abasebanca­ne futhi abanomfuth­o. Okwenzeke emzuliswan­eni wokuqala besehlula ekhaya sidlulile kukhona ngoba besisazifi­kela nathi sisahlanga­nisa izinto.

Kodwake sibabonile

behlulwa yiPolokwan­e kunezindaw­o ababuthaka kuzona esizongena ngazo. Kunabadlal­i nje engimincil­e ukuthi bababophel­e kulo mdlalo enginganga­bazi ukuthi yibona abazokwenz­a sinqobe. Kuzofanele basebenze ngokwengez­iwe uma befuna ukusehlula. Irekhodi labo lasekhaya alisho lutho, thina sizokwenza umsebenzi esiwaziyo nje kwaphela,” kusho uDa Gama. Isiyonke imidlalo yeligi imi kanje:NGOMGQIBEL­O EThohoyand­ou Stadium: Black Leopards vs SuperSport United 15h30 (SS10).

ECape Town Stadium: Cape Town City FC vs Baroka FC 20h15 (SS4).

EKing Zwelithini Stadium: AmaZulu FC vs Highlands Park 20h15 (SABC1). NGESONTO EDr Molemela Stadium: Bloemfonte­in Celtic vs Golden Arrows 15h30 (SS4 nakwiSABC1).

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa