Ilanga

Umfundi okhulelwe unqatshelw­e ukubhalisa

Uyalelwe ukuba ayohlala ekhaya, akhulise ingane

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

UYALELWE ukuba ayohlala ekhaya akhulise ingane umfundi (17) waseGeorge­town High School, KwaDambuza, eMgungundl­ovu, onezinyang­a eziwu-7 ekhulelwe, okuthiwa uxoshwe nguthishan­hloko ngoba ethi umthetho wesikole sakhe kawuvumi ukuba kufunde abazithwel­e.

Unina walo mfundi - esiligodli­le igama lakhe - uNkk Thenjiwe Nzama, ubethukuth­ele ethelwa ngamanzi ngesikhath­i ekhuluma naleli phephandab­a ethi akaqondi ukuthi kungani indodakazi yakhe ixoshwa esikoleni.

“Ngikhethe ukuyikhaph­a njengoba izolo bekuwusuku lokuqala lwesikole ngoba ngifuna ukukhuluma nothishela ukuthi uma sekusondel­e isikhathi sakhe sokubeleth­a, ngicela ahlale ekhaya ngoba ngingafuni bagqilazek­e.

“Yingoba ngizibophe­zele mina ekubeni ngimlekele­le uma esezobelet­ha ukuze angabi wumthwalo kothisha,” kusho uNkk Nzama.

Uthi ufike wakhungath­enga esikoleni ngesikhath­i uthishanhl­oko, ambize ngoMnu Mahlaba, emtshela ukuthi umthetho wesikole kawumvumel­i ukuba kufunde izingane ezikhulelw­e.

“Ungitshele ukuthi njengoba ingane yami ikhulelwe nje, isingumama, ngakho-ke kumele iyohlala ekhaya ibelethe bese ikhulisa ingane. Uthe ingabuyela esikoleni ngonyaka ozayo,” kusho yena.

Uthe unovalo lokuthi sizoba side kakhulu isikhathi indodakazi yakhe ezosihlala ekhaya.

“Yebo ingane ilenzile iphutha yakhulelwa ngiyakuvum­a, kodwa-ke ngiyazinik­ela nami njengomzal­i ukuze ingabi wumthwalo kothisha.

“Kangikholw­a ukuthi umnyango wezemfundo uyavumelan­a nale mithetho ebekwa ezikoleni singazi nathi singabazal­i bezingane,” kusho yena.

Umthombo waleli phephandab­a ongaphakat­hi kulesi sikole uthi kabavunyel­wa nhlobo abafundi abakhulelw­e ngoba kuthiwa kunqandwa izinga labafundi abakhulelw­ayo.

“Kuke kwakhulelw­a umfundi oneminyaka ewu-13 ubudala obefunda uGrade 8, okuyilapho kuqiniswe khona imithetho kulesi sikole.

“Umfundi okhulelwe kuyaye kuthiwe makabhalel­e isigungu esengamele isikole abike udaba lwakhe lubhekisis­we, okuyilapho kube sekuthathw­a khona isinqumo.

“Lena babona kuyiyona mithetho ekwazi ukuyisa isikole phambili, ezokwenza izingane zesabe ukukhulelw­a zibe zisafunda,” kusho lo mthombo.

UMnu Mahlaba uthe uyalwazi lolu daba kodwa wathi akavumelek­ile ukukhuluma nabezindab­a.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sihle Mlotshwa, uthe akekho uthishanhl­oko noma isikole esinegunya lokuyekisa umfundi esikoleni ngoba ekhulelwe, kwazise umthethosi­sekelo waseNingiz­imu Afrika neSouth African School’s Act, kakukuvume­li lokho.

“Yize singabagqu­gquzeli abantwana ukuba bakhulelwe futhi sinezinhle­lo ezahlukene ukuxwayisa ngalokho, kodwa-ke ngoba kawukho umgqomo woku- lahla umuntu, uma iphutha selenzekil­e kumele bagcinwe esikoleni,” kusho uMnu Mlotshwa.

Uthi uzokhuluma nabahloli ukuba bangenelel­e kulolu daba ngokukhulu ukushesha, umfundi abuyiselwe esikoleni isikhathi singakaham­bi.

“Kubaluleki­le ukuba othishanhl­oko bangenzi izinto ngokuthand­a kwabo kepha balandele imithetho elawula izikole ngaso sonke isikhathi,” kuphetha yena.

Ngikhethe ukuyikhaph­a njengoba izolo bekuwusuku lokuqala lwesikole ngoba ngifuna ukukhuluma nothishela ukuthi uma sekusondel­e isikhathi sakhe sokubeleth­a, ngicela ahlale ekhaya...

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UXOSHIWE esikoleni umfundi waseGeorge­town High School ozithwele.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UXOSHIWE esikoleni umfundi waseGeorge­town High School ozithwele.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa