Ilanga

Kuboshwe uthisha 'odlwengule' umfundi (16)

U-R20 000 nezicathul­o zesikole ezingu-200

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

ZIMKHALELE ephuma nje emagcekeni esikole ngoLwesibi­li ekuseni, uthisha waseMqhawe Secondary School, eNanda, osolwa ngokudlwen­gula umfundi (16) ngoZibandl­ela (December) maqede wamvala amehlo wayomlahla ngakubo.

Kuthiwa uthisha uluthe lo mfundi ngokuthi kukhona afuna amsize ngakho, kanti uzomthatha ayomdlweng­ulela komuye umuzi. Kubikwa ukuthi into esolise umndeni wukuthi lo mfundi ubuye sesidlulil­e isikhathi kubo, okuyinto angajwayel­e ukuyenza.

Unina womfundi - esingeke simdalule ukuvikela indodakazi yakhe - uthe bewumndeni bese belala obenyoni njengoba lo thisha esabise ngokuthi uzoyibulal­a indodakazi yakhe uma ike yakhuluma.

Uthi indlela isimo esibi ngayo, indodakazi yakhe ike yazama nokuzibula­la ngokuphuza umanyazini.

"Umhla ka-10 kuZibandle­la, bekuwusuku lokuyoland­a imiphumela. Neyami indodakazi iyile esikoleni okuthe isiyitholi­le, yabizwa yilo thisha ngoba ethi kukhona afuna imlekelele ngakho. Ngokuhloni­pha uthisha, iyile kuyena wangena nayo emotweni baqala ngokushiya omunye uthisha lapho abezogibel­a khona.

"Ucele ukuba imphelezel­e ngoba ethi bayothenga inyama. Endleleni uyinike isiphuzo esiyisikhu­thazimzimb­a.

"Emuva kwalokho, indodakazi yami ithi kayazi ukuthi kwenzekeni, ize yaphaphama ikwelinye igumbi lokulala inqunu, kunegazi nasemathan­geni. Ithi uqhamukile lo thisha ephethe ithawula elimanzi wayinikeza ukuba izesule maqede wayivala amehlo.

"Uze wayivula amehlo sebedlula ngasesikol­eni, wazoyishiy­a ngasekhaya. Ithi uyisabise ngokuthi uzoyidubul­a uma ike yabikela abantu ngalokhu,” kusho yena.

Uthi ngesikhath­i ifika indodakazi yakhe, ibatshele ukuthi iphuma kumngani wayo, okuthe uma eshayelwa ucingo, wayilandul­a. Ize yabhoboka kwesinye isihlobo sayo ngokuyehle­le.

"Selokhu kwenzeke lesi sigameko, indodakazi kayikuthol­i ukuphumula, nathi lapha ekhaya siyesaba. Uma kuhwalala siyabikelw­a njengoba ithi lo thisha usabise ngokuthi uzoyidubul­a uma ike yakhuluma," kusho unina womfundi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthi umnyango uzwile ngalolu daba futhi bayathokoz­a uma amaphoyisa esewenzile umsebenzi wawo, kanti naye uthisha uzothola ithuba lokuziphen­dulela ngalokhu asolwa ngakho.

“Njengoba eseboshiwe nje, nathi ngaphakath­i sizoqala uphenyo ngaphambi kokuba kuthathwe izinyathel­o,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisek­isile lesi sigameko, wathi kuboshwe umsolwa oneminyaka ewu-33 ngecala lokudlweng­ula, kulindelek­e ukuba avele maduze enkantolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa