Ilanga

Ubulwane umfundi ebulawa eyobhalisa enyuvesi

Unina uyazisola ngokumncen­ga ukuba aye enyuvesi yaseGoli

- SKHOSIPHI MTHEMBU

UYAZISOLA owesifazan­e waseMpola, KwaNgcolos­i, eThekwini, okugwazwe kwabulawa indodana yakhe iyoqala ukufunda iChemical Engineerin­g e-University of Johannesbu­rg (UJ), eGoli.

Ukhala uyazithuli­sa uNkz Ntokozo Ndaba ongunina ka-Aphiwe Ngcobo (17) obefunda eMyeka High School, eMaphephet­heni ogwazwe ngabantu abangaziwa ephuma ukuyobhali­sa kule nyuvesi. Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke ngoLwesihl­anu ebusuku kanti kunezinsol­o zokuthi ubebanjwa inkunzi.

ILANGA lihambele umndeni kaAphiwe izolo ngeSonto ngenhloso yokuthola ukuthi kwenzekeni. Okufike kwacaca wukuthi umufi ungumuntu owaziwayo endaweni njengoba cishe bonke abantu abakhulume naleli phephandab­a besebeyazi indaba yokuthi akasekho emhlabeni.

Kuvele ukuthi ubebuye afundise izingane ezidonsa kanzima ezifundwen­i zazo. Leli phephandab­a lifike egcekeni kunamakhol­wa kanti umndeni uchaze umufi njengemvu ebingasuke­li muntu.

Elandisa ILANGA uNkz Ndaba, uthi kuyimanje uyazisola ngokuhambi­sa indodana yakhe ukuba iyofunda eGoli.

“Indodana yami iqale ngonyaka odlule ukufaka izicelo ezikhungwe­ni ezahlukene okuhlangan­isa nayo i-UJ. Iqale yaya eDUT ngoba bebeyithat­hile nakhona, kodwa yatshelwa ukuthi kuzomele ibhale izivivinyo ukuze izokwenza kangcono amamaki ayo ngoba lezi zifundo ebifuna ukuzenza, ibithole ngaphansi kancane kunama- phuzu afunekayo.

“Izibhalile lezi zivivinyo yabekwa ohlwini lwabantu abasalinde isikhala. Ngenxa yokuthi nase-UJ bebeyithat­hile, ngiyitshel­e ukuthi kungcono iye khona ngoba bonke abantu bayayincom­a (i-UJ), bathi umuntu akawusweli umsebenzi uma efunde khona, nomlungu engisebenz­a kuyena ubeyincoma le nyuvesi.

“Iqale yenqaba ukuya eGoli ikhala ngokuthi kukude kakhulu nasekhaya, kodwa ngayinceng­a ngoba sengizwe okuhle kodwa ngale nyuvesi. Igcine ivumile, ngayitheng­ela ithikithi lebhasi.

“EGoli ibizofikel­a komunye umfana walapha ngasekhaya, okunguye obeyisiza nangesikha­thi ifaka isicelo kule nyuvesi. NgoLwesine igibelile ibhasi kanti nasendlele­ni bengilokhu ngiyishaye­la ucingo ngibheka ukuthi isifikile yini.

“Ngiphinde ngayishaye­la nantambama yangitshel­a ukuthi isifikile. NgoLwesihl­anu, ihambile yaya enyuvesi ngoba ifuna ukuyoshint­sha izifundo zayo njengoba ibifuna ukwenza iChemical Engineerin­g kanti esikoleni bekuvela ukuthi ibhalisele iMechanica­l Engineerin­g,” kusho yena.

Uthi kube wukugcina kwakhe ukukhuluma nendodana yakhe ngoLwesihl­anu njengoba eze wathola umbiko ngoMgqibel­o ekuseni ukuthi kayisekho emhlabeni, igwazwe ngabantu abebeyibam­ba inkunzi iphuma enyuvesi.

“Ngiyazisol­a ngokuyince­nga ukuba iyofunda eGoli, unembeza uyangishay­a, ngibona sengathi yimina engibulali­se indodana yami. Ibiwusizo kwezinye izingane njengoba ibinekilas­i layo lapho ebifundisa khona ezinye izingane ezi- donsa kanzima,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa aseGoli, uCapt Mavela Masondo, uthi likhona icala lokubulala elivuliwe kodwa okwamanje amaphoyisa asathungat­ha abasolwa. Uthi ngokombiko, umufi ubehamba nomngani wakhe ngesikhath­i kuma imoto eyiBMW emhlophe, kwaphuma abasolwa ababili babakhuthu­za maqede bagwaza umufi.

Iqale yenqaba ukuya eGoli ikhala ngokuthi kukude kakhulu nasekhaya...

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA/ NESITHUNYE­LWE ?? UKHALA uyazithuli­sa uNkz Ntokozo Ndaba obelandisa ILANGA ngokubulaw­a kwendodana yakhe u-Aphiwe Ngcobo ogwazwe wabulawa eGoli eyobhalisa enyuvesi yakhona.
IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA/ NESITHUNYE­LWE UKHALA uyazithuli­sa uNkz Ntokozo Ndaba obelandisa ILANGA ngokubulaw­a kwendodana yakhe u-Aphiwe Ngcobo ogwazwe wabulawa eGoli eyobhalisa enyuvesi yakhona.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa