Udutshulwe ngabantu abangaziwa esazilile
Kunenombolo ebilokhu imhlupha ithi makaphumele emnyango
KUDUTSHULWE kwabulawa obeyinkosikazi yenduna yesizwe sakwaMakhanya, eZimbokodweni, eThekwini, esagqoke inzilo yokushona komyeni wakhe odlule emhlabeni ngoZibandlela (December) nyakenye.
UNkk Nokuthula Makhanya (48), udutshulwe esegcekeni lakwakhe ngoLwesihlanu ntambama. Ngokuthola kweLANGA ngenye yamadodakazi kamufi, uNkz Mbali Makhanya, unina udutshulwa nje, akazange alale kahle kuzosa kube wuLwesihlanu kugasela izinsizwa ezintathu ebezimfuna uthuli ngabo-22h00 ebusuku komunye umuzi wakhe okuhlala kuwona iziqashi.
Lezi zinsizwa bezimfonela zithi makaphumele ngaphandle komuzi zifuna ukuxoxa naye. Kuthe uma izisebenzi zimlandula zithi usemzini wakhe ophezulu, zaphuma zama esangweni sengathi kukhona ezikubhungayo maqede zashusha unina ngocingo.
"Kuthe uma ezitshela ukuthi ngeke aphume ukuyokhuluma nabantu ebusuku, zanyamalala. Ngakusasa umama ungibizile wangazisa ukuthi ufonelwe yile nombolo ithi makaphume ebusuku, manje imphethe kabi le ndaba ngoba akazi ukuthi bafunani.
"Ufonelwe esikoleni sikadadewethu omncane obekufanele abuyele esikoleni kulo nyaka, kwazise ngonyaka odlule ufunde washiya phakathi, wayohlala edlozini, ethwasa. Ucele ukuba kuye mina esikoleni ngoba yena uyesaba ukuphuma emuva kokuthola lolu cingo ebusuku.
"Ngibuya, uphinde wangitshela ukuthi seyiphinde yamfonela le nombolo ithi makaphume, wangaphuma ngoba ubengazi ukuthi ngobani. Ngiphume ngavakashela umngani wami, okuthe sisahleli waphinda wafona umama sekuyoshaya u-6 ntambama ethi mangibuye ufuna ngiyomkhiphela yonke imali esekhadini lakhe ezitolo (abezoyinika umfana obemdayisela imoto).
"Nginqabile ngibona isikhathi, waphinda wafona wathi mangimsize kuyaphuthuma, kunemoto aseyitholile ezongihambisa, ngavuma,” kusho uNkz Makhanya. Uthi kuthe eqeda ukuthatha ikhadi kunina imoto ibisivele imile esangweni.
Yiyona le yomfana obeyidayisela uNkk Makhanya, okuthiwa ubeseqedile ukuyikhokhela, kodwa umdayisi esebaleka, engasafuni ukumnika yona. Kuthiwa ubelokhu ethi kukhona izinto ezifile emotweni asazozilungisa. “Sihambile sakhipha u-R2 300 samnika, wathi mangifake nami enginayo agcwalisele kuyona, nami ngafaka.
"Ngimshiye esaxoxa nalo mfana egcekeni ngabuyela kumngani wami. Ngithe ngisanda kufika kumngani wami, ngezwa sekuqhuma isibhamu ekhaya. Ngigijime ngabuyela khona ngafika umama elele ngasesangweni edubulekile, umfana abehleli naye ubengasekho.
"Uma ngibuza ukuthi kwenzenjani, ubevele aqalaze kodwa izwi lingaphumi. Ngizame ukufonela i-ambulensi yafika eseshonile,” kusho yena.
Uthi kuthe uma kubuzwa udadewabo omncane, amshiye ehleli nonina nalo mfana wemoto, wathi umuntu lo obexoxa nonina umcele ukuba ayomkhelela amanzi okuphuza, okuthe ebuya nawo wabona umuntu edlula egijima egcekeni egqoke isikibha nebhulukwe elimnyama, wama eduze kukanina wamkhomba ngesibhamu.
“Lapho-ke umama izandla ubesezibeke ekhanda, wafika wamdubula kathathu wawa, umbulali waphuma ngesango wabaleka. Lo mfana obemthu-me amanzi endlini, ubengasabonwa nangalukhalo,” kusho uNkz Makhanya.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthi okwamanje akekho osaboshiwe ngalesi sigameko njengoba kusenziwa uphenyo.