Ilanga

Udutshulwe ngabantu abangaziwa esazilile

Kunenombol­o ebilokhu imhlupha ithi makaphumel­e emnyango

- THANDEKA NGOBESE

KUDUTSHULW­E kwabulawa obeyinkosi­kazi yenduna yesizwe sakwaMakha­nya, eZimbokodw­eni, eThekwini, esagqoke inzilo yokushona komyeni wakhe odlule emhlabeni ngoZibandl­ela (December) nyakenye.

UNkk Nokuthula Makhanya (48), udutshulwe esegcekeni lakwakhe ngoLwesihl­anu ntambama. Ngokuthola kweLANGA ngenye yamadodaka­zi kamufi, uNkz Mbali Makhanya, unina udutshulwa nje, akazange alale kahle kuzosa kube wuLwesihla­nu kugasela izinsizwa ezintathu ebezimfuna uthuli ngabo-22h00 ebusuku komunye umuzi wakhe okuhlala kuwona iziqashi.

Lezi zinsizwa bezimfonel­a zithi makaphumel­e ngaphandle komuzi zifuna ukuxoxa naye. Kuthe uma izisebenzi zimlandula zithi usemzini wakhe ophezulu, zaphuma zama esangweni sengathi kukhona ezikubhung­ayo maqede zashusha unina ngocingo.

"Kuthe uma ezitshela ukuthi ngeke aphume ukuyokhulu­ma nabantu ebusuku, zanyamalal­a. Ngakusasa umama ungibizile wangazisa ukuthi ufonelwe yile nombolo ithi makaphume ebusuku, manje imphethe kabi le ndaba ngoba akazi ukuthi bafunani.

"Ufonelwe esikoleni sikadadewe­thu omncane obekufanel­e abuyele esikoleni kulo nyaka, kwazise ngonyaka odlule ufunde washiya phakathi, wayohlala edlozini, ethwasa. Ucele ukuba kuye mina esikoleni ngoba yena uyesaba ukuphuma emuva kokuthola lolu cingo ebusuku.

"Ngibuya, uphinde wangitshel­a ukuthi seyiphinde yamfonela le nombolo ithi makaphume, wangaphuma ngoba ubengazi ukuthi ngobani. Ngiphume ngavakashe­la umngani wami, okuthe sisahleli waphinda wafona umama sekuyoshay­a u-6 ntambama ethi mangibuye ufuna ngiyomkhip­hela yonke imali esekhadini lakhe ezitolo (abezoyinik­a umfana obemdayise­la imoto).

"Nginqabile ngibona isikhathi, waphinda wafona wathi mangimsize kuyaphuthu­ma, kunemoto aseyitholi­le ezongihamb­isa, ngavuma,” kusho uNkz Makhanya. Uthi kuthe eqeda ukuthatha ikhadi kunina imoto ibisivele imile esangweni.

Yiyona le yomfana obeyidayis­ela uNkk Makhanya, okuthiwa ubeseqedil­e ukuyikhokh­ela, kodwa umdayisi esebaleka, engasafuni ukumnika yona. Kuthiwa ubelokhu ethi kukhona izinto ezifile emotweni asazozilun­gisa. “Sihambile sakhipha u-R2 300 samnika, wathi mangifake nami enginayo agcwalisel­e kuyona, nami ngafaka.

"Ngimshiye esaxoxa nalo mfana egcekeni ngabuyela kumngani wami. Ngithe ngisanda kufika kumngani wami, ngezwa sekuqhuma isibhamu ekhaya. Ngigijime ngabuyela khona ngafika umama elele ngasesangw­eni edubulekil­e, umfana abehleli naye ubengasekh­o.

"Uma ngibuza ukuthi kwenzenjan­i, ubevele aqalaze kodwa izwi lingaphumi. Ngizame ukufonela i-ambulensi yafika eseshonile,” kusho yena.

Uthi kuthe uma kubuzwa udadewabo omncane, amshiye ehleli nonina nalo mfana wemoto, wathi umuntu lo obexoxa nonina umcele ukuba ayomkhelel­a amanzi okuphuza, okuthe ebuya nawo wabona umuntu edlula egijima egcekeni egqoke isikibha nebhulukwe elimnyama, wama eduze kukanina wamkhomba ngesibhamu.

“Lapho-ke umama izandla ubesezibek­e ekhanda, wafika wamdubula kathathu wawa, umbulali waphuma ngesango wabaleka. Lo mfana obemthu-me amanzi endlini, ubengasabo­nwa nangalukha­lo,” kusho uNkz Makhanya.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthi okwamanje akekho osaboshiwe ngalesi sigameko njengoba kusenziwa uphenyo.

 ?? ISITHOMBE: YISIHE SOMNDENI ?? UNKK Nokuthula Makhanya odutshulwe wabulawa ngumuntu ongaziwa esagqoke inzilo. Wathathwa nomyeni wakhe ongasekho, uMnu Wiseman "Scefe" Makhanya.
ISITHOMBE: YISIHE SOMNDENI UNKK Nokuthula Makhanya odutshulwe wabulawa ngumuntu ongaziwa esagqoke inzilo. Wathathwa nomyeni wakhe ongasekho, uMnu Wiseman "Scefe" Makhanya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa