Ilanga

INDODA NENGODUSO BADUTSHULW­E BAFA EMZINI WABO

- SKHOSIPHI MTHEMBU

SIMANZONZO isimo emphakathi­ni waseBuhayi­sa, eMsinga, emuva kokuhlasel­wa komndeni wakwaMvela­se kwabulawa ubaba wakhona nengoduso yakhe eyisangoma ngeledlule.

Kubikwa ukuthi simuncu isimo kulo mphakathi selokhu kwenzeke lesi sigameko ngoLwesibi­li olwedlule ebusuku. Ngokuthola kweLANGA, abasolwa bangene kulo muzi ebusuku badubula uMnu Fano Alson Mvelase, nengoduso yakhe, uNkz Phendukile Ndlovu.

Umthombo weLANGA okuleya ndawo, uthi yize kungaziwa ukuthi ngubani ogile lo mkhuba, kodwa phambilini kuke kwaba nokunukana ngokuthaka­tha emndenini wakwaMvela­se.

Umthombo uthi uyasola ukuthi lokhu kunukana kwenzeke ngoba uNkz Ndlovu eyisangoma. “Kasazi noma lokhu kuhlaselwa kwabo kuhlobene nalokho, kodwa sesizobona ekuhambeni kwesikhath­i,” kusho umthombo weLANGA. Ngokuthola kwaleli phephandab­a, uMnu Mvelase yena udutshulwe ehleli ngaphandle kwegumbi lokulala njengoba bekushisa, kanti uNkz Ndlovu yena udutshulwe esegunjini lokulala.

UMnu Celani Mvelase, ongumfowab­o omncane kamufi, uthe isimo simuncu emndenini. Uthe bewumndeni basaphithe­ne amakhanda ngoba akukho abakucaban­gayo obekungenz­a babulawe ngale ndlela ngoba bebengenaz­o izitha.

“Ngokuzwa kwami, bekusebusu­ku ngo-8 umfowethu ehleli ngaphandle kwegumbi lakhe lokulala. Kuzwakale isibhamu siqhuma kanye ngaphandle, enye yezingane ebikwenye indlu iphumile iyobheka ukuthi siqhumaphi kanti izohlangan­a nabasolwa.

"Bayikhombe ngesibhamu bayiphindi­sela endlini lapho bekukhona ezinye izingane, maqede babuza ukuthi uphi unina. Izingane zimlanduli­le, bazilalisa phansi zonke bezikhombe ngezibhamu.

"Baphumile kule ndlu kwathi emuva kwesikhash­ana, saphinde sezwakala isibhamu siqhuma. Kulokhu kwesibili, siqhume izikhawu eziwu-6, engicabang­a ukuthi bese beyitholil­e ingoduso kamfowethu,” kusho yena.

Ebuzwa ngendaba yokunukana ngokuthaka­tha emndenini, uMnu Mvelase uthe ngeke aphawule ngalokhu ngoba bewumndeni kabasazi isizathu sokubulawa kukamfowab­o nengoduso yakhe.

“Konke sesikubeke ezandleni zamaphoyis­a ngoba kasazi ngempela ukuthi bekwenzenj­ani futhi kasithandi ukuqagula. Siyethemba ukuthi amaphoyisa azowenza umsebenzi wawo,” kusho uMnu Mvelase. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuvulwe amacala amabili okubulala kodwa bekungakab­oshwa muntu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa