Ilanga

UTHISHA UZOTHATHEL­WA IZINYATHEL­O NGEZINSOLO ZOKULALA NOMFUNDI

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

USEMANZINI abilayo uthisha oyinhloko yezifundo, eZiphethe Secondary School, KwaDenge, KwaNongoma, osolwa ngokulala nomfundi (22), obefunda kulesi sikole ngo-2017.

Ngokuthola kweLANGA, lo thisha ulale nalo mfundi eneminyaka ewu-17 ubudala ngesikhath­i kuqoshwa i- video yocansi. Ubonakala engena emqashweni womfundi ngesikhath­i sokufundis­a, eqala ukumwotawo­ta bagcine bezithokoz­isa ngocansi, beshaya ngesudi yesele.

Babonakala benza baze baqede emuva kwalokho abonge lo thisha esho nokusho ukuthi usabuyela esikoleni, uyoqhubeka nokufundis­a. UMnu Musawenkos­i Gumbi (36) onguthisha kulesi sikole, utshele ILANGA ukuthi udaba lwalo thisha kade lwaziwa esikoleni, njengoba uthishanhl­oko nesigungu esilawula isikole, bebikelwe ngo-2017, kodwa kwangathat­hwa zinyathelo.

UMnu Gumbi uthi usekhathel­e okwenzeka kulesi sikole ngoba noma ngabe uyabika emahhovisi­ni omnyango wezemfundo eZululand, akwenzeki lutho.

“Umnyango wezemfundo kumele uthathe izinyathel­o eziqinile uma usuqondisa izigwegwe kulo thisha.

"Uthishanhl­oko kumele aziphendul­ele ukuba kungani engazitha-thanga izinyathel­o ngesikhath­i etshengisw­a okokuqala le video yalo thisha. Abazali baletha izingane zabo ezikoleni ukuba zizofunda, hhayi kuba zizolalwa ngothisha,” kusho uMnu Gumbi.

Ngesikhath­i ILANGA lithinta usihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnu Mandlenkos­i Mpanza ngalolu daba, ubuze ukuthi inombolo yakhe yocingo ithathweph­i maqede lapho wavala ucingo.

ILANGA liphinde lamshayela, ucingo lwakhe lukhale lwaze lwangena egunjini lemiyalezo. Kuzokhumbu­leka ukuthi ILANGA like labhala ngodaba lukaMnu Gumbi ekhala ngezinking­a ezikhunget­he lesi sikole, wabala nayo eyokumbamb­athwa kodaba lwevideo kathisha nomfundi.

Ukhale nangokuthi kukhona abazama ukumsocong­a ngenxa yokulwa nalezi zinkinga esikoleni njengoba ethi useke wasinda ngokulambi­sa edutshulwa.

Okhulumela ungqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe bayalwazi lolu daba njengoba bese bebikeliwe ngalo.

“Umnyango kawuhambis­ani nalokhu, kuyasethus­a ukuthi kusekhona othisha abalala nabafundi.

Umnyango uzolupheny­a kabanzi lolu daba, kanti uma usuqedile ngophenyo lwawo uzothatha izinyathel­o eziqinile.

"Kumele sithumele umyalezo oqinile kothisha abenza lo mkhuba,” kusho uMnu Mthethwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa