Liyalila 'iwele' likaMasinga
Unconywa ngokubekezelela inzondo esadlala kwiBafana
IWELE” likaPhilemon “Chippa” Masinga (49) kunobhutshuzwayo, libhonga emswanini ngokudlula emhlabeni kwalo mgadli onconywa ngothando abenalo ngeNingizimu Afrika ayidlalele ngisho kunomkhankaso owawuqhutshwa ngabathile ukumdicilela phansi ngokumhhewula ngaso sonke isikhathi uma edlalela iBafana Bafana.
UMasinga ushone izolo ngeSonto ekuseni kwesinye sezibhedlela zikahulumeni eGoli, exinwe wumdlavuza. ULinda “Mercedes Benz” Buthelezi, odlale noMasinga kwiJomo Cosmos, kwiMamelodi Sundowns nakwiBafana Bafana, utshele ILANGA izolo ngeSonto emini ukuthi inhliziyo yakhe iyalila ngalo mgadli amchaze njengewele lakhe, kwazise bobabili bafika ngosuku olufanayo kulo mhlaba, mhla ka-28 kuNhlangulana (June) wango-1969.
Nakuba kunengxenye yabalandeli ebiphilisa lubhojozi uMasinga - ngaso sonke isikhathi uma edlubhe ijezi leBafana - kodwa lo mgadli ubengapheli umoya njengoba wabhakuzisela elakuleli inguzunga yegoli eyalifaka okokuqala ngqa emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba owawuseFrance ngo-1998.
Leli goli elisengundabizekwayo namanje kubathandi bebhola bakuleli, uMasinga walibhakuzisa iBafana ibhekene neCongo Brazzaville kowokugcina wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngomhla ka-16 kuNcwaba (August) 1997 eFNB Stadium, eyabe igcwele phama.
Ushone ngosuku olufanayo nalolo ashaya ngalo igoli emdlalweni wokuvula i-Africa Cup of Nations (Afcon) iBafana ibhudluza iCameroon ngo-3-0 eFNB Stadium.
Sekuwumlando ukuthi iBafana yawunqoba lo mqhudelwano weAfcon ihlula iTunisia ngo-2-0 kowamanqamu. UButhelezi uthe:
“UMasinga ubeyindoda enomoya omuhle, enomusa, ehlale ezihlekela nje. Nokho belungafakwa uma umfaka umunwe esweni, ubephenduka ibhubesi uqobo. Ngendlela abekuthanda ngayo ukuhleka uMasinga, ubejwayele ukuzihlalela noSizwe Motaung (ongasekho) no-Edward “Magents” Motale (kwiBafana), kwazise bobabili bebekhonze ukugconana bese ehleka-ke yena.
Abaningi kabazi ukuthi mina noMasinga besifana namawele kwazise sizalwa ngosuku, inyanga nonyaka ofanayo. Okuningi anakho nami benginakho. Sidlale emakilabhini afanayo kuleli sabuye sahlangana sesidlala (emazweni ehlukene) e-Europe,” kusho uButhelezi.
Uncome uMasinga ngesibindi abenaso sokubekezelela inzondo ebibhekiswe kuyena ngabathile abebemhhewula ngaso sonke isikhathi uma edlalela iBafana Bafana.
“Besazi kahle ukuthi kunabantu abamzondayo. Besixoxa ngale nto. Ubekhombisa isibindi nokuthanda izwe ngokuphokophela ukuqhubeka nokudlala kwiBafana yize esese-Europe.
Ubengazithwele ngempumelelo yakhe ebholeni, ubekuthanda ukusiza abantu abaxakekile uma enawo amandla,” kuchaza uButhelezi. Uzwakalise ukuphatheka kabi ngokuncishwa kukaMasinga ithuba lokusebenzela isizwe ngokuba yi-ngxenye yeSouth African Football Association (Safa).
“Ngiyazi ukuthi kukhona asebezoqhamuka sebethi bebefuna ukumsiza uMasinga angene ekuphathweni kukanobhutshuzwayo ekubeni kungenjalo,” kusho uButhelezi.
Uthe abantu akumele bafakaze amanga ngomakhelwane, egcizelela ukuthi bona njengabangani bakaMasinga balahlekelwe kakhulu. Ukhuluma ngeSafa nje uButhelezi, bekungakapholi maseko uDanny Jordaan, ongumengameli wayo ekhiphe isitatimende sokulila ethi umgcine ngeledlule uMasinga nga-phambi kokuba alibangise emci-mbini weCaf obuseSenegal ngo-Lwesibili ebusuku. UJordaan uthe ubefisa ukuba uMasinga angene ekuphathweni kweSafa.
UMLANDO OMFUSHANE KAMASINGA KUNOBHUTSHUZWAYO:
1990-1991 Jomo Cosmos - 88 wemidlalo; 23 wamagoli
1991-1994 Mamelodi Sundowns - 108 wemidlalo; 98 wamagoli
1994-1996 Leeds United yaseEngland - 31 wemidlalo; 5 wamagoli
1996-1997 St. Gallen yaseSwitzerland - 10 wemidlalo 0 amagoli
1997 Salernitana yase-Italy - 16 wemidlalo namagoli awu-4
1997-2001 Bari yase-Italy - 75 wemidlalo; 24 wamagoli 2001-2002 Al-Wahda - N/A Ugijime imidlalo ewu-328 wahlohla amagoli awu-154 emakilabhini awadlalelile empilweni yakhe.