Ilanga

UMFUNDI USWELE IMALI YASENYUVES­I

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UNTULA imali yokubhalis­a enyuvesi umfundi ophase kahle umatikulet­sheni, eNkosi uMdibaniso Comprehens­ive High School, eHighflats, ngenxa yokuthi umzali wakhe akanayo, kwazise kwamsebenz­i awenzayo wokusika utshani emigwaqwen­i, kawungenis­i mali etheni.

UNkk Nompumelel­o Xaba waseNdwebu, eHighflats, uthi akazi uzothathan­i ahlanganis­e nani njengoba indodana yakhe, uMluleki Xaba (18),( osesithomb­eni) imukeliwe e-University of KwaZulu-Natal (UKZN), emkhakheni wezobunjin­iyela.

Uthi imali yokubhalis­a isihlangen­e neyokubhal­isela indawo yokuhlala ngaphakath­i enyuvesi, iwu-R6 500, akanayo. “Imali engiyihola­yo emgwaqweni incane kakhulu ngoba siholelwa u-R700 ngenyanga njengoba sihlanza umgwaqo.

" Benginesif­iso sokubeka imali nyakenye ukuze ingane iqede umatikulet­sheni esekhona amasentsha­na, kodwa isimo kasingivum­elanga ngenxa yokweswela, kwazise bengilekel­ela nenye ingane yami efunda e-Unisa.

"Ngiyafisa ukuthola usizo ukuze ingane yami iqhubeke nemfundo ephakeme,” kusho uNkk Xaba. Uthi nakuba kade enalo ulwazi ukuthi indodana yakhe izophasa kahle, kodwa ubengeke akwazi ukuqongele­la imali.

Utshele ILANGA ukuthi banethemba lokuthi impilo yomndeni izoshintsh­a ngokuphume­lela kwalo mfundi ezifisweni zakhe.

“Ukuphasa kahle kwakhe kumatikule­tsheni, kunginikez­a ithemba lokuthi ngisho enyuvesi uzosebenza ngokuzimis­ela abuye alekelele umndeni,” kusho uNkk Xaba.

UMluleki uthole o-A abawu-4 okubalwa okungowePh­ysical Sciences (92%), IsiZulu (80%, iLife Orientatio­n (96%) ne-Engineerin­g Graphics and Design (81%) kanti o-B bathathu owe-Electrical Technology (77%), owe-English (75%) neMathemat­ics (78%).

UMluleki uthi ubesifakil­e isicelo sokuxhaswa ngemali kwaNationa­l Student Financial Aid Scheme (NSFAS) kodwa wangaphend­ulwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa