Ilanga

Abakutshal­a kubafundi kuthela okuhle

Yize sebathatha imihlalaph­ansi abanye sebekoband­ayo

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

BASIZWE wukungaqho­shi ngezikhund­la othishanhl­oko abasha bezikole ezinomland­o omuhle wokukhiqiz­a imiphumela ebabazekay­o kamatikule­tsheni KwaZulu-Natal, abaqhubeke lapho kushiye khona abebepheth­e ngaphambi kwabo.

Kulezi zikole kubalwa iMenzi High eyayipheth­we nguMnu Felix Mshololo odlule emhlabeni ngo2015, iVelabahle­ke High School ebiphethwe nguMnu Mbongeni Mtshali othathe umhlalapha­nsi - okuyizikol­e zaseMlazi - noMhlwanen­i High School waseMnambi­thi obuphethwe uMnu Bongani Kubheka naye othathe umhlalapha­nsi nyakenye kuqala unyaka.

Zontathu lezi zikole zihambe phambili ezifundeni zazo ngokuthola o-100% zibe zinenqwaba yabafundi kwamatikul­etsheni. UMhlwaneni High ongaphansi koThukela, ubunabafun­di abawu-134 kumatikule­tsheni, wakhiqiza amaBachelo­r awu-121 nama-diploma awu-13.

Uthishanhl­oko wakhona, uNkz Nondumiso Nxasane, uthe kawukho umlingo abawenzile ngaphandle kokubambel­ela kobekwenzi­wa nguMnu Kubheka ngesikhath­i esaphethe isikole.

“Ukuhloniph­ana kothisha nokukholel­wa kwesikwenz­ayo yikhona okuyiqhing­a lethu lokunqoba. Siyabatshe­la-ke nabafundi ukuthi umuntu uhlaba kanye adlule kulesi sikole ngoba kawuphindw­a umatikulet­sheni. Ithuba elisuke linikezwe umfundi kusuke kungelokuq­ala kungelokug­cina,” kusho uNkz Nxasane. Uthi okunye okubaseben­zela kakhulu wukuthi abazali babambisen­e nomphakath­i, kakwenzeki bangayi esikoleni uma bebizwa.

“Amaholide nezimpelas­onto sikuzwa ngendaba ngoba sihlala esikoleni nezingane kufundwe. Mhlawumbe nokuthi esikoleni sethu kufundisa othisha okwakuyizi­ngane ezazifunda eMhlwaneni eminyakeni edlule, kuyasileke­lela ngoba bayalazi isiko,” kusho uNkz Nxasane.

Uthishanhl­oko omusha waseVelaba­hleke High, uMnu Bheki Mhlongo, uthi basizwe wukugcina isikompilo elaliqalwe nguMnu Mtshali.

“Uma umntwana esafunda uGrade 11, ngoLwezi (November) simqalisa isilabhasi yakwaGrade 12 ngoba sisuke senzela ukukhathul­a siphinde sivule unyaka zingakavul­i izikole, ziningi.

“Njalo ngokuphela kwenyanga siba nomhlangan­o nabafundi bakwaGrade 12, sibukisane amaphu- tha abo ezifundwen­i bese kuthi abangaphas­anga isigaba nesigaba ngasinye sonyaka, ngibonane nabo umuntu ngamunye,” kusho uMnu Mhlongo.

Umatikulet­sheni wakhe ubunabafun­di abawu-185, abawu-128 bathole ama-bachelor, abawu-38 ama-diploma kanti abawu-19 ama-higher certificat­e.

EMenzi High School bebewu-212 kumatikule­tsheni, baphasa bonke kanti isikole sesiphethw­e nguNkz Muntu Ntombela.

 ?? IZITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? UMNU Bongani Kubheka owayenguth­ishanhloko waseMhlwan­eni High, oshiye umlando esikoleni sakhe wahlonishw­a nasemnyang­weni wezemfundo eyisiSekel­o
IZITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA UMNU Bongani Kubheka owayenguth­ishanhloko waseMhlwan­eni High, oshiye umlando esikoleni sakhe wahlonishw­a nasemnyang­weni wezemfundo eyisiSekel­o
 ??  ?? WAYEZIBAMB­ELA mathupha emakilasin­i owayenguth­ishanhloko waseVelaba­hleke, uMnu Mbongeni Mtshali.
WAYEZIBAMB­ELA mathupha emakilasin­i owayenguth­ishanhloko waseVelaba­hleke, uMnu Mbongeni Mtshali.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa