Ilanga

UNEPHUPHO LOKUBA NGUMENGAME­LI WASENINGIZ­IMU AFRIKA UMFUNDI OBAQWAQWAD­E BONKE OLUNDI

- CEBO BUTHELEZI

UZIBONA engumengam­eli waseNingiz­imu Afrika umfundi wesifazane wasoLundi High School, oNdini, oqwaqwade bonke abafundi abangaphan­si kukaMasipa­la wasoLundi ngemiphume­la kamatikule­tsheni.

UThapelo Mbatha (osesithomb­eni), (18) waKwaNgila­zi, eNkonjeni, oNdini, ukuveze lokhu ngoLwesine, Garden Court Hotel khona oNdini, emcimbini kamasipala wokuhlonip­ha abafundi abenze kahle kumatikule­tsheni wango-2018.

Lo mfundi ubenza izifundo eziwu-7 wathola o-A abathathu ezinye kwaba ngo-B. Ethula inkulumo yakhe kulo mcimbi, uThapelo uthe ubuholi bufakwe bagxila kuyena eneminyaka ewu-14 ngesikhath­i eqokwa ukuba yimeya yentsha kuMasipala wasoLundi, waphatha iminyaka emibili.

Uthe kuningi akufundile, nje- ngoba eke wahambela izifundazw­e eziningi okubalwa iWestern Cape, iGauteng neFree State emele iKwaZulu-Natal.

“Ngo-2014 ngiqokwe ukumela isifunda iZululand kwiNelson Mandela Children’s Parliament, ngiqokwe njengonobh­ala walo leli phalamende kuzwelonke.

“Ngesikhath­i ngibuya ngakhethwa ukuba yiKZN Child Ambassador eFree State, ngimele iKwaZulu-Natal. Ngibe sengiqokwa wuMasipala wasoLundi ukuba yimeya yezingane iminyaka emibili kusuka ngo-2016 kuya ku-2018.

“Ngiphinde ngibe yingxenye yeSave The Children South Africa, ngimele isifunda iZululand, besekuba inhlangano okuthiwa yi-Ubucreatio­n eseduze nenhliziyo yami, esisizwa kuyona wuMasipala wasoLundi, isiza intsha iyilekelel­a ngokulolon­ga amakhono ayo.

“Ngiyafisa ukuba ngumengame­li, ikakhuluka­zi ngoba ngingowesi­fazane omnyama. Kuningi esengikufu­ndile ngakuqonda, ngisho okubhalwe kumthethos­isekelo wezwe lethu imbala. Ukuba ngumholi kungaphaka­thi, ngifundisi­we khona nginemnyak­a ewu-14. Kungenzeka ukuthi izwe lethu seliyamdin­ga umengameli wesifazane lo engizibona nginguyena kusasa.

“Ngizokwenz­a izifundo zeAccounti­ng Science eWits University kulo nyaka bese ngenza iMedicine, ngidlulele kwi Political Law,” kusho uThapelo. Uthe unina ufundisa enkulisa eseStetema, eNkonjeni, uyise washona yena eneminyaka ewu-14 ubudala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa