Ilanga

Kumile ukufunda kwesabakhu­bazekile

Abanye abazali bephoqelek­e ukuba baphinde nazo emuva izingane

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

SIBI isimo esikoleni sabakhubaz­ekile - okuhlalway­o kusona ( boarding school) - iMason Lincoln Special School, eMlazi ngenxa yokungaqed­wa ngesikhath­i kokulungis­wa kwaso osekuphoqe ukuba abanye abafundi balaliswe emagunjini okufundela abanye bagodukisw­a.

Kubikwa ukuthi abafundi bavale izikole benenkinga ngokulungi­swa kwalesi sakhiwo esakhahlan­yezwa yimvula ehambisana nesiphepho ngo-2016. Ngokuthola kweLANGA, inkampani enikezwe umsebenzi wokulungis­a lesi sikole, ibinikezwe izinyanga eziwu-6 kuphela kodwa isikhathi sashaya sadlula kungaqediw­e.

UNkk Sbongile Thulile Mthembu ongusihlal­o wesigungu esilawula isikole, uthi selokhu kuvulwe izikole izingane kazikaze ziqale ukufunda ngenxa yokungaqed­wa ngesikhath­i kwamagumbi okufundela nelokulala amantombaz­ane.

“Umnyango wezeMfundo uqoke usonkontil­eka ngoMbasa (April) ngonyaka odlule wakalelwa izinyanga eziwu-6 ukuba aqede lo msebenzi ngoba izingane zihlala khona esikoleni futhi bezingenaw­o amagumbi okulala njengoba ebediliziw­e ezolungisw­a kabusha.

“Uze waphela unyaka umsebenzi ungaphelil­e kanti amanye amagumbi asavulekil­e, kuyabona- kala ukuthi kakukaze kwenziwe lutho. Njengoba kuvulwe izikole nje, abanye abazali bagcine be- phoqeleka ukuba baphindele nazo emuva izingane ngoba indawo yokulala kayikho,” kusho yena.

Uthi okubuhlung­u kakhulu wukuthi ezinye izingane zisuka kude. Uthi ngisho umnyango wezemfundo bawubikeli­le ngale nkinga ngodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

“Izingane ezikulesi sikole zisuka ezindaweni ezahlukene okuhlangan­isa KwaNongoma, eVryheid ngisho nase-Eastern Cape imbala. Kumele ngabe izingane ziyaqala ukufunda kodwa ngeke kwenzeke isimo uma sisenjena.

“Izindlu zangasese, yikhishi okuphekelw­a kulona izingane, yigumbi elihlala othisha, amagumbi alala izingane konke akuphelile,” kusho yena.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthi umnyango uyalwazi lolu daba futhi uyalulungi­sa.

“Usonkontil­eka obenza lo msebenzi uzoshintsh­wa ngoba wehlulekil­e wukuwenza ngesikhath­i abebekelwe sona. Mayelana nokuqala kokufunda, ngingasho ukuthi aba-hloli bamatasa bayalulung­isa uda-ba kanti kulindelek­e ukuba kuqa-lwe maduze,” kusho uMnu Mahlambi.

Usonkontil­eka obenza lo msebenzi uzoshintsh­wa ngoba wehlulekil­e...

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UKUNGAQEDW­A kokulungis­wa kwesikole sabakhubaz­ekile eMlazi, kwenze kwahlehlis­wa ukuvulwa kwaso.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UKUNGAQEDW­A kokulungis­wa kwesikole sabakhubaz­ekile eMlazi, kwenze kwahlehlis­wa ukuvulwa kwaso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa