ITHEMBA KWABASAFUNA IZIKHALA EMANGOSUTHU
KUSINDA kwehlela kwabaphase umatikuletsheni ngonyaka odlule njengoba izikhungo zezemfundo eziningi seziphumele obala zathi sezithole izicelo eziphindeke kabili ezikhaleni ezinazo zalo nyaka.
I-University of KwaZulu-Natal ithi kulo nyaka isithole izicelo eziwu-91 000 zabafundi abaqalayo kuphela, ekubeni yona ingakwazi ukuthatha kuphela abafundi abawu-8770 abaqalayo.
Ibamba lomqondisi wezokuxhumana kule nyuvesi, uNkz Normah Zondo, lithi ekupheleni kukaLwezi (November) besebenabafundi abawu-4725 abaqalayo ebesebebamukele, sebelinde ukuba bathole imiphumela yokuphela konyaka ukuze babhalise.
“Uma laba bafundi bebuya bonke, kusho ukuthi izikhala zabaqalayo esinazo zizoba wu-4 000 kuphela. Imikhakha esithole izicelo eziningi kuyona kubalwa iSocial Work eneziwu-15 804, wubuhlengikazi ziwu-14 668, ezomthetho ziwu-11 953, othisha ziwu-11 418.
“Kwezobukhemesi (Pharmacy) ziwu-7 433 izicelo esezingenile kanti kwezobudokotela ziwu-6 200 ekubeni sinezikhala eziwu-240 kuphela zabaqalayo kulo mkhakha,” kusho uNkz Zondo.
Okhulumela iDurban University of Technology (DUT), uMnu Allen Khan, uthi kulesi sikhungo banezikhala eziwu-8 314 kuphela nakuba bethole izicelo eziwu-83 331.
“Sesivalile ukuthatha izicelo zabafuna izikhala, uma wawungasifakanga kasisenaso isikhala. Uma kwenzeka kukhona abafaka izicelo emuva kwesi-khathi esasibekiwe, kusengenzeka be-mukelwe kodwa kakuqinisekisiwe. Siyakukhuthaza ukuba abafundi babhalisele iziqu zabo ngokungena ku: www.dut.ac.za,” kusho uMnu Khan.
Imali yokubhalisela unyaka wonke eDUT, wu-R3 980, uma ubhalisela isigaba ( semester) wu-R2 440. Izindawo zo-kuhlala ngaphakathi enyuvesi; kwabazohlala unyaka wonke bakhokha u-R7 960 kube wu-R4 880 isigaba.
IMangosuthu University of Technology (MUT) ithole izicelo eziwu-86 138 zabafundi abayokwenza unyaka wokuqala kodwa yona izokwazi ukwamukela abawu-3772.
Ukubhalisa kuqala namhlanje ngoMsombuluko kuze kube wuLwesihlanu. Umfundi obhalisela ukufunda unyaka wonke, uzokhokha u-R2 000 (annual) kube wu-R1000 isigaba, kodwa abamukelwe yiNational Student Fina-ncial Aid Scheme (Nsfas), inyuvesi ithe bangazihluphi ngale mali, bazoyikho-khelwa yonke.
Iveze nokuthi kayibathathi abafundi abazozifikela mathupha beyobheka izi-khala. Basenazo kwa-Accounting ko-dwa nakhona abafundi bangazithola ngokufaka isicelo kwaCentral Appli-cation Office (www.cao.ac.za) .
I-University of Zululand (UNizul) iceliwe ukuba ithumele imininingwane yokubhalisa kwabafundi kodwa yagcina ingaphendulanga.