UJanuary usuphenduke inyanga yesehlukaniso
Ziningi izicelo zamadivosi eziqhamuka ngoJanuary
UQWEQWE lommeli kwezamadivosi, ludalula ukuthi uMasingana (January ) usuphenduke inyanga yokudivosa njengoba emaningi amadivosi aqhuma ngale nyanga. Lo mmeli odume ngamacala edivosi, u-Adv Billy Gundelfinger, oseneminyaka engaphezu kuka-10 enza lo msebenzi, uthi njengoba kuqale uMasingana nje, ubheke ukusebenza amacala amaningi.
Usemele abantu abaningi abadumile okubalwa uMengameli Cyril Ramaphosa (kwidivosi yomshado wokuqala), iNkosi Mandla Mandela, uMnu Malusi Gigaba, uMnu Tokyo Sexwale, uMnu Bill Venter, uJacob "Baby Jake” Matlala, umholi weRhema Bible Church, uRay McCauley, owayeyisikhulu esiphezulu kwaSAA, uMnu Khaya Ngqula, uSir Donald Gordon (uSihlalo wakwaLiberty International) nenye yamadodakazi kaMnu Jacob Zuma emacaleni edivosi.
Ngokombiko wephephandaba lesiNgisi eliphuma ngeSonto, iSunday Times, kwabathile baseGoli ukuba “Gundelfingered” sekwaba yigama elisho ukudivoswa ngendlela ahanjelwa ngayo lo mmeli kwezamadivosi.
Echaza u-Adv Gundelfinger ngesizathu acabanga ukuthi siholela ekubeni abashadile badivose kakhulu ngale nyanga, uthe wukuthi amaholide kaZibandlela (December) yilapho abashadile bethola isikhathi esiningi abasichitha ndawonye, kunge-kho ukuphazanyiswa wumsebenzi nokunye.
“Abashadene yingalesi sikhathi lapho beqala ukubhekisisa okubi okwenziwa ngomunye bese befikelwa wukuthi 'lena akusiyona indlela engifisa ukuphila ngayo impilo yami yonke’ bese efaka isehlukaniso ngoMasingana," kusho yena.
Uncoma ukulinda kuze kuphele uNhlolanja (February) ngaphambi kokuba kube khona okwenzayo.
“Ngokuvamile abantu baphuthuma ukudivosa ngoMasingana ekubeni izinkinga bezingase zixazululwe ngokwelulekwa.
Idivosi kayivamisile ukuba yimpendulo - ikakhulukazi uma kunabantwana abathintekayo. Uma unquma ukuqhubeka nedivosi, nanka amaphutha amakhulu okumele uwagweme:
* Isivumelwano esingaphusile singcono kunomdonsiswano wasenkantolo. Hlala phansi nowakwakho nizame ukuvumelana kahle ngenifuna kwenzeke ngempahla yenu futhi nixazulule izindaba ezithinta izingane kungaze kube nesidingo sokulwa ngakho enkantolo.
Abameli benu banganilekelela ekuhlelweni kwesivumelwano.
* Lesi yisivumelwano esizobe sichaza ukuthi impahla yenu nizokwahlukaniselana kanjani.
* Ngubani ozogcina abantwana kanjalo nezindlela zokubonana. * Konke okuphathelene nokondla. * Uma nivumelana kokuning ningakayi kummeli, umphumela uzoba wukonga imali eningi.
* Uma idivosi isiphothuliwe futhi abehlukanisayo besisayina isivumelwano, siba yisinqumo senkantolo, futhi uma olunye uhlangothi lungasigcini, lokho kuyokuba ukwedelelwa inkantolo. Thola ummeli ogogodile emthethweni wedivosi nezomndeni - kuyokongela imali
“Uma ummeli egogodile, icala liphothulwa ngesikhathi esifushane. Khumbula ukuthi kuningi okumele kubhekwe, ikakhulukazi uma ubunikazi bendlu buzodluliselwa komunye - umbandakanya nezingqinamba zentela i- capital gains ne- donations tax. Ukuthola ungoti ezindabeni zezahlukaniso kungasiza ukunqanda izingqinamba eziza emuva kwesikhathi eside.
Ungayithola idivosi ngo-R1 000 esikhathini esingamasonto amathathu - kodwa nobabili nidinga ukuvumelana ngalokhu okuyisihlanu:
Idivosi eNingizimu Afrika: isebenza kanjani Umshado wohlobo lwe- civil nowomthetho wendabuko, wehlukaniswa yinkantolo kuphela. (Owenkolo yobuSulumane, eyesiHindi neyobuJuda imishado ilawulwa ngemithetho yenkolo).
Ngokujwayelekile, amadivosi avunyelwa yinkantolo enkulu noma eyemindeni, eyingxenye yenkantolo yemantshi. Olunye uhlangothi kumele lukhiphe isamanisi, lwazise olunye ukuthi selufake isicelo sedivosi emthethweni.
Isamanisi lihanjiswa yisikhonzi senkantolo. Olunye uhlangothi lungazivikela noma luvumele ukuba udaba luphothulwe ngokuba lungayi enkantolo. Kuleli samanisi kumele kunanyathiselwe “uhlu lwemidati” [Particulars of Claim] oluqukethe konke maqondana nabamangalelene, izingane zabo, amandla enkantolo nesizathu sokubhidlika komshado okungasobuye kulunge.
Isamanisi liyashaywa isitembu ngumbhalisi wenkantolo. Olunye uhlangothi lunikwa izinsuku eziwu-10 ukwazisa inkantolo (noma ummeli okhiphe isamanisi) ukuthi luyafisa ukuyozivikela ecaleni.
Uma isicelo siphikiswa, kunqunywa usuku lokulalelwa kodaba. Uma kungenjalo, icala lingafakwa ohlwini lwamacala edivosi angeke aphikiswe futhi inkantolo iyobe isinquma usuku lwesehlukaniso. Ningavumelana ngokuthi impahla yenu nizoyehlukaniselana kanjani ngokwesivumelwano senu.
Uma ningenaso isivumelwano esinjalo, impahla yenu iyokwahlukaniswa ngokohlobo lomshado enawukhethayo. Uma nishade umshado ohlanganisa amafa, omunye nomunye kinina uthola u-50% wempahla. Uma ninesivumelwano enisenze kungakashadwa, yisona esiyocacisa ukuthi impahla yenu iyohlukaniswa kanjani.