IBITHE CHITHI SAKA IMICIMBI ETHEKWINI

Ilanga - - Zisha - LUCKY CAIN

IZINDAWO zobumnandi zithole ithuba lokuhlela imicimbi yamaafter party ngomgubho we-ANC, obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ngemuva kwaseMoses Mabhida, abantu bahambele izindawo zobumnandi kwazise bekukhona abaqhamuka ezindaweni ezahlukene eNingizimu Afrika.

Emgwaqweni wodumo eThekwini, uFlorida, ubuphithizela izikhulu nalabo abadla izambane likapondo bezitika ezindaweni ezifana noCubana, Butcher Block, Next Chapter.

Abanye bahambele indawo yobumnandi eseChesterville, iMashamplanez.

Kule ndawo bekuboshelwe oDJ okubalwa kubo uThukzin, uButter, uWonder, uMlisa, u-Ice Queen, uCosta Dolla, uTwitty, uNdloh JNR, uSjerere nabanye kanti abaphathi bohlelo bekungu-Slot The MC noFresh Olifant.

Abanye bajuxuze Egagasini lapho kushiyelane inkundla uThukzin, uSanza, uSjerere, uThabo, uNdupro, uBond noZero. EYadini nakhona bekuboshelwe oDJ okubalwa kubona uShimza, iMajor League DJs, uFinzo, uPhumz, uMario, uKotin, uSonic, iKamaczza, uMeech, uThobzela nabanye.

ISITHOMBE: FACEBOOK

USLOT The MC ephethe uhlelo eGagasini ngoMgqibelo ebusuku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.