Ilanga

NIKEZA UMNTWANA UKUDLA OKUNEMPILO

-

IMPILO yengane yakho ibaluleke kakhulu, njengoba sekuvulwe izikole nje, ibaluleke kakhulu kwazise yilapho okumele ithole khona imfundo ezoyiwelis­ela empumelelw­eni.

Yiculo elidala-ke ukuthi ingane ithatha kahle ezifundwen­i uma idlile, futhi idle okunomsoco. Odado abayoqala amabanga aphansi bezimisele, bajabulile, abanye bethukile kanti abanye bayakhala bafuna ukubuyela emakhaya.

Ukuqala isikole esisha nezinga elisha lempilo kumntwana wakho kusho okuningi kanti nendlela okumele adle ngayo ibaluleke kakhulu.

Ngike ngathola umbuzo komunye umfundi weLANGA mayelana nezidlo ezingalung­ela umntwana ofunda amabanga aphansi, okhale ngokuthi umntwana akadli futhi akazi ukuthi yini okufanele ayidle.

Kule ngosi yanamuhla ngizocobel­ela ngolwazi lohlobo lokudla olulungele abantwana abahamba inkulisa, namasu okuthi yini ongayenza uma umntwana engakuthan­di ukudla.

OKUMELE UKWENZE

Njengoba abantwana behlala isikhathi esiyingxen­ye yosuku esikoleni, kubaluleki­le njengomzal­i ukuba ulwazi uhlobo lokudla oludliwa esikoleni sakhe ukuze ukwazi ukuhlela uhlu lokudla ozomenzela khona.

Thola umbiko kuthisha mayelana nokudla okudliwa ngumntwana esikoleni ukuze wazi ukuthi uzomenzela­ni uma sekuphume isikole. Uhlu lokudla ozomenzela khona umntwana wakho isonto nesonto, luhlele lube nezakhamzi­mba ezibalulek­ile. Kumele lube nezinhlobo ezahlukene zezakhamzi­mba okubalwa amacarbohy­drate, ama- vitamin, amafutha, ama- protein namanzi.

Fundisa umntwana ukudla ama- vegetable ngokuwaqob­a uwenze abukeke, ahambisane nesinye isidlo eceleni azokwazi umntwana ukugcobhoz­a.

Makube njalo noma wenza izithelo, ake uzame ukuziqoba bese umfakela i- yoghurt esitsheni, alokhu egcobhoza.

Le ndlela yokudla iyanconywa kakhulu, isiza nomntwana afunde ukuzidlela. Nciphisa uswidi nama- snack anosawoti kubantwana.

Uma umntwana uzomnika uswidi, usebenzise Ungaxhuman­a naye ku: 079 687 6852 monatecons­ultants@ gmail.com

Facebook: @

 ??  ?? KUBALULEKI­LE ukuba umzali akwazi ukudla komntwana wakhe njengoba sekuvulwe izikole nje.
KUBALULEKI­LE ukuba umzali akwazi ukudla komntwana wakhe njengoba sekuvulwe izikole nje.
 ??  ?? QINISEKA ukuba umntwana uyamnika ijuice yenziwe ngezithelo.
QINISEKA ukuba umntwana uyamnika ijuice yenziwe ngezithelo.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa