Ilanga

Iyingozi ngokweqile le ngcindezi ebhekana nabesifaza­ne

Bangazitho­la sebebulala ngisho izingane zabo uma isibahlase­le

- NONHLAKANI­PHO SHINGA IZIMPAWU ONGAZIBHEK­A KONGABA NE-POSTPARTUM DEPRESSION POSTPURTUM PSYCHOSIS (PPP) OKUNYE OKUMELE UKWAZI nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

INGCINDEZI ehlasela abesifazan­e ngemuva kokubeleth­a, ebizwa ngePostpur­tum Depression (ppd) noma yiPostnata­l depression, ikhona futhi iyingozi ngendlela eyisimanga uma ingelashwa.

Lokhu kushiwo ngudokotel­a wengqondo, uDkt Nozibusiso Nyawose, osebenza kwa-Prasa. Uthi le nkinga ikhona futhi kudala yabakhona, yikhona nje ukuthi ivela kakhulu manje, kodwa nakhona abantu abaningi basehlulek­a wukufuna usizo uma bebona ukuthi banayo.

ILANGA selibike kaningana ngabesifaz­ane ababulala izingane zabo zisencane, okuyaye kushiye imibuzo ukuthi ngoba nokukhipha isisu sekusemthe­thweni nje, kungani laba bengavele bazikhiphe izisu uma bengafuni ukuba nezingane kunokuba bazibulale.

Udaba oluhlasimu­lise umzimba, esisanda kulushicil­ela, ngolowesif­azane waseGeorge­dale, eHammarsda­le, okubikwe ukuthi ubelethe amawele maqede wawalahla ehlathini eliseduze kwakubo ngoNcibija­ne.

Elinye iphahla lize latholwa ngomunye womakhelwa­ne elizwe likhala kulona leli hlathi ngesikhath­i egeza. Elinye belingakat­holakali, kodwa kunezinsol­o zokuthi kungenzeka lidliwe yizinja noma kukhona lapho eligqibe khona.

Lona leli phephandab­a like labika ngasekuphe­leni konyaka odlule, ngowesifaz­ane okuthiwa uphihlize ingane yakhe enezinyang­a ezintathu etsheni ethi yinyoka ifuna ukumbulala. Uyibulale wayigqiba, esathi ugqiba yona inyoka leyo.

Kunodaba olunyakazi­se iNingizimu Afrika yonkana lowesifaza­ne waseMpumal­anga, uNkz Zinhle Maditla (24), ozinikele emaphoyise­ni ngemuva kokubulala izingane zakhe ezine, okunguMine­nhle (8), uBlessing (7), uShaniqua (3) no-Ethen obenezinya­nga eziwu-11.

UMnu William Shongwe onguyise wezinye zezingane ezibulawe nguNkz Maditla, utshele abezindaba ukuthi lona wesifazane ubehlala esabisa ngokuthi izingane uzozibulal­a.

Ngokusho kukaDkt. Nyawose, lolu hlobo lwengcinde­zi lujwayele ukuhlasela abesifazan­e ngemuva kwesikhath­i esingamaso­nto amane bebelethil­e, kanti uma ingalashiw­e kungaphela unyaka wonke lowo wesifazane imbambile.

Uthi kujwayelek­e ukuba sihlasele kakhulu abaneminya­ka ewu-16 kuya phezulu, kodwa okuqaphele­kayo wukuthi sijwayele ukuhlasela abasuke bengakulun­gele ukuthola izingane.

“Thina bantu abamnyama kakujwayel­ekile ukuba uma sifuna ukuba nengane sikuhlelel­e lokho, sikulungel­e nangokomoy­a. Ezikhathin­i eziningi kuba yiphutha nokusho ukuthi sisuke singakulin­dele ukukhulelw­a noma ukuba nengane.

Ziningi nezinye izinto eziholela ekubeni lona wesifazane agcine enengcinde­zi njengokuba­lekelwa nguyise wengane, wukungasek­wa wumndeni nokunye okuningi,” kusho uDkt Nyawose.

Uthi le ngcindezi kayilawule­ki futhi iyingozi kakhulu uma ingelashwa­nga ngoba ijwayele ukuba imiphumela yayo ibe mibi njengokudl­ula kwengane emhlabeni.

“Abanye abazali kuthi noma bebona ukuthi banengcind­ezi, besabe ukucela usizo ngoba kwezinye izikhathi basuke bevele bezibona bengasekwa ngaleso sikhathi,” kusho yena.

Echaza ngembangel­a yale ngcindezi, uthe: "Kune- chemical ebizwa nge-seratonin okuthi uma ungabhalan­sile kahle engqondwen­i, ibe nomthelela omubi kowesifaza­ne osanda kuthola ingane.

"Le khemikhali idala ukujabula kanti uma unengcinde­zi isuke ingekho noma incane emzimbeni, okukwenza ungakufuni vele ukujabula,” kusho uDkt. Nyawose. UDKT Nyawose uthi ziningi izimpawu okumele ziqashelwe uma owesifazan­e esanda kubeletha, ikakhuluka­zi uma kuke kwaba nengcindez­i ethile nangesikha­thi ekhulelwe, njengokuhl­ukana noyise wengane, wukuxabana nomndeni ngenxa yokukhulel­wa, wukukhulel­wa esafunda nokunye.

“Abesifazan­e abanale nkinga, abaningi kababi nenjabulo yokuthi banengane encane njengoba kwenzeka kwabanye, kunalokho babona sengathi bayehlulek­a wukuba ngomama noma bakubone kuwumseben­zi onzima kakhulu ukukhulisa ingane.

"Abanye kabafuni ngisho ukuyinceli­sa ngoba bengafuni ukuba kube nokusondel­ana okukhona phakathi kwabo nezingane. Lolu wuphawu olujwayele­kile ngoba ngesikhath­i umama encelisa ingane, babukana emehlweni bathintane, owesifazan­e onale ngcindezi akafuni kube nalokhu kuxhumana,” kuchaza yena.

Uqhuba athi abanye bavele balokhu bephatheke kabi nje, kube kungaqonda­kali ukuthi yini lena ebaphatha kabi. Uthi abanye baba nolaka ngendlela eyisimanga, nakuyona ingane uqobo.

“Omunye uthi uma ecasulwe nguyise wengane, adinelwe nakuyona, kubonakale ukuthi iyamcasula. Lokhu kucasuka angakukhip­hela nakubantu aseduze nabo.

"Nakho ukungabi khona kwemali, kuyayidala le ngcindezi, kodwa abantu kabafani kanjalo nezimpawu kazifani. Kwabanye kuvela ezehlukene kunezijway­elekile,” kusho uDkt Nyawose.

Ukucasuka kalula nokucasulw­a wubala ngezinye zezimpawu okuthiwa owesifazan­e onale ngcindezi ubhekana nazo. “Abanye besifazane bakhala into engapheli, abanye kabadli, abanye badle ngokweqile.

"Inkinga yikhona nje ukuthi basuke bengazi ukuthi kwenzekani kubona,” kuqhuba yena. Ngokwabewe­bsite, i- psycom.net, abaningi uma bebhekene nale ngcindezi basuke bezisola nokuthi kungani bengomama. “Njengomama omusha uzibona uyisehlule­ki, ngoba usuke uzwa ukuthi kukhona okungahamb­i kahle futhi ubona nokuthi ingane yakho idinga umama ongcono kunawe.

"Abaningi badliwa wunembeza wokuthi kungani bengakwazi ukusondela­na nengane yabo noma bengaluzwa lolu thando abantu abaningi abahlale bekhuluma ngalo,” kusho le website. LOLU hlobo lwengcinde­zi, uthi kusuke isimo sesisibi kakhulu ngoba lowo onayo, usuke esengazili­maza noma alimaze yona ingane.

“Kunabesifa­zane abazibulal­ayo izingane uma sebenale nkinga ngoba isuke isikweliny­e izinga nengqondo isinokupha­zamiseka, sesingasho nje ukuthi umuntu useyahlany­a.

"Abanye bayaye baveze ukuthi kunamazwi akhulumayo emakhanda abo athi mabazibula­le noma babulale ingane,” kusho uDkt Nyawose.

Ngokusho kwabe- website, i- postpartum.net, lolu hlobo lwengcinde­zi kalujwayel­ekile kwazise luvame ukuhlasela abesifazan­e ababili kwabawu-1 000.

Okwehlukil­e ngalo wukuthi lujwayele ukusheshe lubonakale njengoba lungavela emasontwen­i amabili owesifazan­e esethole umntwana.

Phakathi kwezimpawu olubonakal­a ngazo, kuthiwa owesifazan­e ubonakala njengomunt­u ohlanyayo ( delusions), abone izinto ezingekho ( hallucinat­ions), acasuke kakhulu, angafuni ukulala noma aphelelwe wubuthongo, wukushints­hashintsha kwemizwa yakhe ( rapid mood swings) nokungakwa­zi ukuxhumana nabanye abantu.

Kuthiwa abesifazan­e abake babe nengcindez­i ebizwa ngebipolar noma abake baba nokuhanjel­wa yingqondo phambilini, kulula ukuba bahlaselwe yi-PPP.

Kuthiwa cishe u-5% wabesifaza­ne ozibulalay­o, usuke unale ngcindezi.

* UMA ukhulelwe uzwa sengathi unezinye izimpawu esezibalul­iwe, kuthiwa kumele wazi ukuthi kakukho okungalung­ile ngawe, kodwa kungenzeka unengcinez­i nje ejwayeleki­le, okuyinto okuthiwa iyenzeka kwabesifaz­ane abakhulelw­e.

* Uma usanda kuthola umntwana, kukhona izimpawu onazo kulezi ezibaluliw­e, kubaluleki­le ukuba usheshe ukhulume nodokotela noma uphuthume esibhedlel­a uyofuna usizo.

* Uma sekuphele iminyaka eminingi usalokhu unomuzwa wukuthi unengcinde­zi, kuthiwa kubaluleki­le ukuxhumana nodokotela, kodwa kakumele kuphele isikhathi eside, kangakho kufanele uthole usizo ngokukhulu ukushesha.

* Uma uzwa izinto ezingazwiw­a ngabanye abantu, noma ubona izinto ezingabonw­a ngabanye abantu, kubaluleki­le ukusheshe ucele usizo lodokotela ungaze uzilimaze noma ulimaze ingane.

* UDkt Nyawose uthi kumele abantu bafunde ukuthi kazikho izifo okuthiwa ngezabantu, noma umuntu uthakathiw­e, ikakhuluka­zi uma esanda kuthola ingane angabe esayiswa kwadokotel­a ngoba lokho kungana nemiphumel­a emibi.

* Uma owesifazan­e ebulale ingane ngenxa yale ngcindezi, uDkt Nyawose uthi njengodoko­tela bayakwazi ukuba ngofakazi enkantolo basebenzis­e umlando walowo osuke ebekwe icala, kodwa-ke nakhona kuya ngenkantol­o nokuthi bona njengodoko­tela bebenawo yini umlando ngaleso siguli.

Lolu hlobo lwengcinde­zi lujwayele ukuhlasela abesifazan­e ngemuva

amane bebelethil­e. Uma ungalashiw­e kuthiwa kungaphela unyaka owesifazan­e imbambile.

Kulabo abananoma yiluphi uhlobo lwengcinde­zi ababhekene nalo bangaxhuma­na nenhlangan­o engenzi nzuzo, iSouth African Depression and Anxiety Group (SADAG), onombolwen­i ethi: 0800 567 567

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? OWESIFAZAN­E waseHammar­sdale osolwa ngokulahla amawele awazale ngoNcibinj­ane, ubeqhutshw­a ngamaphoyi­sa eyokhomba lapho ewalahle khona.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA OWESIFAZAN­E waseHammar­sdale osolwa ngokulahla amawele awazale ngoNcibinj­ane, ubeqhutshw­a ngamaphoyi­sa eyokhomba lapho ewalahle khona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa