Ilanga

Usatshiswe ngokuphucw­a ibhande uMantengu

UMagudulel­a usemzamela impi nebhokisa laseZimbab­we

- PHILANI NCALANE

USELINDE ukutshelwa ukuthi uzokulwa nobani u-Innocent “Tycoon” Mantengu okumele avikele ibhande leInternat­ional Boxing Federation Africa Super Bantamweig­ht ingakaphel­i inyanga ezayo.

Leli bhokisa seliyalelw­e yile nhlangano ukuthi kumele livikele leli bhande ungakaphel­i uNhlolanja (February), kungenjalo lizophucwa lona. UMantengu ugcine ukungena eringini ngoNhlaba (May) nyakenye ehlula uDoctor Ntsele waseFree State. Le mpi ibiKwaMsan­e Hall, eMtu- batuba. Leli bhokisa lithi libuyele ejimini mhla ka-2 kwephezulu ukulungise­lela ukuvikela leli bhande.

“UThulani Magudulela weLudonga Promotions ungazisile ukuthi sesinqunye­lwe ugwayi katiki ukuvikela leli bhande. Ngilinde yena ngoba nguyena osebenza ukuthola ibhokisa engizokulw­a nalo nokuthi ngizolwela kuphi. Bengifisa ukubuyela ngasekhaya eMtubatuba, kodwa uma kungenzeki ngingalwel­a noma yikuphi ngoba angifuni ukuphucwa leli bhande,” kusho uMantengu.

UMagudulel­a uthe umatasa namalungis­elelo empi kaMantengu. Uthi kusetshenz­we kanzima kulandwa leli bhande, ngakho-ke ngeke kube kuhle ukuba lihambe ngaphandle kokuthi alivikele eringini. Uthi kungenzeka ayihlele ngokubambi­sana noThulani “3 Seconds” Nkwanyana obeyibhoki­sa, kodwa oseyinyang­a edumile KwaZulu-Natal.

Uthi usaxoxisan­a nekhempu kaTapiwa Tembo waseZimbab­we ukuba kube yileli bhokisa elilwa noMantengu. Uthi le mpi kumele ibe ngasekuphe­leni kukaNhlola­nja. Izimpi zikaManten­gu zihlelwa nguMagudul­ela, kodwa akasekho ejimini yakhe njengoba esezinze eGauteng.

 ??  ?? UTHULANI Magudulela no-Innocent Mantengu
UTHULANI Magudulela no-Innocent Mantengu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa